Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 8

“Yilokhu Engathunyelwa Kona”

“Yilokhu Engathunyelwa Kona”

1-4. (a) UJesu umfundisa kanjani ngekhono owesifazane ongumSamariya, futhi kuba namuphi umphumela? (b) Basabela kanjani abaphostoli bakhe?

SEKUPHELE isikhathi eside behamba. UJesu nabaphostoli bakhe balibhekise enyakatho, basuka eJudiya baya eGalile. Indlela emfushane—ethatha cishe izinsuku ezintathu—ibanqamulisa eSamariya. Njengoba sekusemini bebade, bafika emzini omncane waseSikhari bathi gozololo, bathibe indlala.

2 Njengoba abaphostoli bakhe besayothenga ukudla, uJesu uphumula eduze komthombo ngaphandle komuzi. Kuqhamuka owesifazane ezokukha amanzi. UJesu angamziba uma ethanda. ‘Ukhathele ngenxa yalolu hambo.’ (Johane 4:6) Kungaqondakala uma engavele azicambalalele, ayeke lona wesifazane waseSamariya azenzele akwenzayo. Njengoba sifundile eSahlukweni 4 sale ncwadi, lona wesifazane cishe angalindela ukuba noma imuphi umJuda ambukele phansi. Kodwa uJesu uqala ukuxoxa naye.

3 Uqala ngomfanekiso awusekela ekuphileni kwansuku zonke kwalona wesifazane—ngempela usekelwe kuyo le nto ayenza manje. Ukha amanzi; uJesu ukhuluma ngamanzi anikeza ukuphila azocima ukoma kwakhe okungokomoya. Lona wesifazane udamane eveza amaphuzu angase asuse impikiswano. * Ngokuhlakanipha uJesu uyawaziba lawo maphuzu aqhubeke nengxoxo. Ugxila ezintweni ezingokomoya—ukukhulekela okumsulwa noJehova uNkulunkulu. Amazwi akhe anemiphumela efinyelela kude ngoba lo mame uwadlulisela emadodeni omuzi, nawo abe esefuna ukulalela uJesu.—Johane 4:3-42.

4 Lapho abaphostoli bebuya, bazizwa kanjani ngobufakazi obuhle kangaka uJesu abunikeza lapha? Abatshengisi mdlandla. Bamangazwa ukuthi uJesu uyakhuluma nokukhuluma nalona wesifazane, futhi bona abasho lutho kuye. Esehambile, bacela uJesu ukuba adle ukudla abafike nako. Kodwa uJesu uthi kubo: “Nginokudla engizokudla eningazi ngakho.” Bedidekile, baqale bawathathe njengoba enjalo amazwi akhe. Ube esechaza: “Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumileyo nokuba ngiqede umsebenzi wakhe.” (Johane 4:32, 34) Ngakho uJesu ubafundisa ukuthi umsebenzi wakhe oyinhloko ekuphileni ubaluleke ngaphezu kokudla kuye. Ufuna nabo bazizwe ngendlela efanayo ngawo. Yimuphi lo msebenzi?

5. Wawuyini umsebenzi kaJesu wokuphila, futhi yini esizoyicabangela kulesi sahluko?

5 UJesu wake wathi: “Kumelwe ngishumayele izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu, ngoba yilokhu engathunyelwa kona.” (Luka 4:43) Yebo, uJesu wayethunyelwe ukushumayela nokufundisa izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. * Abalandeli bakaJesu namuhla nabo banomsebenzi ofanayo okumelwe bawenze. Kusemqoka-ke ukuba sicabangele ukuthi kungani uJesu ashumayela, washumayela ngani, nokuthi wayesibheka kanjani isabelo sakhe.

Okwenza UJesu Washumayela

6, 7. UJesu wayefuna “wonke umfundisi wasobala” azizwe kanjani ngokuxoxela abantu izindaba ezinhle? Fanekisa.

6 Ake sibone ukuthi uJesu wayezizwa kanjani ngamaqiniso ayewafundisa; bese sixoxa ngokuthi wayebabheka kanjani abantu ayebafundisa. UJesu wasebenzisa umfanekiso ocacile ukuze aveze indlela ayezizwa ngayo ngokuxoxa nabanye ngamaqiniso ayewafundiswe uJehova. Wathi: “Wonke umfundisi wasobala, lapho efundiswa ngokuqondene nombuso wamazulu, unjengomuntu, umninindlu, okhipha emtatsheni wakhe wengcebo izinto ezintsha nezindala.” (Mathewu 13:52) Kungani umninindlu kulo mfanekiso ekhipha izinto emtatsheni wakhe wengcebo?

7 Umninindlu akagabisi ngezimpahla zakhe njengoba kwake kwenza inkosi yasendulo uHezekiya—kwaba nemiphumela ebuhlungu. (2 AmaKhosi 20:13-20) Uzikhiphelani kanti umninindlu? Cabanga ngalo mfanekiso: Uvakashela uthisha omkhonzile emzini wakhe. Uvula ishalofu ledeski akhiphe izincwadi ezimbili—enye isiphelile ukuguga, enye iseyintsha. Lezi zincwadi wazibhalelwa uyise—enye yazo wayithola emashumini eminyaka edlule ngesikhathi esengumfana, enye usanda kuyithola. Amehlo akhe agcwala injabulo njengoba ekuxoxela ukuthi uzazisa kangakanani lezi zincwadi nokuthi iseluleko sazo sikushintshe kanjani ukuphila kwakhe nendlela esingakusiza ngayo nawe. Kusobala ukuthi ziyigugu lezi zincwadi kulo thisha, uzithanda kakhulu. (Luka 6:45) Ukutshengisa zona ukuze akuzuzise futhi akubonise ukuba yigugu kwazo hhayi ngenjongo yokukuqhoshela noma yokuthola inzuzo ngandlela-thile.

8. Kungani sinesizathu esihle sokuwabheka njengayingcebo amaqiniso esiwafunda eZwini likaNkulunkulu?

8 UMfundisi Omkhulu, uJesu, wayenezisusa ezifanayo lapho ehlanganyela amaqiniso kaNkulunkulu nabanye. Lawo maqiniso ayeyingcebo engenakuqhathaniswa kuye. Wayewathanda futhi ekushisekela ukuwahlanganyela nabanye. Wayefuna ukuba bonke abalandeli bakhe, ‘bonke abafundisi basobala,’ bazizwe ngaleyo ndlela. Ingabe sizizwa kanjalo? Sinesizathu esihle sokuthanda amaqiniso esiwafunda eZwini likaNkulunkulu. Siyawazisa amaqiniso ayigugu kungakhathaliseki ukuthi ayizinkolelo ebesilokhu sinazo noma awukulungiswa kwakamuva. Ngokukhuluma ngentshiseko esuka enhliziyweni nangokuhlala sizithanda izinto uJehova asifundise zona, sidlulisa lolo thando, njengoba uJesu enza.

9. (a) UJesu wayezizwa kanjani ngabantu ayebafundisa? (b) Singasilingisa kanjani isimo sikaJesu ngabantu?

9 UJesu wayebathanda futhi abantu ayebafundisa, njengoba sizoxoxa ngokugcwele ngalokho eNgxenyeni 3. Isiprofetho sabikezela ukuthi uMesiya ‘uyohawukela ophansi nompofu.’ (IHubo 72:13) Ngempela, uJesu wayebakhathalela abantu. Wayeyikhathalela imicabango nezimo zengqondo ezazibaqhubela esenzweni; wayekhathazeka ngemithwalo eyayibasinda nezithiyo ezazibavimba ukuba baqonde iqiniso. (Mathewu 11:28; 16:13; 23:13, 15) Ngokwesibonelo, khumbula owesifazane waseSamariya. Cishe kwamjabulisa kakhulu ukuthi uJesu wazihlupha ngaye. Ukuqonda kukaJesu isimo sakhe kwamshukumisela ukuba amamukele njengomprofethi futhi atshele abanye ngaye. (Johane 4:16-19, 39) Kuyavunywa, abalandeli bakaJesu namuhla abakwazi ukufunda izinhliziyo zabantu ababashumayezayo. Kodwa singazihlupha ngabo njengoba uJesu enza; singabonisa ukuthi siyakhathazeka ngabo; singakhuluma nangezinto ezibathintayo, izinselele nezidingo zabo.

Lokho UJesu Ashumayela Ngakho

10, 11. (a) Washumayela ngani uJesu? (b) Saphakama kanjani isidingo soMbuso kaNkulunkulu?

10 Washumayela ngani uJesu? Uma impendulo uzoyifuna ngokuhlola izimfundiso zamasonto amaningi athi ammelele, ungase uphethe ngokuthi wayeshumayela ivangeli lezenhlalo. Noma mhlawumbe ungase ucabange ukuthi wayesekela izinguquko zombusazwe noma wayegcizelela ukusindiswa komuntu siqu ngaphezu kwezinye izinto. Kepha njengoba sibonile ngaphambili, uJesu washo ngokucacile: “Kumelwe ngishumayele izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu.” Kwakuhlanganisani ngempela lokho?

11 Khumbula, uJesu wayekhona ezulwini ngesikhathi uSathane eqala ukukuphonsela inselele ukufaneleka kokubusa kukaJehova. Yeka indlela okumelwe ukuba kwamzwisa ubuhlungu ngayo uJesu ukubona uYise olungileyo enyundelwa futhi egxekwa ngokuthi unguMbusi ongalungile, ogodlela izidalwa zaKhe okuhle! Yeka indlela okumelwe ukuba yaphatheka kabi ngayo iNdodana kaNkulunkulu lapho u-Adamu no-Eva, ababezoba abazali besintu, bewakholwa amanga kaSathane! Le Ndodana yabona ukuthi umkhaya wabantu wawusungenwe isono nokufa ngenxa yalokho kuhlubuka. (Roma 5:12) Kepha yeka indlela okumelwe ukuba yathokoza ngayo lapho izwa ukuthi ngelinye ilanga uYise uyozilungisa izinto!

12, 13. Yikuphi ukungalungi okuyolungiswa uMbuso kaNkulunkulu, futhi uJesu wawenza kanjani uMbuso waba umgogodla wenkonzo yakhe?

12 Yini ngokuyinhloko okwakudingeka ilungiswe? Igama likaJehova elingcwele kwakudingeka lingcweliswe, kususwe yonke iminonjana yesihlamba sikaSathane nesabo bonke abaye bachema naye. Ukufaneleka kokubusa kukaJehova, indlela yakhe yokubusa, kwakudingeka kulwelwe. UJesu wayeziqonda ngaphezu kwanoma ubani lezi zimpikiswano ezibalulekile. Emthandazweni oyisibonelo, wafundisa abalandeli bakhe ukuba okokuqala bacele ukuba igama likaYise lingcweliswe, kulandele ukuba uMbuso kaYise uze, bese becela nokuba intando kaNkulunkulu yenziwe emhlabeni. (Mathewu 6:9, 10) UMbuso kaNkulunkulu, onoMbusi onguKristu Jesu, ngokushesha uzosusa isimiso sikaSathane esonakele bese umisa ukubusa kukaJehova okulungileyo kwaphakade.—Daniyeli 2:44.

13 Lowo Mbuso wawuyisihloko senkonzo kaJesu. Konke ayekusho nakho konke ayekwenza kwasiza kwacacisa ukuthi uMbuso uyini nokuthi uyoyifeza kanjani injongo kaJehova. UJesu akavumelanga lutho ukuba lumchezukise emsebenzini wakhe wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Osukwini lwakhe, zazikhona izindaba zenhlalo ezaziphuthuma kukhona nokungalungi okuningi, nokho wayegxile esigijimini sakhe nasemsebenzini wakhe. Ingabe njengoba uJesu ayegxile kulezi zinto kusho ukuthi wayengavumelani nezimo nokuthi indlela yakhe yayingaphusile futhi iyisicefe? Phinde!

14, 15. (a) UJesu wabonisa kanjani ukuthi ‘ungokungaphezu kukaSolomoni’? (b) Singamlingisa kanjani uJesu ngesikushumayelayo?

14 Njengoba sizobona kule ngxenye, uJesu wenza ukufundisa kwakhe kwaba mnandi futhi kwashintshashintsha. Wayekhuluma nezinhliziyo zabantu. Kungase kusikhumbuze inkosi ehlakaniphile uSolomoni eyafuna amazwi ajabulisayo, amazwi eqiniso okuyiwonawona, ukuze idlulisele kwabanye imicabango uJehova ayeyiphefumulele ukuba iyilobe. (UmShumayeli 12:10) UJehova wanikeza lo muntu ongaphelele ‘ububanzi benhliziyo,’ kwamenza wakwazi ukukhuluma ngezinto eziningi kusukela ezinyonini kuya ezinhlanzini kuya emithini nasezilwaneni. Abantu babesuka kude bezolalela uSolomoni ekhuluma. (1 AmaKhosi 4:29-34) Kodwa uJesu ‘wayengaphezu kukaSolomoni.’ (Mathewu 12:42) Wayehlakaniphe kakhulu kunaye, ‘enenhliziyo ebanzi’ kakhulu kuneyakhe. Lapho efundisa abantu, uJesu wayesebenzisa ulwazi lwakhe oluphakeme lweZwi likaNkulunkulu kanye nolwezinyoni, izilwane, izinhlanzi, ezolimo, isimo sezulu, izindaba ezisematheni, umlando nezimo zenhlalo. Ngesikhathi esifanayo, uJesu akazange agabise ngolwazi lwakhe ngenjongo yokuhlaba abanye umxhwele. Isigijimi sakhe wasigcina silula futhi sicacile. Yingakho nje abantu babekujabulela ukumlalela!—Marku 12:37; Luka 19:48.

15 AmaKristu namuhla azama ukulandela isibonelo sikaJesu. Asinako ukuhlakanipha okukhulu nolwazi oluningi njengaye, kodwa sonke sinaso isilinganiso esithile solwazi nokuhlangenwe nakho esingatomula kukho lapho sixoxela abanye amaqiniso eZwi likaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, abazali bangase basebenzise okuhlangenwe nakho kwabo kokukhulisa izingane ukuze bachaze uthando lukaJehova ngezingane zakhe. Abanye bangase basebenzise izibonelo noma imifanekiso abayithathela emsebenzini wokuziphilisa, esikoleni, noma olwazini abanalo ngabantu nezenzakalo ezisematheni. Ngesikhathi esifanayo, siyaqaphela ukuba singavumeli lutho lusichezukise esigijimini sethu—izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.—1 Thimothewu 4:16.

Isimo Sengqondo SikaJesu Ngenkonzo Yakhe

16, 17. (a) UJesu wayenasiphi isimo sengqondo ngenkonzo yakhe? (b) UJesu wabonisa kanjani ukuthi inkonzo yakhe yayiyinto eyinhloko ekuphileni kwakhe?

16 UJesu wayenomuzwa wokuthi inkonzo yakhe iyingcebo eyigugu. Wayekujabulela ukusiza abantu babone uYise wasezulwini njengoba enjalo, angafihlwa izimfundiso namasiko abantu adidayo. UJesu wayethanda ukusiza abantu babe nobuhlobo obuhle noJehova, babe nethemba lokuphila okuphakade. Wayekuthokozela ukulethela abantu induduzo nenjabulo yezindaba ezinhle. Wabonisa kanjani ukuthi wayezizwa kanjalo? Cabanga ngezindlela ezintathu.

17 Eyokuqala, uJesu wenza inkonzo yaba into eyinhloko ekuphileni kwakhe. Ukukhuluma ngoMbuso kwakuwumsebenzi wakhe, kwakuyinto ayeyiphilela, into ayeyikhathalela ngokuyinhloko. Yingakho uJesu ngokuhlakanipha agcina ukuphila kwakhe kulula, njengoba sifundile eSahlukweni 5. Njengoba eluleka abanye, naye wagcina iso lakhe ligxile kokwakubaluleke kakhulu. Wayengaphazanyiswa izinto eziningi okwakuzodingeka azikhokhele, azigcine zisebenza kahle, azilungise noma ngokuhamba kwesikhathi azishintshe. Waphila ukuphila okulula ukuze kungabi nalutho olumyekisa inkonzo yakhe kungadingekile.—Mathewu 6:22; 8:20.

18. UJesu wazikhandla ngaziphi izindlela enkonzweni yakhe?

18 Eyesibili, uJesu wazikhandla enkonzweni yakhe. Amandla akhe amakhulu wawachitha kuyo, edabula elasePalestina ngezinyawo, efuna abantu ayengabaxoxela izindaba ezinhle. Wakhuluma nabo emizini yabo, ezigcawini, ezimakethe nasezigangeni. Wakhuluma nabo ngisho nalapho efuna ukuphumula, ukudla, amanzi noma isikhashana nje sokuthi gozololo nabangane bakhe abaseduze. Ngisho nalapho esefa, waqhubeka ehlanganyela nabanye izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu!—Luka 23:39-43.

19, 20. UJesu wakufanekisa kanjani ukuphuthuma komsebenzi wokushumayela?

19 Eyesithathu, uJesu wabheka inkonzo njengento ephuthumayo. Khumbula ingxoxo yakhe nowesifazane waseSamariya emthonjeni ngaphandle kwaseSikhari. Ngokusobala abaphostoli bakaJesu ngaleso sikhathi babengasiboni isidingo esiphuthumayo sokuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye. UJesu wathi kubo: “Anisho yini ukuthi kusasele izinyanga ezine ngaphambi kokuba kufike ukuvuna? Bhekani! Ngithi kini: Phakamisani amehlo enu nibuke amasimu ukuthi asemhlophe alungele ukuvunwa.”—Johane 4:35.

20 UJesu wasekela lo mfanekiso enkathini yonyaka yangaleso sikhathi. Cishe kwakuyinyanga kaChislev (November/December). Ibhali lalizoze livunwe ngemva kwezinyanga ezine, cishe ngesikhathi sePhasika, ngo-Nisani 14. Ngakho abalimi babengenawo umuzwa wokuphuthuma ukuba kuvunwe ngaleso sikhathi. Kwakusekude. Kodwa kuthiwani ngokuvunwa kwabantu? Ah, abaningi babekulungele ukuzwa, bafunde, babe abafundi bakaKristu futhi bathole ithemba elimangalisayo ababeligcinelwe uJehova. Kwakunjengokungathi uJesu ubuka lé emasimini angokomfanekiso abone ukuthi asemhlophe ngenxa yokusanhlamvu osekuvuthiwe okunyakaziswa umoya, kunikeza uphawu lokuthi sekulungele ukuvunwa. * Manje kwase kuyisikhathi futhi nomsebenzi wawuphuthuma! Ngenxa yalokho, lapho abantu bomuzi othile bezama ukumgcina kubo, uJesu waphendula: “Nakweminye imizi kumelwe ngishumayele izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu, ngoba yilokhu engathunyelwa kona.”—Luka 4:43.

21. Singamlingisa kanjani uJesu?

21 Singamlingisa uJesu ngazo zontathu lezi zindlela esisanda kuxoxa ngazo. Singenza inkonzo yobuKristu ibe iyona nto eyinhloko ekuphileni kwethu. Nakuba singase sibe nemikhaya nemisebenzi yokuziphilisa, singabonisa ukuthi inkonzo yethu iza kuqala ngokuhlanganyela kuyo njalo nangentshiseko, njengoba uJesu enza. (Mathewu 6:33; 1 Thimothewu 5:8) Singazikhandla enkonzweni, singancishani ngesikhathi sethu, amandla nengcebo yethu ukuze siyisekele. (Luka 13:24) Singahlale sikhumbula nokuthi umsebenzi wethu uyaphuthuma. (2 Thimothewu 4:2) Kudingeka sibambe wonke amathuba okushumayela!

22. Kuzoxoxwa ngani esahlukweni esilandelayo?

22 UJesu wabonisa nokuthi uyakubona ukubaluleka komsebenzi ngokuqiniseka ukuthi uyoqhubeka uma esefile. Wathuma abalandeli bakhe ukuba baqhubeke nomsebenzi wokushumayela nokufundisa. Kuzoxoxwa ngalowo msebenzi esahlukweni esilandelayo.

^ par. 3 Ngokwesibonelo, lapho ebuza ukuthi kungani umJuda ekhuluma nomSamariya, uthinta ingxabano endala yalezi zizwe ezimbili. (Johane 4:9) Ugomela nangokuthi abantu bakubo bayinzalo kaJakobe, okuyinto ayengafuni nakuyizwa amaJuda angalolo suku. (Johane 4:12) Abiza amaSamariya ngokuthi amaKhutha ukuze agcizelele ukuthi azalwa abantu bezizwe.

^ par. 5 Ukushumayela kusho ukumemezela isigijimi esithile. Ukufundisa kunencazelo efanayo kodwa kona kuhilela ukudlulisa isigijimi ngendlela enabile nenemininingwane. Ukufundisa okuhle kuhlanganisa nokufuna izindlela zokufinyelela inhliziyo ukuze ushukumise abafundi ukuba benze lokho abakuzwayo.

^ par. 20 Ngokuqondene naleli vesi, enye incwadi ithi: “Lapho okusanhlamvu sekuvuthiwe, kuyashintsha kungabe kusaba luhlaza kube phuzi noma kube umbala okhanyayo, okubonisa ukuthi sekuyisikhathi sokukuvuna.”