Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 9

“Hambani Niyokwenza . . . Abafundi”

“Hambani Niyokwenza . . . Abafundi”

Yini angayenza umlimi uma isivuno sisiningi kakhulu ukuba angasivuna yedwa?

1-3. (a) Yini eyenziwa umlimi uma isivuno sisiningi kakhulu ukuba asivune yedwa? (b) Iyiphi inselele ebhekana noJesu ngentwasahlobo ka-33 C.E., futhi uyixazulula kanjani?

UMLIMI ubhekene nenselele yangempela. Ezinyangeni ezithile ezedlule walima amasimu watshala. Wayebheke ngesikhulu isineke njengoba imbewu ihluma, wajabula nalapho izitshalo zikhula. Manje wonke umsebenzi wakhe onzima uyavuzwa ngoba sesifikile isikhathi sokuvuna. Nansi inkinga yakhe: Ukudla kuvume kakhulu ukuba angakuvuna yedwa. Ukuze axazulule le nkinga, ngokuhlakanipha unquma ukuqasha izisebenzi azithumele emasimini. Phela silinganiselwe isikhathi sokuvuna ukudla kwakhe okuyigugu.

2 Entwasahlobo ka-33 C.E., uJesu ovusiwe ubhekene nenselele efanayo. Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, wahlwanyela imbewu yeqiniso. Manje sekufanele kuvunwe futhi ukudla kuvumile. Abaningi abasabelayo kudingeka baqoqwe njengabafundi. (Johane 4:35-38) UJesu uyixazulula kanjani le nselele? Esentabeni yaseGalile esezonyukela ezulwini, uthuma abafundi bakhe ukuba bayofuna izisebenzi ezengeziwe, ethi: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize . . . , nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.”—Mathewu 28:19, 20.

3 Lokho kuthunywa kuwumnyombo walokho okushiwo ukuba umlandeli kaKristu wangempela. Ake sihlole imibuzo emithathu manje. Kungani uJesu akhipha umyalo wokuba kubizwe izisebenzi ezengeziwe? Wabaqeqesha kanjani abafundi bakhe ukuba bazifune? Thina sihileleke kanjani kulo myalo?

Isizathu Sokuba Kudingeke Izisebenzi Ezengeziwe

4, 5. Kungani uJesu ayengeke awuqede umsebenzi ayewuqalile, futhi obani okwakuzodingeka bawuqhube uma esebuyele ezulwini?

4 Lapho uJesu eqala inkonzo yakhe ngo-29 C.E., wayazi ukuthi wayeqala umsebenzi ayengeke awuqede yedwa. Esikhathini esifushane esasimsalele, incane indawo ayengayifinyelela ngesigijimi soMbuso, nenani labantu ayengabafinyelela ngaleso sigijimi. Yiqiniso, ngokuyinhloko wayeshumayeza amaJuda namaproselithe, ‘izimvu ezilahlekile zendlu ka-Israyeli.’ (Mathewu 15:24) Kodwa lezo ‘zimvu ezilahlekile’ zazisakazekele kulo lonke elakwa-Israyeli, izwe elibanzi impela. Nangaphandle kwalokho, ekugcineni yonke insimu ewumhlaba kwakuzodingeka ifinyelelwe ngezindaba ezinhle.—Mathewu 13:38; 24:14.

5 UJesu wayeqaphela ukuthi mkhulu umsebenzi okwakuzodingeka usale wenziwa uma esefile. Kubaphostoli bakhe abathembekile abangu-11 wathi: “Ngiqinisile impela ngithi kini, Obonisa ukholo kimi, lowo uyokwenza nemisebenzi engiyenzayo; futhi uyokwenza imisebenzi emikhulu kunale, ngoba ngiyahamba ngiya kuBaba.” (Johane 14:12) Ngenxa yokuthi iNdodana yayibuyela ezulwini, abalandeli bayo—hhayi abaphostoli bodwa, kodwa nabo bonke ababezoba abafundi—kwakuzodingeka bawuqhube umsebenzi wokushumayela nokufundisa. (Johane 17:20) Ngokuthobeka uJesu wavuma ukuthi umsebenzi wabo wawuyoba ‘mkhulu kunowakhe.’ Kanjani? Ngezindlela ezintathu.

6, 7. (a) Imisebenzi yabalandeli bakaJesu yayiyoba mikhulu ngaziphi izindlela kuneyakhe? (b) Singabonisa kanjani ukuthi uJesu wayengenzi iphutha ngokwethemba abalandeli bakhe?

6 Eyokuqala, abalandeli bakaJesu babeyohlanganisa insimu enkulu kunaye. Namuhla ukushumayela kwabo kuye kwafinyelela emaphethelweni omhlaba, kude lé nemingcele yezwe uJesu ashumayela kulo. Eyesibili, babeyofinyelela abantu abengeziwe kunaye. Iqenjana elincane labafundi uJesu alishiya ngemuva landa ngokushesha lafinyelela ezinkulungwaneni. (IzEnzo 2:41; 4:4) Manje selibalelwa ezigidini, kanti kubhapathizwa amakhulu ezinkulungwane abantu abasha unyaka nonyaka. Eyesithathu, babeyoshumayela isikhathi eside kunaye—kuze kube yilolu suku, sekudlule cishe iminyaka engu-2 000 yaphela inkonzo kaJesu yeminyaka emithathu nesigamu.

7 UJesu wayeveza ukubethemba abalandeli bakhe lapho ethi babeyokwenza “imisebenzi emikhulu kunale.” Wayebanika umsebenzi obaluleke kunayo yonke kuye, wokushumayela nokufundisa “izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu.” (Luka 4:43) Wayeqiniseka ukuthi babeyosenza ngokwethembeka lesi sabelo. Kusitshelani thina lokhu namuhla? Lapho siphishekela inkonzo ngentshiseko nangenhliziyo yonke, sibonisa ukuthi wayengenzi iphutha uJesu ngokwethemba abalandeli bakhe. Akulona ilungelo elikhulu leli?—Luka 13:24.

Baqeqeshelwa Ukunikeza Ubufakazi

Uthando lusishukumisela ukuba sishumayele nomaphi lapho kutholakala khona abantu

8, 9. Yisiphi isibonelo esabekwa uJesu enkonzweni, futhi singasilingisa kanjani?

8 UJesu wabaqeqesha kahle kakhulu abafundi bakhe, ebaqeqeshela inkonzo. Okubaluleke kakhulu, wababekela isibonelo esiphelele. (Luka 6:40) Esahlukweni esingaphambili, sixoxe ngesimo sakhe sengqondo ngenkonzo. Ake uthi ukucabanga kancane ngabafundi ababehamba noJesu ohambweni lwakhe lokushumayela. Babebona ukuthi wayeshumayela nomaphi lapho kunabantu khona—emachibini, ezintabeni, emizini emikhulu, ezimakethe nasezindlini zabo. (Mathewu 5:1, 2; Luka 5:1-3; 8:1; 19:5, 6) Babona ukuthi wayekhuthele, esheshe avuke asebenze kuze kuhlwe. Inkonzo yayingeyona into ayezichithela ngayo isikhathi! (Luka 21:37, 38; Johane 5:17) Cishe babona ukuthi wayeshukunyiswa uthando olujulile ngabantu. Hleze babebona ubuso bakhe bubhalwe isihawu ayenaso enhliziyweni. (Marku 6:34) Ucabanga ukuthi isibonelo sikaJesu sabathinta kanjani abafundi bakhe? Wawuyothinteka kanjani wena?

9 Njengabalandeli bakaKristu, silingisa isibonelo sakhe enkonzweni yethu. Ngakho akukho muntu esimshiyayo lapho sinikeza “ubufakazi obuphelele.” (IzEnzo 10:42) NjengoJesu, siya kubantu emizini yabo. (IzEnzo 5:42) Sishintsha uhlelo lwethu uma kudingeka ukuze sibahambele ngezikhathi abasekhaya ngazo. Sibuye sicinge futhi sishumayeze abantu abasezindaweni zomphakathi—emigwaqweni, emapaki, ezitolo nasemisebenzini. “Sisebenza kanzima futhi siyazikhandla” enkonzweni ngoba siwubheka njengobalulekile lo msebenzi. (1 Thimothewu 4:10) Uthando olujulile nolusuka enhliziyweni ngabanye lusenza sihlale sifuna amathuba okushumayela noma nini nanomaphi lapho abantu betholakala khona.—1 Thesalonika 2:8.

“Abangamashumi ayisikhombisa babuya bejabula”

10-12. Yiziphi izifundo ezibalulekile uJesu azifundisa abafundi bakhe ngaphambi kokubathuma ukuba bayoshumayela?

10 Enye indlela uJesu aqeqesha ngayo abafundi bakhe yayingukubanikeza iziyalezo ezenabile. Ngaphambi kokuthuma abaphostoli abangu-12 nabafundi abangu-70 kamuva ukuba bayoshumayela, uJesu waqale wabaqeqesha. (Mathewu 10:1-15; Luka 10:1-12) Lokhu kuqeqeshwa kwaveza imiphumela emihle ngoba uLuka 10:17 uyabika: “Abangamashumi ayisikhombisa babuya bejabula.” Ake sifunde izifundo ezimbili ezifundweni ezibalulekile ezafundiswa uJesu, sikhumbule ukuthi izinto azisho kumelwe ziqondwe ngokwesizinda samasiko amaJuda ezikhathi zeBhayibheli.

11 UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathembele kuJehova. Wabatshela: “Ningaphathi golide nasiliva nathusi emixhakeni yenu eboshelwa ebhandeni, nasikhwama somphako, nazingubo zangaphansi ezimbili, nazimbadada naludondolo; ngoba isisebenzi sifanelwe ukudla kwaso.” (Mathewu 10:9, 10) Kwakuvamile ukuba izihambi ziphathe umxhaka wemali, isikhwama somphako, nezimbadada. * Ngokuyala abafundi bakhe ukuba bangazikhathazi ngezinto ezinjalo, uJesu empeleni wayethi: “Thembelani ngokuphelele kuJehova ngoba uyozinakekela izidingo zenu.” UJehova wayeyobanakekela ngokushukumisa abantu abamukela izindaba ezinhle ukuba bababonise umoya wokungenisa izihambi owawuyisiko kwa-Israyeli.—Luka 22:35.

12 UJesu wafundisa abafundi bakhe nokuba bagweme iziphazamiso ezingadingekile. Wathi: “Ekubingeleleni endleleni ningangi muntu.” (Luka 10:4) Ingabe uJesu wayethi kufanele bangabi namusa noma bachize? Cha. Ezikhathini zeBhayibheli ukubingelela kwakuvame ukuhlanganisa okungaphezulu kakhulu kokuthi sawubona. Ukubingelelana ngokwesiko kwakuhlanganisa imicikilisho ehlukahlukene nezingxoxo ezinde. Esinye isazi seBhayibheli sithi: “Abantu baseMpumalanga babengabingelelani ngokugoba kancane noma ngokuxhawulana njengoba senza thina, kodwa babangana kaningi futhi bekhothamisa amakhanda baze balale cába phansi. Konke lokhu kwakudinga isikhathi esiningi.” Ngokutshela abafundi bakhe ukuba bangalibali ukubingelelana ngokwesiko, uJesu empeleni wayethi: “Sisebenziseni kahle isikhathi senu ngoba isigijimi enisiphethe siyaphuthuma.” *

13. Singabonisa ngaziphi izindlela ukuthi siyazilalela iziyalezo uJesu azinika abafundi bakhe bekhulu lokuqala?

13 Siyazilalela iziyalezo uJesu azinikeza abafundi bakhe bekhulu lokuqala. Lapho senza inkonzo yethu, sithembela ngokuphelele kuJehova. (IzAga 3:5, 6) Siyazi ukuthi asisoze sazintula izidingo zokuphila uma ‘siqhubeka sifuna kuqala umbuso.’ (Mathewu 6:33) Abashumayeli boMbuso besikhathi esigcwele emhlabeni jikelele bangafakaza ukuthi ngisho nasezikhathini ezinzima, isandla sikaJehova asisifushane neze. (IHubo 37:25) Siyasiqaphela nesidingo sokugwema iziphazamiso. Uma singanakile, lesi simiso sezinto singasichezukisa kalula. (Luka 21:34-36) Kodwa akusona isikhathi sokuphazamiseka lesi. Njengoba ukuphila kusengozini, isigijimi sethu siyaphuthuma. (Roma 10:13-15) Ukugcina umuzwa wokuphuthuma uphila ezinhliziyweni zethu kuyosivimba singavumeli iziphazamiso zaleli zwe zidle isikhathi namandla ebesingawasebenzisa kangcono enkonzweni. Khumbula, isikhathi esisele sincane kanti ukuvuna kukhulu.—Mathewu 9:37, 38.

Umyalo Osithintayo

14. Yini ebonisa ukuthi umyalo okuMathewu 28:18-20 usebenza kubo bonke abalandeli bakaKristu? (Bheka nombhalo waphansi.)

14 Ngamazwi athi “Hambani niyokwenza . . . abafundi,” uJesu ovusiwe wayenika abalandeli bakhe umthwalo osindayo. Wayengacabangi nje kuphela ngabafundi ababekhona entabeni eGalile ngalolo suku lwasentwasahlobo. * Umsebenzi ayala ukuba wenziwe uhlanganisa ukufinyelela “abantu bazo zonke izizwe” futhi uyaqhubeka “kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” Ngokusobala, lo myalo usebenza kubo bonke abalandeli bakaKristu, kuhlanganise nathi namuhla. Ake sibhekisise amazwi kaJesu kuMathewu 28:18-20.

15. Kungani siyobe sihlakaniphile uma silalela umyalo kaJesu wokwenza abafundi?

15 Ngaphambi kokukhipha lo myalo, uJesu uthi: “Nginikwe lonke igunya ezulwini nasemhlabeni.” (Ivesi 18) UJesu unalo ngempela na igunya elingako? Impela unalo! Uyingelosi eyinhloko, uqondisa izigidigidi zezingelosi. (1 Thesalonika 4:16; IsAmbulo 12:7) ‘Njengenhloko yebandla,’ unegunya phezu kwabalandeli bakhe emhlabeni. (Efesu 5:23) Kusukela ngo-1914 ubebusa njengeNkosi enguMesiya ezulwini. (IsAmbulo 11:15) Igunya lakhe lize lifike nasemathuneni ngoba unamandla okuvusa abafileyo. (Johane 5:26-28) Ngokukhuluma ngegunya lakhe elikhulu kuqala, uJesu ubonisa ukuthi amazwi alandelayo awakona ukusikisela kodwa awumyalo. Siyobe sihlakaniphile uma siwulalela ngoba akazinikanga leli gunya kodwa ulinikwe uNkulunkulu.—1 Korinte 15:27.

16. Uma uJesu ethi “hambani,” usitshela ukuba senzeni, futhi sisifeza kanjani lesi sici somyalo?

16 Manje uJesu usho umyalo oqala ngegama elilodwa: “Hambani.” (Ivesi 19) Uthi masithathe isinyathelo kuqala sokuya kubantu nesigijimi soMbuso. Ziningi izindlela esingazisebenzisa ukuze sifeze lesi sici somyalo. Ukushumayela endlini ngendlu kuyindlela ephumelela kunazo zonke yokuthintana nabantu. (IzEnzo 20:20) Sicinga namathuba okufakaza ngokwethukela; simagange ukuqala ingxoxo ngezindaba ezinhle nomaphi lapho kufaneleka khona ekuphileni kwethu kwansuku zonke. Izindlela zethu zokushumayela zingase zishintshashintshe zifanelane nezidingo nezimo zendawo. Nokho, yinye into engashintshi: ‘Siyahamba’ siyocinga abafanelekayo.—Mathewu 10:11.

17. ‘Sibenza’ kanjani “abafundi”?

17 UJesu ube esechaza umgomo walo myalo, owukuthi, ‘ukwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.’ (Ivesi 19) ‘Sibenza’ kanjani “abafundi”? Ngokuyinhloko, umfundi umuntu ofundayo, ofundiswayo. Nokho, ukwenza abafundi akusho nje ukumane udlulisele ulwazi kwabanye. Lapho sifundela abantu abathakazelayo iBhayibheli, umgomo wethu kusuke kuwukubasiza babe abalandeli bakaKristu. Noma nini uma kungenzeka, siqokomisa isibonelo sikaJesu ukuze esibafundelayo bafunde ukubheka kuye njengoMfundisi neSibonelo sabo, baphile ngendlela aphila ngayo benze nomsebenzi awenza.—Johane 13:15.

18. Kungani ubhapathizo luyingqophamlando ekuphileni komfundi?

18 Isici esisemqoka salo myalo sivezwe kula mazwi: “Nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele.” (Ivesi 19) Ubhapathizo luyingqophamlando ekuphileni komfundi ngoba luwuphawu olufanelekayo lokuzinikezela kwakhe kuNkulunkulu ngenhliziyo yonke. Ngakho luyadingeka ukuze umuntu asindiswe. (1 Petru 3:21) Yebo, ngokuqhubeka ekhonza uJehova ngokusemandleni akhe, umfundi obhapathiziwe angabheka phambili ezibusisweni ezingapheli emhlabeni omusha ozayo. Ukhona osuye wamsiza ukuba abe umfundi kaKristu obhapathiziwe? Ayikho into ethokozisa ngaphezu kwaleyo enkonzweni yobuKristu.—3 Johane 4.

19. Sibafundisani abasanda kuhlanganyela, futhi kungani leyo mfundo ingase iqhubeke ngisho sebebhapathiziwe?

19 UJesu uchaza ingxenye elandelayo yalo myalo, ethi: “Nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.” (Ivesi 20) Sifundisa abasanda kuhlanganyela ukuba balalele imiyalo kaJesu, kuhlanganise nemiyalo yokuthanda uNkulunkulu, ukuthanda umakhelwane, nokuba benze abafundi. (Mathewu 22:37-39) Sibafundisa kancane kancane ukuba bachaze amaqiniso eBhayibheli bavikele nokholo lwabo olukhulayo. Uma sebekufanelekela ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela obala, sisebenza nabo, sibafundise ngamazwi nangesibonelo indlela yokwenza lo msebenzi ngendlela enenjongo. Ukufundisa abafundi abasha akupheli ngempela lapho sebezobhapathizwa. Abantu abasanda kubhapathizwa bangase badinge imfundo eyengeziwe yokubasiza babhekane nezinselele zokuba umlandeli kaKristu.—Luka 9:23, 24.

“Nginani Izinsuku Zonke”

20, 21. (a) Kungani singekho isizathu sokwesaba lapho sifeza umyalo kaJesu? (b) Kungani kungesona isikhathi sokuhudula izinyawo lesi, futhi yini okufanele sizimisele ukuyenza?

20 Amazwi okugcina omyalo kaJesu aqinisa idolo kakhulu: “Bhekani! Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” (Mathewu 28:20) UJesu uyazi ukuthi lesi sabelo sinzima. Uyazi nokuthi ukusenza kuyosiqhatha nabaphikisi ngezinye izikhathi. (Luka 21:12) Kodwa asikho isizathu sokwesaba. UmHholi wethu akalindele ukuba senze lesi sabelo ngaphandle kosizo noma sisenze sodwa. Akududuzi yini ukwazi ukuthi Lona “onalo lonke igunya ezulwini nasemhlabeni” unathi ukuze asisekele ekufezeni lo myalo?

21 UJesu waqinisekisa abafundi bakhe ukuthi wayeyoba nabo enkonzweni yabo ngaso sonke isikhathi “kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” Kumelwe siqhubeke sifeza umyalo kaJesu kuze kufike ukuphela. Akusona isikhathi sokuhudula izinyawo lesi. Ukuvuna okukhulu okungokomoya kuyaqhubeka! Abasabelayo baqoqwa ngobuningi. Njengabalandeli bakaKristu, masizimisele ukufeza lo myalo onesisindo esiphathiswe wona. Masizimisele ukunikela ngesikhathi sethu, amandla, nengcebo ukuze sifeze umyalo kaKristu othi: “Hambani niyokwenza abantu . . . babe abafundi.”

^ par. 11 Umxhaka oboshelwa ebhandeni mhlawumbe kwakuwuhlobo lwebhande elalinephakethe okwakufakwa kulo imali ewuhlweza. Isikhwama somphako sasisikhudlwana, ngokuvamile senziwe ngesikhumba, sigaxwa ehlombe futhi kuphathwa ngaso umphako noma ezinye izinto.

^ par. 12 Umprofethi u-Elisha wake wanikeza iziyalezo ezifanayo. Lapho ethuma inceku yakhe uGehazi emzini wowesifazane owayeshonelwe indodana, u-Elisha wathi: “Uma kwenzeka unqwamana nomuntu, ungambingeleli.” (2 AmaKhosi 4:29) Isimo sasiphuthuma ngakho sasingekho isikhathi sokulibala ngokungadingekile.

^ par. 14 Njengoba iningi labafundi bakhe laliseGalile, kungenzeka ukuthi kwakungesikhathi esichazwe kuMathewu 28:16-20 lapho uJesu ovusiwe abonakala khona ‘kwabangaphezu kwamakhulu amahlanu.’ (1 Korinte 15:6) Ngakho kungenzeka ukuthi kwakunabantu abaningi ngesikhathi uJesu ekhipha lo myalo wokwenza abafundi.