Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isandulela

Isandulela

Mfundi Othandekayo:

‘Woza ube ngumlandeli wami.’ (Marku 10:21) Ngalawo mazwi, uJesu Kristu usimema ukuba simlandele. Ingabe uyasamukela isimemo sakhe? Ukusamukela kuyokuthinta kakhulu ukuphila kwakho. Ngani?

UJehova wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa emhlabeni ukuba izonikela ngokuphila kwayo kube isihlengo. (Johane 3:16) Ngaphezu kokusifela, leyo Ndodana yasibonisa nendlela yokuphila. Kunoma yini eyayiyenza, yagcina ubuqotho futhi yathokozisa inhliziyo kaYise. UJesu wasibonisa nokuthi singafana kanjani noYise. Izindlela zikaYise nentando yakhe kwabonakala ngokuphelele emazwini nasezenzweni zeNdodana.—Johane 14:9.

IBhayibheli lithi uJesu ‘uyisibonelo sokuba silandele izinyathelo zakhe eduze.’ (1 Petru 2:21) Uma sifuna ukusondela kuJehova, uma sifuna ukuphila okunenjongo ngempela manje, uma futhi sifuna ukuhlala sisendleleni eya ekuphileni okuphakade, kumelwe sizilandele eduze izinyathelo zikaKristu.

Ukuze siqale lolu hambo, kudingeka sijwayelane nokuphila kukaJesu kwasemhlabeni. Ngakho umlando kaJesu ogcinwe eBhayibhelini ukufanele ukuhlolisiswa. Ukuzindla ngezinto uJesu azisho nazenza, nokubheka indlela esingamlingisa ngayo kwesikushoyo nakwesikwenzayo, kuyosisiza siyibone ngokucace ngokwengeziwe indlela esingamlandela ngayo.

Sengathi le ncwadi ingakusiza ukhulise uthando lwakho ngoJesu nangoJehova. Sengathi futhi lolo thando lungakushukumisela ekubeni uzilandele eduze izinyathelo zikaJesu ukuze uthokozise inhliziyo kaJehova manje naphakade.

Abanyathelisi