Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 15

‘Waba Nesihawu’

‘Waba Nesihawu’

“Nkosi, yenza amehlo ethu avuleke”

1-3. (a) UJesu usabela kanjani lapho izinxibi ezimbili eziyizimpumputhe zimcela usizo? (b) Isho ukuthini inkulumo ethi “hawukela”? (Bheka umbhalo waphansi.)

IZIMPUMPUTHE ezimbili zihlezi eceleni kwendlela eduze kwaseJeriko. Zonke izinsuku ziza lapha, zifune indawo okungenzeka kudlule kuyo izixuku bese zicela inkongozelo. Kodwa namuhla zizobona into ezokushintsha ngendlela emangalisayo ukuphila kwazo.

2 Kungazelelwe, lezi zinxibi zizwa ukuxokozela. Njengoba zingaboni ukuthi kwenzekani, esinye siyabuza ukuthi kwenzenjani, bese siyatshelwa: “Kudlula uJesu umNazaretha!” UJesu ulibangise eJerusalema okokugcina. Kodwa akayedwa; ulandelwa izixuku. Zithi zingezwa nje izinxibi ukuthi ubani odlulayo, zibange umsindo zimemeze: “Nkosi, yiba nesihe kithi, Ndodana kaDavide!” Ngokucasuka, izixuku ziyazithulisa izinxibi, kodwa la madoda afuna usizo oluphuthumayo. Awayingeni eyokuthuliswa.

3 UJesu uyakuzwa ukumemeza kwawo naphezu komsindo wesixuku. Uzokwenzani? Kuningi okumkhathazayo engqondweni nasenhliziyweni. Sekuzoba isonto lokugcina lokuphila kwakhe emhlabeni. Uyazi ukuthi uzohlupheka futhi afe kabuhlungu eJerusalema. Noma kunjalo, akasizibi lesi sikhalo esibeleselayo. Uyama acele ukuba laba abamemezayo balethwe kuye. Bayancenga: “Nkosi, yenza amehlo ethu avuleke.” “Ezihawukela,” uJesu uthinta amehlo azo, zibone. * Ngaphandle kokulibala, zilandela uJesu.—Luka 18:35-43; Mathewu 20:29-34.

4. UJesu wasigcwalisa kanjani isiprofetho esithi ‘wayeyohawukela ophansi’?

4 UJesu wayengaqali futhi engagcini ukubonisa isihawu. Ezikhathini eziningi nasezimweni eziningi ezihlukene, wathinteka ngokujulile wabonisa isihawu. Isiprofetho seBhayibheli sabikezela ukuthi ‘wayeyohawukela ophansi.’ (IHubo 72:13) Njengoba kwakushiwo, uJesu wayebazwela abantu. Wayethatha isinyathelo kuqala sokubasiza. Isihawu sakhe samshukumisela ekubeni ashumayele. Ake sibone indlela amaVangeli asembula ngayo isihawu esasisemazwini nasezenzweni zikaJesu, sibone ukuthi thina singasilingisa kanjani.

Ukukhathalela Imizwa Yabanye

5, 6. Yiziphi izibonelo ezibonisa ukuthi uJesu wayenozwela?

5 UJesu wayenozwela olujulile. Wayeyiqonda imizwa yabantu abahluphekayo futhi ekwazi ukuzibeka esimweni sabo. Nakuba zingamehlelanga yena zonke izinto ezazehlela abanye, wayebuzwa ngempela ubuhlungu babo enhliziyweni yakhe. (Hebheru 4:15) Lapho ephulukisa owesifazane okwase kuyiminyaka engu-12 opha, wachaza isifo sakhe ngokuthi ‘ukugula okubi,’ ngaleyo ndlela evuma ukuthi sase simbangele usizi nokuhlupheka okukhulu. (Marku 5:25-34) Lapho ebona uMariya nalabo ababenaye bekhala ngoba kufe uLazaru, wadabuka ekujuleni kwenhliziyo kangangokuba wabubula emoyeni. Nakuba ayazi ukuthi wayezomvusa uLazaru, wadabuka waze wakhala.—Johane 11:33, 35.

6 Ngesinye isikhathi kweza umuntu onochoko kuJesu wamncenga: “Uma nje uthanda, ungangenza ngihlanzeke.” Wasabela kanjani uJesu, umuntu ophelele owayengakaze agule? Wamzwela lo muntu. Ngempela “waba nesihawu.” (Marku 1:40-42) Wabe esenza into eyisimanga. Wayazi kahle ukuthi abantu abanochoko babengahlanzekile ngaphansi koMthetho nokuthi kwakungafanele bahlangane nabanye abantu. (Levitikusi 13:45, 46) UJesu wayengamphulukisa lo muntu onochoko engamthintanga. (Mathewu 8:5-13) Kepha wakhetha ukumthinta, ethi: “Ngiyathanda. Hlanzeka.” Masinyane uchoko lwashabalala. Yeka uzwela olunesisa uJesu alubonisa!

Bonisa ‘uzwela’

7. Yini engasisiza sihlakulele uzwela, futhi ingaboniswa kanjani le mfanelo?

7 NjengamaKristu, kulindeleke ukuba silingise uJesu ekuboniseni uzwela. IBhayibheli lisikhuthaza ukuba ‘sizwelane.’ * (1 Petru 3:8) Kungase kungabi lula ukuqonda imizwa yalabo abaphethwe izifo ezingelapheki noma ukucindezeleka—ikakhulukazi uma zingakaze zisiphathe thina lezo zifo. Nokho, khumbula ukuthi uzwela aluyi ngokuthi wena uke wabhekana yini nesimo esifanayo. UJesu wabazwela abagulayo yize ayengakaze agule. Singaluhlakulela kanjani-ke uzwela? Ngokulalela ngesineke lapho abahluphekile besivulela isifuba sabo besitshela indlela abazizwa ngayo. Singazibuza, ‘Ukube bengisesimweni sabo, bengiyozizwa kanjani?’ (1 Korinte 12:26) Uma silujulisa uzwela lwethu ngabanye, siyokwazi kangcono ‘ukukhuluma ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile.’ (1 Thesalonika 5:14) Ngezinye izikhathi uzwela lungase lungaboniswa ngamazwi kuphela kodwa nangezinyembezi. “Khalani nabantu abakhalayo,” kusho eyabaseRoma 12:15.

8, 9. UJesu wabonisa kanjani ukuthi uyayicabangela imizwa yabanye?

8 UJesu wayebacabangela abanye futhi wayenza ngezindlela ezazingabalimazi ngokomzwelo. Khumbula mhla umlisa oyisithulu futhi ongakwazi ukukhuluma kahle elethwa kuJesu. Cishe ngenxa yokubona ukuthi le ndoda inamahloni, uJesu wenza into ayengayenzi lapho ephulukisa abanye: ‘Wayisusa esixukwini.’ Sebengasekho emehlweni esixuku, wayiphulukisa.—Marku 7:31-35.

9 UJesu wabonisa ukucabangela okufanayo nalapho abantu bemlethela impumputhe bemcela ukuba ayiphulukise. “Wayibamba le mpumputhe ngesandla, wayikhiphela ngaphandle komzana.” Wayeseyiphulukisa kancane kancane. Mhlawumbe lokhu kwenza ukuba ingqondo namehlo alo muntu akwazi ukujwayela kancane kancane izinto ezixhophayo nezididayo ayezibona endaweni ekhanya ilanga ayekuyo. (Marku 8:22-26) Yeka ukucabangela uJesu akubonisa!

10. Singakubonisa ngaziphi izindlela ukucabangela imizwa yabanye?

10 Ukuba abalandeli bakaJesu kudinga sibonise ukucabangela imizwa yabanye. Ngakho siyayigada indlela esikhuluma ngayo, sikhumbule ukuthi ukukhuluma singacabangile kungabalimaza abanye. (IzAga 12:18; 18:21) Amazwi anokhahlo, inkulumo yokweyisa nokubhuqa akunandawo kumaKristu, ayicabangelayo imizwa yabanye abantu. (Efesu 4:31) Badala, ningabonisa kanjani ukuthi niyayicabangela imizwa yabanye? Lapho ninikeza iseluleko, amazwi enu mawabe nomusa, ashiye umuntu olulekwayo engazizwa ehlisiwe. (Galathiya 6:1) Bazali, ningayicabangela kanjani imizwa yabantabenu? Lapho nibayala, zamani ukubayala ngezindlela ezingeke zibaphoxe ngokungadingekile.—Kolose 3:21.

Ukuthatha Isinyathelo Sokusiza Abanye

11, 12. Yikuphi ukulandisa kweBhayibheli okubonisa ukuthi kwakungadingeki ukuba uJesu acelwe andukuba abonise isihawu kwabanye?

11 Kwakungadingeki ukuba ngaso sonke isikhathi uJesu acelwe andukuba abonise abanye isihawu. Phela isihawu asiyona imfanelo eyenza umuntu asonge izandla, kodwa siyimfanelo enhle emenza afune ukwenza okuthile. Akumangalisi-ke ukuthi isihawu sashukumisa uJesu ukuba athathe isinyathelo sokusiza abanye. Ngokwesibonelo, ngesikhathi isixuku esikhulu sabantu sihlezi naye izinsuku ezintathu singadlile, akekho okwadingeka atshele uJesu ukuthi abantu balambile noma asikisele ukuba enze okuthile. Ukulandisa kuthi: “UJesu wabizela abafundi bakhe kuye wathi: ‘Ngiyasihawukela isixuku, ngoba kakade sekuyizinsuku ezintathu sihlezi nami futhi asinalutho oludliwayo; angifuni ukusimukisa singadlile. Singase siphelelwe ngamandla endleleni.’” Ngokuzithandela wayesesipha ukudla ngokuyisimangaliso.—Mathewu 15:32-38.

12 Cabanga nangokunye ukulandisa. Ngo-31 C.E., lapho uJesu esondela emzini waseNayini, wabona into edabukisayo. Kwakuphuma umngcwabo kulo muzi, mhlawumbe uya emathuneni aseduze emthambekeni wentaba, kuyongcwatshwa ‘indodana ezelwe yodwa yomfelokazi.’ Ungabucabanga ubuhlungu obabuzwiwa yilo mama enhliziyweni? Wayesezongcwaba indodana yakhe enguzinyobulala, engenaye nomyeni ayezokhalela kuye. Kubo bonke abantu ababekulo mngcwabo, uJesu ‘wabona’ lo mfelokazi owayengasenangane manje. Akubona kwamdabukisa—yebo ‘wamhawukela.’ Akudingekanga aze acelwe. Isihawu enhliziyweni yakhe samphoqa ukuba athathe isinyathelo. Ngakho ‘wasondela wathinta uhlaka,’ wayeseyivusa le nsizwa. Kwabe sekwenzekani? UJesu akazange acele le nsizwa ukuba ingene esixukwini esikhulu esasihamba naye. Kunalokho ‘wayinika unina,’ wabenza baphinde baba umkhaya, eqinisekisa nokuthi lo mfelokazi uzonakekelwa.—Luka 7:11-15.

Thatha isinyathelo sokusiza abahluphekile

13. Singamlingisa kanjani uJesu ekuthatheni isinyathelo sokusiza abahluphekile?

13 Singasilandela kanjani isibonelo sikaJesu? Yiqiniso, ngeke sikwazi ukwenza kube nokudla ngokuyisimangaliso noma ukuvusa abafileyo. Kepha singamlingisa uJesu ekuthatheni isinyathelo sokusiza abahluphekile. Esikholwa naye kungase kungamhambeli kahle ngokwezimali noma alahlekelwe umsebenzi. (1 Johane 3:17) Umuzi womfelokazi ungase udinge ukulungiswa ngokuphuthumayo. (Jakobe 1:27) Kungenzeka kunomkhaya esiwaziyo oshonelwe odinga induduzo noma usizo olungokoqobo. (1 Thesalonika 5:11) Uma kunesidingo sangempela, akudingeki silinde size sicelwe ngaphambi kokunikeza usizo. (IzAga 3:27) Isihawu siyosenza sithathe isinyathelo sokusiza, kuye ngezimo zethu. Ungakhohlwa nanini ukuthi isenzo esincane somusa noma amazwi ambalwa nje enduduzo asuka enhliziyweni angaba ubufakazi obunamandla bokuthi unesihawu.—Kolose 3:12.

Isihawu Samenza Washumayela

14. Kungani uJesu awubeka phambili umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle?

14 Njengoba sibonile eNgxenyeni 2 yale ncwadi, uJesu wabeka isibonelo esihle kakhulu sokushumayela izindaba ezinhle. Wathi: “Kumelwe ngishumayele izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu, ngoba yilokhu engathunyelwa kona.” (Luka 4:43) Kungani awubeka phambili lo msebenzi? Ngokuyinhloko kungenxa yothando lwakhe ngoNkulunkulu. Kodwa uJesu wayenesinye isisusa: Isihawu esivela enhliziyweni samshukumisa ukuba anelise izidingo zabanye ezingokomoya. Kuzo zonke izindlela abonisa ngazo isihawu, ayikho eyayibaluleke ukwedlula ukwanelisa iphango labantu elingokomoya. Ake sihlole izenzakalo ezimbili ezembula indlela uJesu ayebheka ngayo abantu ayebashumayeza. Lokhu kuzosisiza ukuba sihlaziye ezethu izisusa zokuhlanganyela enkonzweni yasobala.

15, 16. Chaza izenzakalo ezimbili ezembula indlela uJesu ayebheka ngayo abantu ayebashumayeza.

15 Ngo-31 C.E., cishe ngemva kweminyaka emibili ezikhandla ngentshiseko enkonzweni, uJesu wandisa indawo ayeshumayela kuyo ngokuthatha “uhambo oluya kuyo yonke imizi nemizana” yaseGalile. Akubona kwamdabukisa. Umphostoli uMathewu uyabika: “Lapho ebona izixuku wafikelwa isihawu ngazo, ngoba zaziphundlekile futhi zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.” (Mathewu 9:35, 36) UJesu wayebazwela abantu abavamile. Wayesazi kahle isimo sabo esidabukisayo ngokomoya. Wayazi ukuthi bona kanye abantu okwakufanele babeluse—abaholi benkolo—babebaphatha kabi futhi bengabanakile nhlobo. Eshukunyiswa isihawu esijulile, uJesu wasebenza ngenkuthalo ukuze afinyelele abantu ngesigijimi sethemba. Akukho ababekudinga ngaphezu kwezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.

16 Kwénzeka okufanayo ngemva kwezinyanga ezithile, sekusondele iPhasika lika-32 C.E. UJesu nabaphostoli bakhe bagibela isikebhe bawela uLwandle LwaseGalile befuna indawo ethulile abangaphumula kuyo. Kodwa isixuku sabantu sagijima sagudla ugu safika kuqala kunesikebhe. Wasabela kanjani uJesu? “Lapho ehla wabona isixuku esikhulu, kodwa waba nesihawu ngaso, ngoba sasinjengezimvu ezingenamalusi. Wasifundisa izinto eziningi.” (Marku 6:31-34) Nalapha futhi uJesu “waba nesihawu” ngenxa yokulamba kwabantu ngokomoya. “Njengezimvu ezingenamalusi” babelamba ngokomoya futhi kudingeka bazibonele. Yisihawu esashukumisa uJesu ukuba ashumayele, akuwona umuzwa wesibopho.

Shumayela ngesihawu

17, 18. (a) Yini esishukumisela ukuba sihlanganyele enkonzweni? (b) Singasihlakulela kanjani isihawu ngabanye?

17 Njengabalandeli bakaJesu, yini esishukumisela ukuba sihlanganyele enkonzweni? Njengoba sibonile eSahlukweni 9 sale ncwadi, sithunyiwe, sinomthwalo wemfanelo wokushumayela nokwenza abafundi. (Mathewu 28:19, 20; 1 Korinte 9:16) Kodwa isisusa sokwenza lo msebenzi akumelwe nje kube umuzwa wesibopho. Ngaphezu kwakho konke, uthando ngoJehova lusenza sishumayele izindaba ezinhle zoMbuso wakhe. Ukushumayela kwethu kushukunyiswa nayisihawu ngalabo esingakholwa nabo. (Marku 12:28-31) Singasihlakulela kanjani-ke isihawu ngabanye?

18 Kudingeka sibheke abantu ngendlela uJesu ababheka ngayo—‘njengabaphundlekile futhi abahlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.’ Zibone ngeso lengqondo uthola iwundlu elidukile. Njengoba engekho umalusi ozoliyisa emadlelweni aluhlaza nasemanzini, libulawa indlala nokoma. Ubungeke yini ulidabukele? Ubungeke wenze okusemandleni ukuze ulinike ukudla namanzi? Lelo wundlu lifana nabantu abaningi abangakazazi izindaba ezinhle. Njengoba abelusi benkolo yamanga bengabanakile, balambile futhi bomile ngokomoya, abanalo ithemba langempela ngekusasa. Thina sinako abakudingayo: ukudla okungokomoya okunomsoco namanzi aqabulayo eqiniso eliseZwini likaNkulunkulu. (Isaya 55:1, 2) Lapho sicabanga ngezidingo ezingokomoya zabantu esiphila nabo, siyabadabukela. Uma sibazwela ngokujulile abantu njengoJesu, siyokwenza konke esingakwenza ukuze sibazise ngethemba loMbuso.

19. Yini esingayenza ukuze sishukumise umuntu ofundelwayo osekufanelekela ukuhlanganyela enkonzweni yasobala?

19 Singabasiza kanjani abanye ukuba balandele isibonelo sikaJesu? Ake sithi sifuna ukukhuthaza umuntu ofundelwayo okufanelekelayo ukuqala ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela obala. Noma mhlawumbe sifuna ukusiza osepholile aphinde ahlanganyele ngokugcwele enkonzweni. Singabasiza kanjani abantu abanjalo? Kudingeka sithinte izinhliziyo zabo. Khumbula ukuthi uJesu waqale “waba nesihawu” ngabantu, wayesebafundisa. (Marku 6:34) Ngakho uma singabasiza bahlakulele isihawu, izinhliziyo zabo zingase zibenze balingise uJesu bahlanganyele izindaba ezinhle nabanye. Singase sibabuze: “Ukwamukela isigijimi soMbuso kukushintshe kanjani ukuphila kwakho? Kuthiwani ngabantu abangakasazi lesi sigijimi—abazidingi yini nabo izindaba ezinhle? Yini ongayenza ukuze ubasize?” Yebo, isisusa esinamandla kunazo zonke sokuhlanganyela enkonzweni, uthando ngoNkulunkulu nesifiso sokumkhonza.

20. (a) Yini ehilelekile ekubeni umlandeli kaJesu? (b) Sizofunda ngani esihlokweni esilandelayo?

20 Ukuba umlandeli kaJesu kuhilela okungaphezu kokuphindaphinda amazwi akhe nokwenza njengoba enza. Kudingeka sihlakulele ‘isimo sengqondo’ ayenaso. (Filipi 2:5) Khona-ke, yeka indlela esijabula ngayo ngokuthi iBhayibheli lisembulela imicabango nemizwa eyayiyizisusa zalokho uJesu akusho nakwenza! Ngokujwayelana ‘nomqondo kaKristu,’ siyokwazi ukuhlakulela uzwela nesihawu esisuka enhliziyweni ngaleyo ndlela siphathe abanye ngendlela uJesu ayephatha ngayo abantu. (1 Korinte 2:16) Esahlukweni esilandelayo, sizofunda ngezindlela ezihlukahlukene uJesu abonisa ngazo uthando kubalandeli bakhe ngokukhethekile.

^ par. 3 Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “hawukela” liye labizwa ngokuthi elinye lamagama esiGreki elinamandla kakhulu lozwela. Enye incwadi ithi leli gama alibonisi “nje kuphela ubuhlungu obuzwayo uma ubona ukuhlupheka, kodwa libonisa nesifiso esinamandla sokudambisa nokuqeda lokho kuhlupheka.”

^ par. 7 Isiphawulo sesiGreki esihunyushwe ngokuthi “ukuzwelana” ngokwezwi nezwi sisho “ukuhlupheka [nomuntu].”