Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 4

“Bheka! INgonyama Yesizwe SakwaJuda”

“Bheka! INgonyama Yesizwe SakwaJuda”

“Nginguye”

1-3. UJesu ubhekene nayiphi ingozi, futhi usabela kanjani?

IVIYO labantu lifuna uJesu. Lihlome ngezinkemba nemishiza, futhi njengoba lihambisana namasosha, lakha isixuku esikhulu. Sihamba emigwaqweni emnyama yaseJerusalema sengathi siqhutshwa ububi obuthile, sidabule eSigodini SaseKidroni siye eNtabeni Yeminqumo. Kunonyezi, kodwa siphethe izimbaqa nezibani. Ingabe siphethe izibani ngenjongo yokukhanyisa ngoba amafu asithe inyanga? Noma ingabe silindele ukuba isisulu saso sizobe sicashile? Nakhu esiqiniseka ngakho: Noma ubani olindele ukuba uJesu akhwantabaliswe ukwesaba, akamazi neze.

2 UJesu uyayibona ingozi ezayo. Kepha uyama alinde. Iviyo liyasondela liholwa uJuda, owake waba umngane othembekile. Ngaphandle kwamahloni, uJuda ukhaphela uJesu, ubabonisa owayeyinkosi yakhe ngokumbingelela kokuzenzisa nangokumanga. Namanje uJesu uzibambile. Ube esephuma ame phambi kwesixuku. Uyabuza: “Nifuna bani?” Siyaphendula: “UJesu umNazaretha.”

3 Kubantu abaningi bekuyophela nasozwaneni uma bephambi kweviyo elihlome kanje. Mhlawumbe yilokhu lesi sixuku esikulindele kule ndoda ephambi kwaso. Kodwa uJesu akethuki, akabaleki, akaqambi amanga. Kunalokho uvele athi: “Nginguye.” Ukuzola nesibindi sakhe kwenza la madoda amangale. Ahlehlela nyovane awe!—Johane 18:1-6; Mathewu 26:45-50; Marku 14:41-46.

4-6. (a) INdodana kaNkulunkulu ifaniswa nani, futhi ngani? (b) UJesu wasibonisa ngaziphi izindlela ezintathu isibindi?

4 UJesu wakwazi kanjani ukubhekana nengozi enkulu kangaka ngokuzithiba okungaka? Ngegama elilodwa, impendulo isibindi. Zimbalwa izimfanelo ezifiseleka nezidingeka njengesibindi kumholi, futhi akekho umuntu oseke walingana noJesu kulokhu, ingasaphathwa eyokumedlula. Esahlukweni esandulele, sifunde ngendlela uJesu ayethobeke futhi emnene ngayo. Wayebizwa kufanele ngokuthi “iWundlu.” (Johane 1:29) Nokho isibindi sikaJesu simenza achazwe ngenye indlela ehluke kakhulu. IBhayibheli lithi ngeNdodana kaNkulunkulu: “Bheka! INgonyama yesizwe sakwaJuda.”—IsAmbulo 5:5.

5 Ingonyama ivame ukuhlotshaniswa nesibindi. Wake wabhekana ubuso nobuso nengonyama endala yenduna? Uma wake wabhekana nayo, kungenzeka ukuthi wawuhlukaniswe nayo ucingo olubiyele izilwane e-zoo. Nokho, kwakhona lokho nje kuyethusa. Njengoba usibuka emehlweni lesi silwane esikhulu nesinamandla nanjengoba naso sikubuka, awunakuyicabanga ingonyama ibalekela noma yini ngoba yesaba. IBhayibheli likhuluma ‘ngengonyama, enamandla kunazo zonke izilwane futhi engafulatheli ngaphambi kwanoma ubani.’ (IzAga 30:30) Sinjalo isibindi sikaKristu.

6 Ake sixoxe ngendlela uJesu abonisa ngayo isibindi esinjengesengonyama ngezindlela ezintathu: ekumeleleni iqiniso, ekumeleleni ubulungisa, nasekubhekaneni nokuphikiswa. Sizobona nokuthi sonke—kungakhathaliseki ukuthi sinesibindi ngokwemvelo noma cha—singamlingisa uJesu ekuboniseni isibindi.

Walimelela Ngesibindi Iqiniso

7-9. (a) Kwenzekani lapho uJesu eneminyaka engu-12, futhi yini ekwethusayo ngaleso simo? (b) UJesu wasibonisa kanjani isibindi lapho enabafundisi ethempelini?

7 Ezweni elibuswa uSathane, ‘uyise wamanga,’ ngokuvamile kudinga isibindi ukumelela iqiniso. (Johane 8:44; 14:30) UJesu akalindanga waze waba mdala ngaphambi kokumelela iqiniso. Lapho eneminyaka engu-12, walahlekelana nabazali bakhe ngemva komkhosi wePhasika eJerusalema. UMariya noJosefa bamfuna phansi phezulu umfana izinsuku ezintathu. Bagcina bemthole ethempelini. Wayenzani lapho? ‘Wayehlezi phakathi kwabafundisi ebalalele futhi ebabuza.’ (Luka 2:41-50) Ake ucabange ukuthi leyo ngxoxo yayingaphansi kwaziphi izimo.

8 Izazimlando zithi abanye babaholi benkolo abaqavile babevame ukusala ethempelini ngemva kwemikhosi, bafundise kweminye yemipheme emikhulu yakhona. Abantu babehlala phansi babalalele, bababuze imibuzo. Laba baholi babeyizifundiswa. Babewazi kahle kakhulu uMthetho KaMose nemithetho yabantu engapheli nexakile kanye namasiko aye anda ngokuhamba kwesikhathi. Wawungazizwa kanjani ukube wawuhleli phakathi kwabo? Wesaba? Kwakuyoba ngokwemvelo lokho. Kuthiwani-ke uma uneminyaka engu-12 nje? Abaningi abasha banamahloni. (Jeremiya 1:6) Abaningi bazama ngazo zonke izindlela ukugwema amehlo othisha esikoleni; laba abasha besaba ukukhonjwa, besaba ukunakwa, besaba nokuthi bangase baphoxeke noma bahlekwe.

9 Noma kunjalo, nangu uJesu uhlezi phakathi kwezifundiswa, ezibuza ngokungesabi imibuzo ejulile. Wenza nokunye okwengeziwe. Ukulandisa kuyasitshela: “Bonke ababemlalele babelokhu bemangele ngenxa yokuqonda kwakhe nezimpendulo zakhe.” (Luka 2:47) IBhayibheli alisitsheli ukuthi wayethini, kodwa singaqiniseka ukuthi wayengaphindi nje amanga ayethandwa yilabo bafundisi benkolo. (1 Petru 2:22) Cha, wayemelela iqiniso leZwi likaNkulunkulu, futhi ngokuqinisekile izilaleli zakhe zamangazwa ukuthi umfana oneminyaka engu-12 ukwazi ukukhuluma ngendlela ehlakaniphe nenesibindi kangaka.

Eningi intsha engamaKristu ihlanganyela nabanye ukholo lwayo ngesibindi

10. AmaKristu amasha namuhla asilingisa kanjani isibindi sikaJesu?

10 Namuhla, inqwaba yamaKristu asemasha ilandela ezinyathelweni zikaJesu. Kuyavunywa, ayiphelele njengoJesu osemusha. Kodwa njengaye, ayilindi ize ibe ndala ngaphambi kokumelela iqiniso. Esikoleni noma emiphakathini ehlala kuyo, ibuza abantu ngokuhlakanipha, ibalalele, futhi ibatshele iqiniso ngenhlonipho. (1 Petru 3:15) Njengeqembu, laba abasha baye basiza abafunda nabo, othisha kanye nomakhelwane ukuba babe abalandeli bakaKristu. Yeka ukuthi simjabulisa kanjani uJehova isibindi sabo! IZwi lakhe lifanisa intsha enjalo namazolo—iyaqabula, iyajabulisa, futhi iningi.—IHubo 110:3.

11, 12. Esemdala, uJesu wasibonisa kanjani isibindi ekuvikeleni iqiniso?

11 Esekhulile, uJesu wasibonisa kaninginingi isibindi ekuvikeleni iqiniso. Empeleni inkonzo yakhe wayiqala ngokubhekana nesimo abaningi abangasichaza njengesethusayo. UJesu, engeyona ingelosi eyinhloko enamandla, kodwa engumuntu wenyama negazi, kwadingeka abhekane noSathane, isitha sikaJehova esinamandla nesiyingozi ukuzedlula zonke. UJesu wamchitha uSathane nemizamo yakhe yokusebenzisa kabi imiBhalo ephefumulelwe. UJesu waqeda indaba ngokumyala ngesibindi: “Hamba, Sathane!”—Mathewu 4:2-11.

12 Kanjalo uJesu wabonisa indlela ayezokwenza ngayo inkonzo yakhe, evikela ngesibindi iZwi likaYise emizamweni yokulisonta noma yokulisebenzisa kabi. Ngaleso sikhathi, njenganamuhla, ukungathembeki okunjalo kwenkolo kwakukuningi. UJesu watshela abaholi benkolo bosuku lwakhe: “Nilenza ize izwi likaNkulunkulu ngesiko lenu enilidlulisele.” (Marku 7:13) Lawo madoda ayehlonishwa kakhulu iningi labantu, kodwa uJesu wawabiza ngokungesabi ngokuthi angabaholi abayizimpumputhe nabazenzisi. * (Mathewu 23:13, 16) Singasilingisa kanjani lesi sici sesibonelo sikaJesu sesibindi?

13. Yini okudingeka siyikhumbule ekulingiseni uJesu, kodwa yiliphi ilungelo esinalo?

13 Siyakhumbula nokho ukuthi asinalo ikhono likaJesu lokuhlola izinhliziyo noma igunya lakhe lokwahlulela. Kodwa singakulingisa ukuvikela kwakhe iqiniso ngesibindi. Ngokwesibonelo, ngokudalula amanga enkolo—amanga ewafundisayo ngoNkulunkulu, ngezinjongo zakhe, nangeZwi lakhe—siletha ukukhanya ezweni eligubuzelwe ubumnyama bamanga kaSathane. (Mathewu 5:14; IsAmbulo 12:9, 10) Sisiza ekukhululeni abantu ekugqilazweni izimfundiso zamanga ezigcwalisa izinhliziyo zabo ngokwesaba okubi, nezilimaza ubuhlobo babo noNkulunkulu. Yeka ilungelo esinalo lokubona ukugcwaliseka kwesithembiso sikaJesu: “Iqiniso liyonikhulula”!—Johane 8:32.

Wabumelela Ngesibindi Ubulungisa

14, 15. (a) Iyiphi enye indlela uJesu akwenza kwacaca ngayo ukuthi “ubulungisa buyini”? (b) Ngokukhuluma nowesifazane ongumSamariya, yikuphi ukubandlulula uJesu angazange akushaye mkhuba?

14 Isiprofetho seBhayibheli sabikezela ukuthi uMesiya wayezocacisela izizwe ukuthi “ubulungisa buyini.” (Mathewu 12:18; Isaya 42:1) Ngokuqinisekile uJesu waqala ukwenza kanjalo elapha emhlabeni. Ngesibindi esikhulu, wayehlale enza ngobulungisa nangokungakhethi lapho esebenzelana nabantu. Ngokwesibonelo, wenqaba ukubandlulula nokucwasa abanye okungekho ngokomBhalo, into eyayixhaphakile kubantu besikhathi sakhe.

15 Lapho uJesu ekhuluma nowesifazane ongumSamariya emthonjeni waseSikhari, abafundi bakhe bamangala. Ngani? Ngalezo zinsuku, amaJuda amaningi ayewenyanya amaSamariya; lokhu kwenyanya kwakuhlehlela eminyakeni eminingi ngaphambili. (Ezra 4:4) Ngaphezu kwalokho, abanye orabi babebabukela phansi abesifazane. Imithetho yorabi, eyabhalwa phansi kamuva, yayingamkhuthazi owesilisa ukuba akhulume nowesifazane; yayize isikisele nokuthi abesifazane abakufanele ukufundiswa uMthetho kaNkulunkulu. Abesifazane abangamaSamariya babebhekwa njengabangahlanzekile. UJesu akazange akushaye mkhuba lokhu kubandlulula okungalungile, wamfundisa obala owesifazane ongumSamariya (owayephila ukuphila kokuziphatha okubi), waze wazidalula kuye njengoMesiya.—Johane 4:5-27.

16. Kungani amaKristu edinga isibindi sokuba ahlukile endabeni yobandlululo?

16 Wake wazithola unabantu abanobandlululo olubi ngabanye? Mhlawumbe bantela ngokujivaza abantu bolunye uhlanga noma ubuzwe, badelela abantu bobunye ubulili, noma babukela phansi abantu abangafani nabo ngokwezomnotho noma ezenhlalo. Abalandeli bakaKristu abahambisani nemibono enjalo yenzondo, futhi balwa kanzima ukuba bakhiphe ngokuphelele noma yimiphi iminonjana yobandlululo ezinhliziyweni zabo. (IzEnzo 10:34) Ngamunye wethu kudingeka ahlakulele isibindi sokuba ongakhethi kule ndaba.

17. Yisiphi isinyathelo uJesu asithatha ethempelini, futhi ngani?

17 Isibindi senza uJesu walwela ukuhlanzeka kwabantu bakaNkulunkulu kanye nelungiselelo lokukhulekela okumsulwa. Ekuqaleni kwenkonzo yakhe, wangena endaweni yethempeli eJerusalema futhi kwamnenga ukubona abathengisi nabashintshi bemali beqhuba ibhizinisi lapho. Egcwele intukuthelo elungile, uJesu wawaxosha lawo madoda ahahayo kanye nezimpahla zawo. (Johane 2:13-17) Wenza okufanayo futhi ngasekupheleni kwenkonzo yakhe. (Marku 11:15-18) Ngokuqinisekile lezi zenzo zamakhela izitha ezinkulu, kodwa akazange angabaze. Ngani? Kusukela ebuntwaneni, wayebiza lelo thempeli ngokuthi yindlu kaYise—futhi wayeqinisile. (Luka 2:49) Ukungcoliswa kokukhulekela okumsulwa okwakwenziwa lapho kwakuwukungalungi ayengeke neze akuvumela. Intshiseko yakhe yamnika isibindi sokwenza lokho okwakudingeka.

18. AmaKristu namuhla angasibonisa kanjani isibindi uma kuziwa ekuhlanzekeni kwebandla?

18 Abalandeli bakaKristu ngokufanayo namuhla bakukhathalela ngokujulile ukuhlanzeka kwabantu bakaNkulunkulu kanye nelungiselelo lokukhulekela okumsulwa. Uma bebona ukuthi umKristu abakanye naye uhileleke ekoneni okungathí sina, abamane nje bakushalazele lokho. Bayakhuluma ngesibindi. (1 Korinte 1:11) Bayaqiniseka ukuthi abadala bebandla bayatshelwa. Abadala bangabasiza labo abagulayo ngokomoya futhi bangathatha isinyathelo ukuze balondoloze ukuma okuhlanzekile kwezimvu zikaJehova.—Jakobe 5:14, 15.

19, 20. (a) Yikuphi ukungalungi okwakugcwele osukwini lukaJesu, futhi uJesu wabhekana nakuphi ukucindezelwa? (b) Kungani abalandeli bakaKristu benqaba ukuhileleka kwezombusazwe, futhi yimuphi omunye umvuzo wokuma kwabo?

19 Nokho, singaphetha yini ngokuthi uJesu walwa nokungalungi emhlabeni wonke? Ngokuqinisekile kwakukhona izenzo ezingenabulungisa yonke indawo. Izwe lakubo lalibuswa umbuso wezizwe. AmaRoma ayecindezela amaJuda ngokuba khona kwamabutho amaningi, ngokuwabiza intela enkulu, ngisho nangokuphazamisa amasiko awo enkolo. Akumangazi-ke ukuthi abantu abaningi babefuna uJesu angene kwezombusazwe zosuku lwakhe. (Johane 6:14, 15) Nalapha futhi kwadingeka abonise isibindi.

20 UJesu wachaza ukuthi uMbuso wakhe awuyona ingxenye yaleli zwe. Ngesibonelo sakhe, waqeqesha abalandeli bakhe ukuba bangazigaxi ezimpini zombusazwe zosuku lwabo kunalokho bagxile ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Johane 17:16; 18:36) Wafundisa isifundo esinamandla sokungathathi hlangothi lapho iviyo labantu lifika lizombopha. UPetru akabange esabuza, wagalela ngenkemba yakhe walimaza umuntu. Kulula ukuzwelana noPetru. Uma kwake kwafaneleka ukuthethelela ubudlova, kwakungaba ngalobo busuku, lapho iNdodana kaNkulunkulu engenacala ihlaselwa. Kodwa uJesu wabekela abalandeli bakhe isibonelo sokulandelwa kuze kube usuku lwethu: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngoba bonke abaphatha inkemba bayobhubha ngenkemba.” (Mathewu 26:51-54) Ukuba nokuthula kanjalo ngokuqinisekile kwakudinga abalandeli bakaKristu ngaleso sikhathi babe nesibindi, njengoba kusenjalo nanamuhla. Ngenxa yokungathathi hlangothi kwabo kobuKristu, abantu bakaNkulunkulu namuhla banomlando ohlanzekile uma kuziwa ezimpini eziyinqwaba zosuku lwethu, ukuqothulwa kwezizwe, izibhelu, kanye nezinye izenzo zobudlova ezifanayo. Lo mlando omuhle kangaka ungomunye wemivuzo yesibindi sabo.

Wabhekana Nokuphikiswa Ngesibindi

21, 22. (a) UJesu wathola luphi usizo ngaphambi kokubhekana nokulingwa okunzima kunakho konke? (b) UJesu waba kanjani nesibindi kwaze kwaba sekugcineni?

21 INdodana kaJehova yayazi kusengaphambili ukuthi yayizophikiswa kanzima lapha emhlabeni. (Isaya 50:4-7) Yasongelwa kaningi ngokubulawa, okwagcina kuphumele kulokho okuchazwe ekuqaleni kwalesi sahluko. UJesu wahlala kanjani enesibindi naphezu kwezingozi ezinjalo? Wayenzani ngenkathi singakafiki isixuku sizombopha? Wayethandaza ngobuqotho kuJehova. Yini uJehova ayenza? IBhayibheli lisitshela ukuthi uJesu “wazwiwa ngomusa.” (Hebheru 5:7) UJehova wathumela ingelosi ezulwini ukuba iqinise iNdodana yakhe enesibindi.—Luka 22:42, 43.

22 Ngokushesha nje ngemva kokuqiniswa, uJesu wathi kubaphostoli bakhe: “Sukumani, masihambe.” (Mathewu 26:46) Cabanga ngesibindi esikula mazwi. Wathi “masihambe,” azi ukuthi uzotshela isixuku ukuba singabalimazi abangane bakhe, azi ukuthi labo bangane bazomshiya babaleke, azi futhi ukuthi uzohamba yedwa ayobhekana nenselele enzima kunazo zonke ekuphileni kwakhe. Eyedwa, waquliswa icala elingemthetho nelingenabulungisa, wenziwa inhlekisa, wahlukunyezwa, wabheka nanokufa okubuhlungu. Kukho konke lokhu, waqhubeka enesibindi.

23. Chaza ukuthi kungani indlela uJesu abhekana ngayo nengozi nokusongelwa ngokufa kwakungeyona eyokungabi nandaba nokuphila.

23 Ingabe uJesu wayengenandaba nokuphila? Cha; ukungabi nandaba akuhlangene nakancane nokuba nesibindi sangempela. Empeleni, uJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba baqaphe, ukuba bamonyuke ngokuhlakanipha engozini ukuze baqhubeke benza intando kaNkulunkulu. (Mathewu 4:12; 10:16) Nokho, kulokhu uJesu wayazi ukuthi yayingekho indlela yokumonyuka. Wayekwazi okwakuhilelekile entandweni kaNkulunkulu. UJesu wayezimisele ukulondoloza ubuqotho bakhe, ngakho okuwukuphela kwendlela kwakuwukuya phambili, abhekane ngqó novivinyo.

OFakazi BakaJehova baye babonisa isibindi lapho beshushiswa

24. Kungani singaqiniseka ukuthi singaba nesibindi lapho sibhekene nanoma yikuphi ukulingwa okungase kuqhamuke?

24 Yeka ukuthi kukaningi kangakanani abalandeli bakaJesu behamba ngesibindi ezinyathelweni zeNkosi yabo! Abaningi baye bama beqinile lapho bebhekene nokwenziwa inhlekisa, ukushushiswa, ukuboshwa, ukuhlukunyezwa, ngisho nokufa. Abantu abangaphelele basitholaphi lesi sibindi? Asimane nje sivele kumuntu ngaphakathi. Njengoba uJesu athola usizo oluvela phezulu, kunjalo nangabalandeli bakhe. (Filipi 4:13) Ngakho ungalokothi wesabe ukuthi ikusasa liphetheni. Zimisele ukulondoloza ubuqotho bakho, uJehova uyokunikeza isibindi osidingayo. Qhubeka uthola amandla esibonelweni somHoli wethu, uJesu, owathi: “Yimani isibindi! Mina ngilinqobile izwe.”—Johane 16:33.

^ par. 12 Izazimlando ziye zaphawula ukuthi amathuna orabi ayehlonishwa ngendlela ethi ayifane neyamathuna abaprofethi nawezinzalamizi.