Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 2

“Indlela Neqiniso Nokuphila”

“Indlela Neqiniso Nokuphila”

“Yiba umlandeli wami”

1, 2. Kungani thina ngokwethu singenakuziyela kuJehova, futhi yini uJesu Kristu asenzele yona kule ndaba?

INGABE wake waduka? Mhlawumbe wawusendleleni uvakashela umngane noma isihlobo sakho kodwa walahleka. Njengoba uhamba endleleni ongayazi, ingabe wama wabuza indlela kothile? Cabanga ukuthi wawuyozizwa kanjani ukube lowo muntu onomusa akagcinanga ngokuvele akuyalele, kodwa wathi: “Ngilandele. Ngizokuyisa khona.” Kwakuyothi gidi!

2 Ngomqondo othile, uJesu Kristu usenzela okufanayo. Besingeke sikwazi ukuziyela kuNkulunkulu ngokwethu. Ngenxa yesono nokungapheleli okuyifa, umkhaya wesintu udukile, ‘uhlukanisiwe nokuphila okungokukaNkulunkulu.’ (Efesu 4:17, 18) Sidinga usizo ukuze sithole indlela. UJesu, iSibonelo sethu esinomusa, akagcini nje ngokusinika iseluleko nokusibonisa indlela; wenza okwengeziwe. Njengoba sibonile eSahlukweni 1, uJesu uyasimema, uthi: ‘Woza ube ngumlandeli wami.’ (Marku 10:21) Usinika nesizathu esinamandla sokusamukela leso simemo. Ngesinye isikhathi uJesu wathi: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila. Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.” (Johane 14:6) Ake sixoxe ngezinye zezizathu zokuba kube yiNdodana kuphela esingaya ngayo kuBaba. Sínalezo zizathu engqondweni, siyobe sesihlola ukuthi kungani ngempela uJesu ‘eyindlela neqiniso nokuphila.’

Indima Esemqoka Enjongweni KaJehova

3. Kungani kunguJesu esikwazi ukuya ngaye kuNkulunkulu?

3 Okokuqala nokubaluleke kakhulu, nguJesu esikwazi ukuya ngaye kuNkulunkulu ngoba uJehova ubone kufaneleka ukunika iNdodana yakhe indima ebaluleke kunazo zonke. * UBaba uyenze umuntu oyinhloko, noma oyisihluthulelo, ekugcwalisekeni kwezinjongo zaKhe zonke. (2 Korinte 1:20; Kolose 1:18-20) Ukuze siyiqonde indima esemqoka yeNdodana, kudingeka sicabange ngokwenzeka ensimini yase-Edene, lapho abantu bokuqala bazibandakanya khona noSathane ekuhlubukeni uJehova.—Genesise 2:16, 17; 3:1-6.

4. Ukuvukela kwase-Edene kwaphakamisa yiphi impikiswano, futhi yini uJehova anquma ukuyenza ukuze axazulule leyo mpikiswano?

4 Ukuvukela kwase-Edene kwaphakamisa impikiswano ezulwini nasemhlabeni: Ingabe uJehova uNkulunkulu uzibusa ngendlela efanele izidalwa zakhe? Ukuze axazulule le mpikiswano ebalulekile, uJehova wanquma ukuthi kwakuzodingeka kuze indodana yomoya ephelele emhlabeni. Isabelo sale ndodana sasisikhulu kakhulu—ukunikela ngokuphila kwayo ukuze ilwele ubukhosi bukaJehova futhi ibe isihlengo sokusindisa isintu. Ngokuthembeka ize ife, indodana eyayiyokhethwa yayiyozixazulula zonke izinkinga ezabangelwa ukuhlubuka kukaSathane. (Hebheru 2:14, 15; 1 Johane 3:8) Kodwa uJehova wayenezigidi zezigidi zamadodana omoya aphelele. (Daniyeli 7:9, 10) Iyiphi ayiqoka ukuba ifeze lesi sabelo esibaluleke kunazo zonke? Wakhetha ‘iNdodana yakhe ezelwe yodwa,’ leyo kamuva eyaziwa ngokuthi uJesu Kristu.—Johane 3:16.

5, 6. UJehova wabonisa kanjani ukuthi uyayethemba iNdodana yakhe, futhi lokhu kuyethemba kwakusekelwephi?

5 Ingabe kufanele kusimangaze ukukhetha kukaJehova? Nakancane! UBaba wayeyethemba ngokuphelele iNdodana yakhe ezelwe yodwa. Kusasele amakhulu eminyaka iNdodana yakhe ifike emhlabeni, uJehova wabikezela ukuthi le Ndodana yayiyohlala iqotho naphezu kwazo zonke izinhlobo zokuhlupheka. (Isaya 53:3-7, 10-12; IzEnzo 8:32-35) Cabanga ukuthi kusho ukuthini lokho. INdodana, njengazo zonke ezinye izidalwa ezihlakaniphile, yayinenkululeko yokuzikhethela, ikwazi ukuzikhethela ethanda ukukwenza. Noma kunjalo, uJehova wayeyethemba kangangokuthi wakubikezela ukwethembeka kwayo. Kwakusekelwephi lokho kuyethemba kwakhe? Ngelilodwa nje, olwazini. UJehova uyazi ngokujulile iNdodana yakhe futhi uyazi ukuthi ifuna kangakanani ukumjabulisa. (Johane 8:29; 14:31) INdodana iyamthanda uYise, noJehova uyayithanda iNdodana yakhe. (Johane 3:35) Uthando uBaba neNdodana abathandana ngalo lwakha phakathi kwabo isibopho esingenakugqashuka sobunye nokwethembana.—Kolose 3:14.

6 Uma sibheka indima ebalulekile yeNdodana, indlela uBaba ayethemba ngayo, nothando oluhlanganisa uBaba neNdodana, kuyamangaza yini ukuthi nguJesu kuphela esiya ngaye kuNkulunkulu? Sikhona nesinye isizathu esenza kube yiNdodana yodwa engasiyisa kuBaba.

YiNdodana Kuphela Eyazi UBaba Ngokugcwele

7, 8. Kungani uJesu ayengasho kufanele ukuthi akekho owazi uBaba ngokugcwele “ngaphandle kweNdodana”?

7 Kunezimfuneko okumelwe sihlangabezane nazo ukuze sikwazi ukuya kuJehova. (IHubo 15:1-5) Ubani owazi ngaphezu kweNdodana ukuthi kudingekani ukuze sihlangabezane nezindinganiso zikaNkulunkulu futhi asamukele? UJesu wathi: “Zonke izinto zinikelwe kimi nguBaba, futhi akekho oyazi ngokugcwele iNdodana ngaphandle kukaYise, futhi akukho muntu omazi ngokugcwele uYise ngaphandle kweNdodana kanye nanoma ubani iNdodana ethanda ukumambula kuye.” (Mathewu 11:27) Ake sibone ukuthi kungani uJesu ayengasho eqinisile futhi engeqisi ukuthi akekho owazi uBaba ngokugcwele “ngaphandle kweNdodana.”

8 ‘Njengezibulo layo yonke indalo,’ iNdodana isondelene ngokukhethekile noJehova. (Kolose 1:15) Cabanga nje indlela uBaba neNdodana abasondelana ngayo phakathi nesikhathi esingenakubalwa besebodwa—kusukela ekuqaleni kokudala kuze kube yilapho kudalwa ezinye izidalwa zomoya. (Johane 1:3; Kolose 1:16, 17) Cabanga nje ngethuba eliyigugu iNdodana eyayinalo inoYise, incela imicabango yakhe futhi ifunda intando yakhe, izindinganiso zakhe nezindlela zakhe. Ngempela, aseqisi neze uma sithi uJesu wazi uYise ngaphezu kwanoma ubani omunye. Ukusondelana kwabo kanjalo ngokuqinisekile kwenza uJesu wakwazi ukwembula uYise ngezindlela okungekho omunye umuntu owayengamembula ngazo.

9, 10. (a) UJesu wamembula ngaziphi izindlela uYise? (b) Ukuze uJehova asamukele, yini okumelwe siyenze?

9 Izimfundiso zikaJesu zabonisa indlela ayazi kahle ngayo indlela uJehova acabanga ngayo nazizwa ngayo, nokuthi yini ayifuna kubakhulekeli bakhe. * UJesu wembula uYise nangenye indlela evelele. Wathi: “Ongibonile mina umbonile noBaba futhi.” (Johane 14:9) UJesu walingisa uYise ngokuphelele kukho konke akusho nakwenza. Ngakho lapho sifunda ngoJesu eBhayibhelini—amazwi anamandla namnandi awasebenzisa lapho efundisa, isihawu esamshukumisela ekuphulukiseni abantu, nozwela olwamenza wakhala—singambona uJehova esho futhi enza zona kanye lezo zinto. (Mathewu 7:28, 29; Marku 1:40-42; Johane 11:32-36) Izindlela nentando kaBaba kwembulwe kahle emazwini nasezenzweni zeNdodana. (Johane 5:19; 8:28; 12:49, 50) Ngakho, ukuze uJehova asamukele, kudingeka silalele izimfundiso zikaJesu futhi silandele isibonelo sakhe.—Johane 14:23.

10 Njengoba uJesu emazi ngokujulile uJehova futhi emlingisa ngokuphelele, akumangalisi ukuthi uJehova unqume ukuba kube iNdodana okuyiwa ngayo kuBaba. Njengoba sesiqonda ukuthi kungani kunguJesu kuphela esingaya ngaye kuJehova, ake sixoxe ngencazelo yala mazwi kaJesu: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila. Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.”—Johane 14:6.

“Ngiyindlela”

11. Kungani kunguJesu kuphela osenza sibe nobuhlobo obamukelekayo noNkulunkulu?

11 Sesifundile kakade ukuthi asinakuya kuNkulunkulu ngaphandle kukaJesu. Ake sicabangisise kahle ukuthi kusho ukuthini lokho ngempela kithi. UJesu ‘uyindlela’ ngomqondo wokuthi nguye kuphela ongasenza sibe nobuhlobo obamukelekayo noNkulunkulu. Kungani kunjalo? Ngokwethembeka kuze kube sekufeni, uJesu wanikela ngokuphila kwakhe njengomhlatshelo wesihlengo. (Mathewu 20:28) Ngaphandle kwaleli lungiselelo lesihlengo, besingeke sikwazi ukuya kuNkulunkulu. Isono sakha umgoqo phakathi kwabantu noNkulunkulu ngoba uJehova ungcwele, ngakho akanakulokotha avumele isono. (Isaya 6:3; 59:2) Kodwa umhlatshelo kaJesu wawususa lowo mgoqo; waba isisibekelo noma inhlawulo yezono eyayidingeka. (Hebheru 10:12; 1 Johane 1:7) Uma silamukela ilungiselelo likaNkulunkulu alenze ngoKristu, sibe nokholo kulo, uJehova angasamukela. Ayikho nhlobo enye indlela ‘esingabuyisana ngayo noNkulunkulu.’—Roma 5:6-11.

12. UJesu ‘uyindlela’ ngamiphi imiqondo?

12 UJesu ‘uyindlela’ ngokuqondene nomthandazo. NguJesu kuphela esingaya ngaye kuJehova ngomthandazo siqiniseka ukuthi uzozizwa izicelo zethu ezisuka enhliziyweni. (1 Johane 5:13, 14) UJesu ngokwakhe wathi: “Uma nicela noma yini kuBaba uyoninika yona egameni lami. . . . Celani niyokwamukela, ukuze injabulo yenu igcwale.” (Johane 16:23, 24) Kuyafaneleka-ke ukuba siye kuJehova ngomthandazo ngegama likaJesu futhi simbize ‘ngoBaba wethu.’ (Mathewu 6:9) UJesu ‘uyindlela’ nangomunye umqondo—ngesibonelo sakhe. Njengoba kushiwo ngaphambili, uJesu wamlingisa ngokuphelele uYise. Ngakho isibonelo sikaJesu sisibonisa indlela esingaphila ngayo ukuze sijabulise uJehova. Khona-ke ukuze sikwazi ukuya kuJehova, kumelwe sihambe ezinyathelweni zikaJesu.—1 Petru 2:21.

‘Ngiyiqiniso’

13, 14. (a) UJesu waba kanjani neqiniso kulokho ayekusho? (b) Ukuze uJesu abe ‘yiqiniso,’ kwadingeka enzeni, futhi ngani?

13 UJesu wayekhuluma iqiniso njalo mayelana nezwi likaYise lesiprofetho. (Johane 8:40, 45, 46) Akukho nkohliso eyake yatholakala emlonyeni kaJesu. (1 Petru 2:22) Ngisho nabaphikisi bakhe bavuma ukuthi wayefundisa “indlela kaNkulunkulu ngokuvumelana neqiniso.” (Marku 12:13, 14) Nokho, lapho uJesu ethi ‘ngiyiqiniso,’ wayengabhekiseli nje ekutheni wenza iqiniso laziwa ngokukhuluma, ngokushumayela nangokufundisa kwakhe. Kwakuhileleke okungaphezulu kakhulu kwalokho.

14 Khumbula ukuthi kusasele amakhulu eminyaka, uJehova waphefumulela abalobi beBhayibheli ukuba babhale inqwaba yeziprofetho ngoMesiya, noma uKristu. Lezi ziprofetho zabikezela imininingwane ngokuphila, inkonzo nokufa kwakhe. Ngaphezu kwalokho, uMthetho KaMose wawunezithunzi, noma imifuziselo engokwesiprofetho eyayikhomba kuMesiya. (Hebheru 10:1) Ingabe uJesu wayeyothembeka kuze kube sekufeni, ngaleyo ndlela agcwalise zonke izinto ezaziprofethwe ngaye? Kungaleso sikhathi kuphela lapho uJehova ayeyobe elwelwe khona njengoNkulunkulu weziprofetho eziyiqiniso. Lowo mthwalo omkhulu wawusemahlombe kaJesu. Ngendlela aphila ngayo—igama negama alisho nesenzo ngasinye asenza—uJesu wenza imifuziselo engokwesiprofetho yaba yiqiniso. (2 Korinte 1:20) Ngaleyo ndlela, uJesu waba ‘yiqiniso.’ Kwaba sengathi iqiniso lezwi likaJehova lesiprofetho lafika linguJesu.—Johane 1:17; Kolose 2:16, 17.

‘Ngiwukuphila’

15. Kusho ukuthini ukubonisa ukholo eNdodaneni, futhi ukwenza kanjalo kungaholelaphi?

15 UJesu ‘uwukuphila’ ngoba nguye kuphela esingathola ngaye ukuphila—“ukuphila kwangempela.” (1 Thimothewu 6:19) IBhayibheli lithi: “Obonisa ukholo eNdodaneni unokuphila okuphakade; ongayilaleli iNdodana ngeke akubone ukuphila, kodwa ulaka lukaNkulunkulu luhlezi phezu kwakhe.” (Johane 3:36) Kusho ukuthini ukubonisa ukholo eNdodaneni kaNkulunkulu? Kusho ukuthi siyaqiniseka ukuthi ngeke sikuthole ukuphila ngaphandle kwayo. Ngaphezu kwalokho, kusho ukuthi ukholo lwethu silubonisa ngemisebenzi, siyaqhubeka sifunda kuJesu futhi senze konke esingakwenza ukuze silandele izimfundiso nesibonelo sakhe. (Jakobe 2:26) Ngakho, ukubonisa ukholo eNdodaneni kaNkulunkulu kuholela ekuphileni okuphakade—ukuphila komoya okungenakufa ezulwini ‘kwabomhlambi omncane’ wamaKristu agcotshwe ngomoya, ukuphila okuphelele epharadesi lasemhlabeni ‘esixukwini esikhulu’ ‘sezinye izimvu.’—Luka 12:32; 23:43; IsAmbulo 7:9-17; Johane 10:16.

16, 17. (a) UJesu uyoba kanjani ‘ukuphila’ ngisho nakwabafileyo? (b) Yini esingaqiniseka ngayo?

16 Kuthiwani ngasebefile? UJesu ‘uwukuphila’ nakubona. Ngaphambi nje kokuvusa umngane wakhe uLazaru ekufeni, uJesu watshela uMarta, udadewabo kaLazaru: “Mina ngingukuvuka nokuphila. Lowo obonisa ukholo kimi, ngisho noma efa, uyophila.” (Johane 11:25) UJehova uphathise iNdodana yakhe ‘izihluthulelo zokufa nezeHayidesi,’ eyinika amandla okuvusa abafileyo. (IsAmbulo 1:17, 18) Ngalezo zihluthulelo, uJesu okhazinyulisiwe uyovula amasango eHayidesi, akhulule bonke abasethuneni lesintu elivamile.—Johane 5:28, 29.

17 “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila”—ngala mazwi alula, uJesu wafingqa injongo yokuphila nenkonzo yakhe emhlabeni. Lawo mazwi asho lukhulu kithi namuhla. Khumbula ukuthi uJesu walandelisa ngokuthi: “Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.” (Johane 14:6) Amazwi kaJesu asabalulekile nanamuhla ngendlela ayebaluleke ngayo ngesikhathi ewasho. Ngakho-ke, singaqiniseka ngokugcwele ukuthi uma silandela uJesu, asisoze saduka. Nguye yedwa oyosibonisa indlela eya “kuBaba.”

Wena Uyosabela Kanjani?

18. Kuhlanganisani ukuba ngabalandeli bakaJesu beqiniso?

18 Ngenxa yendima kaJesu esemqoka nendlela amazi ngokujule ngayo uYise, sinesizathu esihle sokulandela iNdodana. Njengoba sibonile esahlukweni esandulele, ukuba ngabalandeli bakaJesu beqiniso kuhilela izenzo, hhayi nje amazwi noma imizwa. Ukulandela uKristu kuhlanganisa ukuphila ngezimfundiso zakhe nokulandela isibonelo sakhe. (Johane 13:15) Le ncwadi oyifundayo manje ingakusiza emizamweni yakho yokwenza lokho.

19, 20. Yini ekule ncwadi engakusiza emizamweni yakho yokulandela uKristu?

19 Ezahlukweni ezilandelayo, sizohlolisisa ukuphila nenkonzo kaJesu. Lezi zahluko zihlukaniswe izingxenye ezintathu. Kweyokuqala, sizobheka izimfanelo zakhe nezindlela zakhe zokwenza izinto. Kweyesibili, sizohlola isibonelo sakhe sentshiseko ekushumayeleni nasekufundiseni. Kweyesithathu, sizocabangela indlela abonisa ngayo uthando. Kusukela eSahlukweni 3, kunebhokisi lokufundisa elithi “Ungamlandela Kanjani UJesu?” ImiBhalo nemibuzo ekulo yenzelwe ukusisiza sizindle ngendlela esingamlingisa ngayo uJesu ngamazwi nangezenzo.

20 Siyambonga uJehova uNkulunkulu ngokuthi akudingeki uduke, uhlukaniswe naye ngenxa yesono esasizuza ngefa. Ngothando, uJehova wathumela iNdodana yakhe ukuba izosibonisa indlela yokuba nobuhlobo obamukelekayo naye, nakuba alahlekelwa kakhulu. (1 Johane 4:9, 10) Sengathi ungashukumiseleka, yebo, uzizwe uphoqelekile, ukuba usabele kulolo thando olukhulu ngokwamukela nangokwenza okushiwo yilesi simemo sikaJesu: ‘Yiba ngumlandeli wami.’—Johane 1:43.

^ par. 3 Indima yeNdodana ibaluleke kangangokuthi iBhayibheli liyibiza ngamagama neziqu eziningana ezingokwesiprofetho.—Bheka  ibhokisi ekhasini 23.

^ par. 9 Ngokwesibonelo, bheka amazwi kaJesu alotshwe kuMathewu 10:29-31; 18:12-14, 21-35; 22:36-40.