Kungani Kufanele Ngigweme Izithombe Ezingcolile?
Isahluko 33
Kungani Kufanele Ngigweme Izithombe Ezingcolile?
Kukangaki uzithela ezithombeni ezingcolile ungahlosile?
□ Angikaze
□ Kuyaqabukela
□ Njalo nje
Uvame ukuzithola kuphi?
□ Kuyi-Internet
□ Esikoleni
□ Kuyi-TV
□ Kwenye indawo
Uye wenzenjani?
□ Ngifulathela ngokushesha.
□ Ilukuluku lingenza ngizibuke isikhashana.
□ Ngiyaqhubeka ngizibuka ngize ngifune ezinye.
NGESIKHATHI abazali bakho bengangawe, abantu ababefuna ukubuka izithombe ezingcolile kwakufanele bazifune. Namuhla, kubonakala sengathi izithombe ezingcolile yizona ezifuna wena. Intombazane eneminyaka engu-19 ithi, “Ngezinye izikhathi ngisuke ngibuka izingosi noma ngithenga kuyi-Internet noma nje ngibheka izitatimende zasebhange bese kuthi thushu izithombe ezingcolile!” Akuyona into engavamile lena. Kokunye ukuhlola, intsha engamaphesenti angu-90 eneminyaka ephakathi kwengu-8 nengu-16 yathi isike yazithela ezithombeni ezingcolile kuyi-Internet—ngokuvamile lapho yenza umsebenzi wesikole!
Njengoba izithombe ezingcolile zikuyo yonke indawo, ungase uzibuze, ‘Ingabe ziyingozi ngempela?’ Impendulo ithi yebo! Izithombe ezingcolile zilulaza kokubili abazenzayo nalabo abazibukayo, futhi ngokuvamile ukuzibuka kuyisinyathelo esiholela ezonweni zobulili. Kodwa akupheleli lapho.
Ukubuka izithombe ezingcolile kungaba umkhuba onemiphumela ebuhlungu nehlala njalo. Ngokwesibonelo, cabanga ngendoda egama layo nguJeff okwathi ngisho nangemva kweminyaka engu-14 yagqashula ezithombeni ezingcolile, yathi: “Kuseyimpi yansuku zonke. Nakuba lesi sifiso sesinciphile, sisekhona sona. Lisekhona ilukuluku. Izithombe zisekhona engqondweni. Ngifisa sengathi ngabe angiyiqalanga le nkambo embi. Ekuqaleni zazibonakala zingeyona ingozi. Kodwa manje sengazi kangcono. Izithombe ezingcolile ziyalimaza, ziyihlazo futhi zilulaza abazenzayo nabazibukelayo. Kungakhathaliseki ukuthi abazitusayo bathini, akukho lutho—ngisho noluncane—oluhle ngezithombe ezingcolile.”
Ukuhlola Isimo
Ungakugwema kanjani ukuzithela ezithombeni ezingcolile
ungahlosile? Okokuqala, hlaziya isimo. Ingabe kunendlela evamile ozithola ngayo? Cabangela izibonelo ezilandelayo:Ingabe ofunda nabo esikoleni kungenzeka bakuthumelele izithombe ezingcolile nge-e-mail noma ngomakhalekhukhwini? Uma kunjalo, kungaba ukuhlakanipha ukuvele uyesule imiyalezo yabo ngaphandle kokuyivula.
Lapho ucwaninga nge-Internet, ingabe kuvela imiyalezo ethile ezivulekelayo lapho ubhala amagama athile? Ukwazi ukuthi kuyenzeka lokhu kungakusiza ukuba ucophelele lapho usebenzisa amagama athile.
Ngezansi, bhala noma iziphi izimo eziye zaholela ekubeni ubone izithombe ezingcolile.
․․․․․
Ingabe kukhona ongakwenza ukuze unciphise izikhathi ozithela ngazo ezithombeni ezingcolile ungahlosile? Uma kukhona, bhala ngezansi lokho ohlela ukukwenza.
․․․․․
Uma Usungumlutha Kakade
Kungenye into ukuzithela ezithombeni ezingcolile ungahlosile, futhi kungenye ukuzibuka ngamabomu. Kuthiwani uma sekuwumkhuba? Ungalenzi iphutha—akulula ukugqashula kulo mkhuba. Ngokwesibonelo: Ake sithi izandla zakho ziboshwe
ndawonye ngomucu owodwa kakotini. Ubungase uwugqashule kalula lo kotini ngokumane uhlukanise izandla. Kodwa kuthiwani uma izandla zakho zithandelwe kaninginingi ngalowo kotini? Ukugqashula bekungaba nzima kakhulu. Kungokufanayo nangabantu abanomkhuba wokubukela izithombe ezingcolile. Lapho beqhubeka bezibuka, kuba yilapho beba imilutha ngokwengeziwe. Uma kwenzekile lokhu kuwe, ungagqashula kanjani?Qonda lokho izithombe ezingcolile eziyikho ngempela. Ziwumzamo kaSathane wokululaza lokho uJehova akudala ukuba kuhlonipheke. Ukuqonda lokhu ngezithombe ezingcolile kuyokusiza ukuba ‘uzonde okubi.’—IHubo 97:10.
Cabanga ngemiphumela. Izithombe ezingcolile zibhidliza imishado. Zibaqeda isithunzi abantu ababoniswa kuzona. Ziyamehlisa umuntu ozibukayo. Ngesizathu esihle, iBhayibheli lithi: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha.” IzAga 22:3) Ngezansi, bhala isibonelo esisodwa senhlekelele engase ikwehlele uma unomkhuba wokubukela izithombe ezingcolile.
(․․․․․
Yenza isinqumo esiwujuqu. Indoda ethembekile uJobe yathi: “Ngifungile ukuthi anginakulokotha ngibuke intombazane ngiyikhanukele.” (Jobe 31:1, Today’s English Version) Ngezansi ‘kunezifungo’ ezimbalwa ongazenza:
Ngeke ngiyisebenzise i-Internet uma ngingedwa endlini.
Ngizoyivala ngokushesha yonke imiyalezo noma izingosi ezibonisa ubulili ingcaca.
Ngizoxoxa nomngane ovuthiwe uma ngiba nale nkinga futhi.
Sikhona yini esinye isinqumo esisodwa noma ezimbili ezingakusiza empini yakho nezithombe ezingcolile? Uma kunjalo, zibhale lapha.
․․․․․
Thandaza ngalolu daba. Umhubi wanxusa uJehova: “Yenza ukuba amehlo ami adlule angakuboni okungenanzuzo.” (IHubo 119:37) UJehova uNkulunkulu ufuna ukuba uphumelele, futhi angakunika amandla ukuze ukwazi ukwenza okulungile!—Filipi 4:13.
Xoxa nothile. Ngokuvamile ukuthola umuntu ongamthululela isifuba kuyisinyathelo esibalulekile sokugqashula kulo mkhuba. (IzAga 17:17) Ngezansi bhala igama lomuntu ovuthiwe ongazizwa ukhululekile ukuxoxa naye ngalolu daba.
․․․․․
Qiniseka ukuthi ungaphumelela empini yakho yokugqashula ezithombeni ezingcolile. Empeleni, isikhathi ngasinye lapho uzigwema, usuke unqobe impi ebalulekile. Tshela uJehova ngokunqoba kwakho, futhi umbonge ngamandla akunike wona. Khumbula njalo ukuthi ngokugwema uhlupho lwezithombe ezingcolile, uthokozisa inhliziyo kaJehova!—IzAga 27:11.
UMBHALO OYINHLOKO
“Ngakho-ke, bulalani amalungu emizimba yenu asemhlabeni ngokuqondene nobufebe, ukungcola, isifiso sobulili, isifiso esilimazayo, nokuhaha, okuwukukhonza izithombe.”—Kolose 3:5.
ICEBISO
Qiniseka ukuthi i-computer yakho icushwe ngendlela yokuba izingosi zezithombe ezingcolile zingavuleki. Gwema nokuvula ama-e-mail ongawazi ukuthi avela kubani.
UBUWAZI . . . ?
Ukuthandwa kangaka kwezithombe ezingcolile kufana nezifiso zobulili ezingafanele zezidalwa zomoya ezonakele zosuku lukaNowa.—Genesise 6:2.
ENGIZOKWENZA!
Ukuze ngingaziboni izithombe ezingcolile, ngizo- ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Izithombe ezingcolile ziyilulaza kanjani into ehloniphekile?
● Ungayisiza kanjani ingane yakini enenkinga yokubukela izithombe ezingcolile?
[Amazwi ahambisana nesithombe esisekhasini 278]
“Ngaphambi kokuba ngifunde iBhayibheli, ngake ngasebenzisa cishe zonke izidakamizwa eziyingozi. Kodwa kuzo zonke izinto ezake zangilutha, izithombe ezingcolile yizona okwakunzima kakhulu ukugqashula kuzo. Usizo lukaJehova kuphela olwenze ngakwazi ukubhekana nale nkinga.’’—UJeff
[Isithombe ekhasini 276]
Lapho uqhubeka ubukela izithombe ezingcolile, kuya kuba nzima nakakhulu ukugqashula kuzo