Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukwaziswa Kwabeze Emhlanganweni

Ukwaziswa Kwabeze Emhlanganweni

UBHAPATHIZO Abadala benze amalungiselelo obhapathizo ngokuvumelana nezimo zendawo ukuze labo abazobhapathizwa babhapathizwe ngemva kwesimiso sasekuseni ngoMgqibelo.

IMINIKELO Lo mhlangano uhunyushelwe ezilimini ezingaphezu kuka-400. Iminikelo yakho yokuzithandela isiza ekusekeleni lo msebenzi womhlaba wonke. Unganikela nge-Inthanethi ngokungena ku-donate.pr418.com. Yonke iminikelo yaziswa kakhulu. INdikimba Ebusayo ifisa ukunibonga ngokusekela kwenu imisebenzi ephathelene noMbuso ngesandla esivulekile.

ISIKOLE SABASHUMAYELI BEVANGELI LOMBUSO Amaphayona aneminyaka ephakathi kuka-23 no-65 anesifiso sokwandisa inkonzo yawo, amenywa ukuba axhumane nonobhala webandla akulo bese egcwalisa isicelo esiku-Inthanethi sokuya eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso.

Uhlelwe INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova

© 2021 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania