Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 11

“Akekho Omunye Umuntu Owake Wakhuluma Kanje”

“Akekho Omunye Umuntu Owake Wakhuluma Kanje”

1, 2. (a) Kungani izikhonzi ezazithunywe ukubopha uJesu zabuya zilambatha? (b) Yini eyenza uJesu waba umfundisi ophumelelayo?

ABAFARISI bathukuthele bayangqangqa. UJesu usethempelini ufundisa ngoYise. Abamlalele bahlukene phakathi; abaningi bayakholelwa kuJesu, kanti abanye bafuna aboshwe. Bengakwazi ukubamba intukuthelo yabo, abaholi benkolo bathuma izikhonzi ukuba ziyobopha uJesu. Nokho izikhonzi zibuya zilambatha. Abapristi abakhulu nabaFarisi bafuna ukwazi ukuthi kwenzekeni: “Kungani ningezanga naye?” Izikhonzi ziyaphendula: “Akekho omunye umuntu owake wakhuluma kanje.” Ukufundisa kukaJesu kwazihlaba umxhwele kangangokuba azikwazanga ukumbopha. *Johane 7:45, 46.

2 Lezi zikhonzi kwakungezona zodwa ezazihlatshwe umxhwele ukufundisa kukaJesu. Abantu babebuthana ngobuningi bezomlalela nje efundisa. (Marku 3:7, 9; 4:1; Luka 5:1-3) Kungani uJesu ayengumfundisi ophumelela kangaka? Njengoba sibonile eSahlukweni 8, wayewathanda amaqiniso ayewafundisa, ebathanda nabantu ayebafundisa. Wayeyiciko nasekusebenziseni izindlela zokufundisa. Ake sicabangele izindlela ezintathu eziphumelelayo azisebenzisa nokuthi singazilingisa kanjani.

Ukufundisa Ngendlela Elula

3, 4. (a) Kungani uJesu asebenzisa inkulumo elula lapho efundisa? (b) INtshumayelo YaseNtabeni iyibonisa kanjani indlela elula uJesu ayefundisa ngayo?

3 Ungacabanga nje ukuthi uJesu wayenenqolobane engakanani yamagama? Kepha lapho efundisa akazange akhulume ngendlela eyayidida izilaleli zakhe, iningi lazo ‘elalingafundile, livamile.’ (IzEnzo 4:13) Wayekucabangela ukungapheleli kwezingqondo zazo, engazigixabezi ngolwazi oluningi kakhulu. (Johane 16:12) Amagama ayewasebenzisa ayelula, kodwa equkethe amaqiniso abaluleke kakhulu.

4 Ngokwesibonelo, cabanga ngeNtshumayelo YaseNtabeni, elotshwe kuMathewu 5:3–7:27. Kule ntshumayelo uJesu wanikeza iseluleko esijulile, esifinyelela emnyombweni wendaba. Akasebenzisanga amaphuzu noma inkulumo enzima. Empeleni, cishe alikho nelilodwa igama umntwana omncane angeke aliqonde kalula! Akumangazi-ke ukuthi lapho uJesu eqeda, izixuku—okungenzeka zazihlanganisa abalimi, abelusi nabadobi—“zakhexa ngendlela yakhe yokufundisa.”—Mathewu 7:28.

5. Nikeza izibonelo zezinkulumo zikaJesu ezilula kodwa eziqukethe lukhulu.

5 Lapho efundisa, uJesu wayevame ukusebenzisa imishwana elula kodwa equkethe lukhulu. Ngale ndlela, wagxilisa isigijimi sakhe ezingqondweni nasezinhliziyweni zezilaleli zakhe, ngenkathi zingakabi khona izincwadi. Cabangela ezinye izibonelo: “Yekani ukwahlulela ukuze ningahlulelwa.” “Abantu abanempilo enhle abamdingi udokotela, kodwa ngabagulayo abamdingayo.” “Umoya uyalangazela, kodwa inyama ibuthakathaka.” “Buyiselani okukaKhesari kuKhesari, kodwa okukaNkulunkulu kuNkulunkulu.” “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” * (Mathewu 7:1; 9:12; 26:41; Marku 12:17; IzEnzo 20:35) Eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 ngemva kokuba la mazwi akhulunywa okokuqala, asakhumbuleka nanamuhla.

6, 7. (a) Ukuze sifundise ngendlela elula, kungani kubalulekile ukusebenzisa ulimi olulula? (b) Singakugwema kanjani ukugxisha umfundi weBhayibheli ngolwazi oluningi kakhulu?

6 Thina singafundisa kanjani ngendlela elula? Indlela ebalulekile iwukusebenzisa ulimi olulula abantu abaningi abangaluqonda kalula. Amaqiniso ayisisekelo eZwi likaNkulunkulu awayona inkimbinkimbi. UJehova wembule izinjongo zakhe kwabanezinhliziyo eziqotho nezithobekile. (1 Korinte 1:26-28) Amazwi alula akhethwe kahle angawachaza kahle kakhulu amaqiniso eZwi likaNkulunkulu.

Lapho ufundisa, fundisa ngendlela elula

7 Ukuze sifundise ngendlela elula, kumelwe siqikelele ukuba singamgxishi ngolwazi oluningi kakhulu umuntu ofundelwayo. Ngakho lapho siqhuba isifundo seBhayibheli, akudingeki sichaze yonke imininingwane; kube kungadingeki nokujaha ukuqeda esikufundayo njengokungathi ukufunda amakhasi amaningi yikona okubalulekile. Kunalokho, kuwukuhlakanipha ukuvumela izidingo zomfundi nekhono lakhe kunqume ijubane lesifundo. Umgomo wethu uwukusiza umfundi abe umlandeli kaKristu nomkhulekeli kaJehova. Ukuze siwufinyelele lowo mgomo, kudingeka sisebenzise noma yisiphi isikhathi esidingekayo ukuze umfundi akuqonde lokho akufundayo. Yilokho kuphela okuyokwenza iqiniso leBhayibheli lithinte inhliziyo yakhe, limshukumisele ukuba asebenzise akufundile.—Roma 12:2.

Ukubuza Imibuzo Efanele

8, 9. (a) Kungani uJesu abuza imibuzo? (b) UJesu wayisebenzisa kanjani imibuzo ukuze asize uPetru afinyelele isiphetho esiqondile endabeni yokukhokha intela yethempeli?

8 UJesu wayisebenzisa ngokuphawulekayo imibuzo ngisho nalapho kwakuyothatha isikhathi esincane ukuvele atshele isilaleli sakhe iphuzu. Pho kungani ayebuza imibuzo? Ngezinye izikhathi wayesebenzisa imibuzo ehlolayo ukuze adalule izisusa zababemphikisa, kanjalo abavale umlomo. (Mathewu 21:23-27; 22:41-46) Nokho, ezikhathini eziningi wayesebenzisa imibuzo ukuze enze abafundi bakhe basho lokho ababekucabanga, ukuze ashukumise, aqeqeshe amandla abo okucabanga. Ngenxa yalokho, wabuza imibuzo efana nethi, “Nicabangani?” “Uyakukholelwa lokhu?” (Mathewu 18:12; Johane 11:26) Ngemibuzo, uJesu wafinyelela futhi wathinta izinhliziyo zabafundi bakhe. Cabangela isibonelo.

9 Ngesinye isikhathi abathelisi babuza uPetru ukuthi uJesu uyayikhokha yini intela yethempeli. * UPetru waphendula engacabanganga, wathi, “Yebo.” Kamuva uJesu wabonisana naye: “Ucabangani, Simoni? Amakhosi omhlaba ayamukela kobani intela yempahla noma intela yekhanda? Emadodaneni awo noma ezihambini?” UPetru waphendula: “Ezihambini.” UJesu wathi: “Khona-ke, ngempela amadodana awayikhokhi intela.” (Mathewu 17:24-27) Ngokusobala iphuzu lale mibuzo lakhanya kuPetru, ngoba kwakwaziwa ukuthi abantu basebukhosini abayikhokhi intela. Ngakho, njengeNdodana ezelwe yodwa yeNkosi yasezulwini eyayikhulekelwa kulelo thempeli, uJesu wayengabophekile ukuba akhokhe leyo ntela. Phawula ukuthi kunokuba amane atshele uPetru impendulo enembile, uJesu wayisebenzisa ngokuhlakanipha imibuzo ukuze amsize afinyelele isiphetho okuyiso futhi mhlawumbe abone nesidingo sokucabangisisa ngaphambi kokuphendula esikhathini esizayo.

Buza imibuzo ezofanelana nokuthandwa umninikhaya

10. Singayisebenzisa kanjani ngempumelelo imibuzo lapho sishumayela endlini ngendlu?

10 Singayisebenzisa kanjani ngempumelelo imibuzo enkonzweni yethu? Lapho sishumayela endlini ngendlu, singasebenzisa imibuzo ukuze sivuse isithakazelo, mhlawumbe sivule ithuba lokuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye. Ngokwesibonelo, uma sithola umuntu osekhulile, singase simbuze ngenhlonipho, “Izwe liye lashintsha kanjani phakathi nesikhathi sokuphila kwakho?” Ngemva kokumlinda aphendule, singabe sesibuza, “Ucabanga ukuthi kungadingekani ukuze leli zwe libe yindawo engcono esingahlala kuyo?” (Mathewu 6:9, 10) Uma sithola umama onezingane ezincane, singase sibuze, “Wake wazibuza nje ukuthi leli zwe liyobe linjani lapho izingane zakho sezikhulile?” (IHubo 37:10, 11) Ngokuqaphelisisa lapho siyongena endlini, singakwazi ukukhetha umbuzo ofanelana nezidingo zomninikhaya.

11. Singayisebenzisa kanjani ngendlela ephumelelayo imibuzo lapho siqhuba isifundo seBhayibheli?

11 Singayisebenzisa kanjani ngempumelelo imibuzo lapho siqhuba isifundo seBhayibheli? Imibuzo ekhethwe kahle ingasisiza sithole imizwa esenhliziyweni yomfundi. (IzAga 20:5) Ngokwesibonelo, ake sithi sifunda isahluko esithi “Ukuphila Ngendlela Ejabulisa UNkulunkulu” encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? * Lesi sahluko sixoxa ngombono kaNkulunkulu ngezinto ezifana nokuziphatha okubi kobulili, ukudakwa nokuqamba amanga. Izimpendulo zomfundi zingase zibonise ukuthi uyakuqonda lokho okufundiswa iBhayibheli, kodwa ingabe uyavumelana yini nalokho akufundayo? Singase simbuze, “Ingabe umbono kaNkulunkulu ngalezi zinto ubonakala unengqondo kuwe?” Singambuza nokuthi, “Ungakusebenzisa kanjani lokhu esikufundayo ekuphileni kwakho?” Nokho, khumbula isidingo sokuba onesu lokungacunuli, ulondoloze isithunzi somfundi. Asifuni nanini ukubuza imibuzo engase imenze abe namahloni ngokungenasidingo.—IzAga 12:18.

Ukusebenzisa Ukuhlakanipha Okunamandla

12-14. (a) UJesu walisebenzisa ngaziphi izindlela ikhono lakhe lokubonisana nabantu? (b) UJesu wabonisana kanjani nabaFarisi ababethi amandla akhe avela kuSathane?

12 Ngengqondo yakhe ephelele, uJesu wayenekhono lokubonisana nabantu. Ngezinye izikhathi wayesebenzisa ukuhlakanipha okunamandla ukuze achithe izinsolo zababemphikisa. Ezikhathini eziningi wayebonisana nabalandeli bakhe ngendlela ethonyayo ukuze abafundise izifundo ezibalulekile. Ake sibheke ezinye izibonelo.

13 Ngemva kokuba uJesu elaphe indoda eyayinamademoni, iyimpumputhe futhi iyisimungulu, abaFarisi bamsola: “Lo muntu uxosha amademoni ngoBhelizebhubhe [uSathane] kuphela, umbusi wamademoni.” Babevuma ukuthi amademoni angakhishwa ngamandla angaphezu kwawomuntu. Nokho, bathi amandla kaJesu avela kuSathane. Lokhu kwakungewona nje amanga kuphela kodwa futhi kwakungenangqondo. Edalula ukudideka kwabo, uJesu waphendula: “Yonke imibuso ehlukene phakathi iyachitheka, futhi yonke imizi noma izindlu ezihlukene phakathi ngeke zime. Ngendlela efanayo, uma uSathane exosha uSathane, uhlukene yedwa; khona-ke, umbuso wakhe uyokuma kanjani na?” (Mathewu 12:22-26) Empeleni uJesu wayethi: “Uma kuwukuthi ngisebenzela uSathane, kodwa ngibe ngicekela phansi umsebenzi wakhe, kusho ukuthi uSathane uzilimaza yena ngokwakhe futhi ngokushesha uzokufa.” Babengakuphikisa kanjani ukuhlakanipha okugculisa kangako?

14 UJesu wayengakaqedi ukubonisana nabo. Azi ukuthi abanye babafundi babaFarisi babekhiphe amademoni, wababuza umbuzo olula kodwa onamandla: “Uma mina ngixosha amademoni ngoBhelizebhubhe, amadodana enu [noma abafundi] wona awaxosha ngobani?” (Mathewu 12:27) Ngokuyisisekelo iphuzu likaJesu kwakuyileli: “Uma mina ngixosha amademoni ngamandla kaSathane, kumelwe ukuba nabafundi benu basebenzisa amandla afanayo.” Babengathini abaFarisi? Babengasoze bavuma ukuthi abafundi babo basebenzisa amandla kaSathane. Ngakho uJesu wasebenzisa ukucabanga kwabo okuyiphutha ukuze abenze bafinyelele isiphetho abangasithandi. Akujabulisi yini ukufunda nje ngendlela uJesu abonisana ngayo nabo? Cabanga-ke ngezixuku ezazizwela mathupha uJesu ekhuluma, ngoba kumelwe ukuba isiqu sakhe nezwi lakhe kwenza amazwi akhe aba namandla nangokwengeziwe.

15-17. Yisho isibonelo sendlela uJesu asebenzisa ngayo indlela yokubonisana nabanye ethi “kangakanani-ke” ukuze afundise amaqiniso ajabulisayo ngoYise.

15 UJesu wabonisana nabantu nangendlela enengqondo nethonyayo ukuze afundise amaqiniso akhuthazayo najabulisayo ngoYise. Wayevame ukubonisana nabo ngokusebenzisa inkulumo ethi “kangakanani-ke”—esiza izilaleli zakhe zisebenzise amaqiniso eziwaziyo ukuze ziqonde amanye anzima kakhudlwana. Le ndlela yokubonisana esekelwe ekuqhathaniseni ingayigxilisa into engqondweni. Ake sihlole izibonelo ezimbili nje kuphela.

16 Lapho ephendula isicelo sabafundi bakhe sokubafundisa ukuthandaza, uJesu wachaza ukuzimisela kwabazali abangaphelele “ukupha” izingane zabo “izipho ezinhle.” Wayesephetha: “Uma nina, nakuba nibabi, nikwazi ukunika abantwana benu izipho ezinhle, kangakanani-ke ngoBaba osezulwini, uyobanika umoya ongcwele labo abawucela kuye!” (Luka 11:1-13) Iphuzu likaJesu lisekelwe ekuqhathaniseni. Uma abazali abanesono benakekela izidingo zezingane zabo, kakhulu kangakanani-ke uBaba osezulwini, ophelele nolunge ngazo zonke izindlela, uyobanikeza umoya ongcwele abakhulekeli bakhe abaqotho abeza kuye ngokuzithoba ngomthandazo!

17 UJesu wasebenzisa indlela efanayo lapho enikeza iseluleko esihlakaniphile sokubhekana nokukhathazeka. Wathi: “Amagwababa awahlwanyeli mbewu futhi awavuni, awanangobo nanqolobane, kodwa nokho uNkulunkulu uyawondla. Nina nibaluleke kakhulu kangakanani kunezinyoni? Qaphelisisani indlela iminduze ekhula ngayo; ayikhandleki futhi ayiphothi . . . Manje, uma uNkulunkulu egqokisa kanjalo izimila zasendle ezikhona namuhla kusasa ziphonswe eziko, yeka ukuthi uyonigqokisa kangakanani-ke nina eninokholo oluncane!” (Luka 12:24, 27, 28) Uma uJehova enakekela izinyoni nezimbali, uyobanakekela kakhulu kangakanani-ke abantu abamthandayo nabamkhulekelayo! Ngokubonisana nezilaleli zakhe kanje, ngokuqinisekile uJesu wazithinta izinhliziyo zazo.

18, 19. Singabonisana kanjani nomuntu othi akakholelwa kuNkulunkulu angamboni?

18 Enkonzweni yethu sifuna ukubonisana nabanye ngendlela enengqondo ukuze sichithe izinkolelo zamanga. Sifuna nokusebenzisa ukubonisana okuthonyayo ukuze sifundise amaqiniso amnandi ngoJehova. (IzEnzo 19:8; 28:23, 24) Ingabe kufanele sifunde indlela eyinkimbinkimbi yokubonisana nabantu? Lutho neze. Esikufunda kuJesu ukuthi ukubonisana nabanye ngendlela elula yikona okusebenza kangcono.

19 Ngokwesibonelo, singasabela kanjani lapho umuntu ethi akakholelwa kuNkulunkulu angamboni? Singabonisana naye ngokuthi into eyenzekayo ihlale inembangela. Lapho sibona umphumela, siyaqonda ukuthi kumelwe ukuba kunembangela. Singase sithi: “Uma usendaweni eyihlane bese uzithela endlini eyakhiwe kahle enokudla ngaphakathi (umphumela), ubungeke yini uphethe kalula ngokuthi yakhiwe othile (imbangela)? Ngendlela efanayo, lapho sibona umklamo osendalweni nenqwaba yokudla ‘okusezinqolobaneni’ (umphumela), kunengqondo ukuphetha ngokuthi kwenziwe oThile (iMbangela), akunjalo? IBhayibheli ngokwalo lisebenzisa le ndlela yokucabanga: ‘Yileyo naleyo ndlu yakhiwa othile, kodwa lowo owakha izinto zonke uNkulunkulu.’” (Hebheru 3:4) Nokho, kungakhathaliseki ukuthi sibonisana kahle kangakanani nabantu, akubona bonke abayogculiseka.—2 Thesalonika 3:2.

Bonisana nomuntu ngendlela ezomfinyelela inhliziyo

20, 21. (a) Indlela yokubonisana nabanye ethi “kangakanani-ke” singayisebenzisa kanjani ukuze siqokomise izimfanelo nezindlela zikaJehova? (b) Sizoxoxa ngani esahlukweni esilandelayo?

20 Lapho sifundisa, kungaba sensimini noma ebandleni, singayisebenzisa indlela yokubonisana nabantu ethi “kangakanani-ke” ukuze siqokomise izimfanelo nezindlela zikaJehova. Ngokwesibonelo, ukuze sibonise ukuthi imfundiso yokuhlushwa phakade esihogweni somlilo ihlambalaza uJehova singase sithi: “Ukhona yini ubaba onothando ongajezisa ingane yakhe ngokufaka isandla sayo emlilweni? Yeka ukuthi unyanyeka kangakanani-ke umqondo wesihogo kuBaba wethu wasezulwini onothando!” (Jeremiya 7:31) Ukuze siqinisekise esikholwa naye ocindezelekile ukuthi uJehova uyamthanda, singathi: “Uma uJehova ebheka ngisho nondlunkulu omncane njengobalulekile, ubakhathalela futhi ubathanda kakhulu kangakanani-ke abakhulekeli bakhe ngabanye lapha emhlabeni, kuhlanganise nawe!” (Mathewu 10:29-31) Ukubonisana nabantu kanjalo kungasisiza sibafinyelele izinhliziyo.

21 Ngemva kokuhlola izindlela zokufundisa ezintathu nje uJesu azisebenzisa, singabona ukuthi amasosha ayethunywe ukuyobopha uJesu kodwa ehluleka, ayengenzi ihaba lapho ethi: “Akekho omunye umuntu owake wakhuluma kanje.” Esahlukweni esilandelayo, sizoxoxa ngendlela yokufundisa cishe uJesu adume kakhulu ngayo, ukufundisa ngemifanekiso.

^ par. 1 Kungenzeka ukuthi lezi zikhonzi zazisebenzela iSanhedrini futhi ziphethwe abapristi abakhulu.

^ par. 5 Le nkulumo yokugcina, etholakala encwadini yezEnzo 20:35, icashunwa umphostoli uPawulu kuphela. Kungenzeka wayitshelwa ngomlomo (mhlawumbe etshelwa umuntu owezwa uJesu eyisho noma eyizwa kuJesu ovusiwe) noma wayambulelwa ngokwaphezulu.

^ par. 9 AmaJuda kwakumelwe akhokhe intela yethempeli engaba izinhlamvu zesiliva ezimbili njalo ngonyaka, imali engaba umholo wezinsuku ezimbili. Enye incwadi ithi: “Ngokuyinhloko le ntela yayisetshenziselwa ukunakekela izindleko zeminikelo yokushiswa yansuku zonke kanye nayo yonke iminikelo evamile eyayenzelwa isizwe.”

^ par. 11 Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.