Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 7

“Cabangisisani Ngalowo Okhuthazele”

“Cabangisisani Ngalowo Okhuthazele”

1-3. (a) Lukhulu kangakanani usizi lukaJesu ensimini yaseGetsemane, futhi lubangelwa yini? (b) Yini engashiwo ngesibonelo sikaJesu sokukhuthazela, futhi yimiphi imibuzo ephakamayo?

ISIMO sishubile. UJesu akakaze acindezeleke kangaka engqondweni nangokomzwelo. Sesizophela isikhathi sokuphila kwakhe emhlabeni. Uhamba nabaphostoli bakhe baya endaweni abayijwayele, insimu yaseGetsemane. Uvamile ukuhlangana nabo lapha. Kodwa namuhla ebusuku udinga isikhathi eyedwa. Eshiya abaphostoli bakhe ungena phakathi impela nensimu, aguqe, athandaze. Uthandaza ngobuqotho aze abe nomunyu kangangokuthi izithukuthuku zakhe ziba “njengamathonsi egazi ewela emhlabathini.”—Luka 22:39-44.

2 Kungani uJesu ekhathazeke kangaka? Yiqiniso, uyazi ukuthi maduze nje kuzodingeka abhekane nokuhlupheka okwedlulele, kodwa akukona lokho okumbangela usizi. Ucabanga ngezinto ezibaluleke ngaphezu kwalokho. Ukhathazeke ngokujulile ngegama likaYise futhi uyaqaphela ukuthi ikusasa lesintu lincike ekuhlaleni kwakhe ethembekile. Uyazi ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba akhuthazele. Uma engahluleka, uzolithela ngesikhulu isihlamba igama likaJehova. Kodwa akahluleki. Kamuva ngalolo suku, sekusele kancane afe, lo muntu obeke isibonelo esihle kunazo zonke sokukhuthazela emhlabeni umemeza ngokunqoba: “Kufeziwe!”—Johane 19:30.

3 IBhayibheli lisikhuthaza ukuba ‘sicabangisise ngalowo okhuthazele, [uJesu].’ (Hebheru 12:3) Ngakho kuphakama imibuzo ebalulekile: Yiziphi ezinye zezilingo uJesu azikhuthazelela? Yini eyamenza wakwazi ukukhuthazela? Singasilandela kanjani isibonelo sakhe? Singakayiphenduli le mibuzo, ake sihlole lokho okuhilelekile ekukhuthazeleni.

Kuyini Ukukhuthazela?

4, 5. (a) Kusho ukuthini “ukukhuthazela”? (b) Singafanekisa kanjani ukuthi ukukhuthazela kuhilela okungaphezu nje kokubhekana nobunzima ongenakububalekela?

4 Ngezikhathi ezithile sonke ‘senziwa lusizi yizilingo ezihlukahlukene.’ (1 Petru 1:6) Ingabe ukuthi sibhekene nesilingo kusho ukuthi siyasikhuthazelela? Cha. Igama lesiGreki elisho “ukukhuthazela” lisho “ukukwazi ukuzimelela noma ukubekezela ngaphansi kobunzima.” Ngokuqondene nohlobo lokukhuthazela ababhekisela kulo abalobi beBhayibheli, esinye isazi siyachaza: “Kuwumoya ongabekezelela izinto, hhayi ngokuzilahla nje, kodwa ngethemba elivuthayo . . . Kuyimfanelo egcina umuntu eqinile phakathi nesikhathi esinzima. Kuwubuhle obungaguqula uvivinyo olunzima kunalo lonke lube inkazimulo ngoba ngalé kobuhlungu kukhona umgomo.”

5 Khona-ke, ukukhuthazela akuyona nje indaba yokubhekana nobunzima ongenakububalekela. NgokweBhayibheli, ukukhuthazela kuhilela ukuqina, ukugcina isimo sengqondo esifanele nokuhlalela ethembeni lapho ubhekene novivinyo. Cabanga ngalo mfanekiso: Amadoda amabili aboshwe ngaphansi kwezimo ezifanayo kodwa aboshelwe izizathu ezingafani nhlobo. Enye, eyisigebengu, idonsa isigwebo sayo ifuthelene futhi inengekile. Enye, engumKristu weqiniso eboshelwe inkambo yayo yokwethembeka, ayinyakaziswa futhi igcina umbono omuhle ngoba ibheka isimo ekuso njengethuba lokubonisa ukholo lwayo. Ngeke neze kwathiwa isigebengu siyisibonelo sokukhuthazela, kanti umKristu oqotho uyisibonelo sale mfanelo enhle kakhulu.—Jakobe 1:2-4.

6. Sikuhlakulela kanjani ukukhuthazela?

6 Ukukhuthazela kuyadingeka ukuze sithole insindiso. (Mathewu 24:13) Kodwa asizalwa nale mfanelo ebalulekile. Ukukhuthazela kumelwe kuhlakulelwe. Kanjani? “Usizi luveza ukukhuthazela,” kusho eyabaseRoma 5:3. Yebo, uma sifuna ngempela ukuba nokukhuthazela, ngeke sikubalekele konke ukuvivinywa kokholo lwethu ngoba sesaba. Kunalokho, kumelwe sibhekane nakho. Ukukhuthazela sikuthola lapho usuku nosuku sinqwamana nezilingo ezinkulu nezincane futhi sizinqoba. Uvivinyo ngalunye esilunqobayo lusiqinisela ukubhekana nolulandelayo. Kuyiqiniso, ukukhuthazela asivele sibe nakho ngamandla ethu. ‘Sincike emandleni anikezwa nguNkulunkulu.’ (1 Petru 4:11) Ukuze asisize sihlale sigxilile, uJehova usinikeze usizo olungcono kakhulu esingaluthola—isibonelo seNdodana yakhe. Ake sihlolisise umlando kaJesu wokukhuthazela ongenaphutha.

Izinto Ezakhuthazelelwa UJesu

7, 8. Yini uJesu ayikhuthazelela njengoba kwakusondela ukuphela kokuphila kwakhe kwasemhlabeni?

7 Njengoba ukuphila kwakhe kwasemhlabeni kwase kuzophela, uJesu wakhuthazelela ukuphathwa ngesihluku ngezindlela eziningi. Ngaphandle kokucindezeleka okuxakile ayebhekene nakho ngobusuku bakhe bokugcina, cabanga ngendumalo okumelwe ukuba wayizwa nehlazo athelwa ngalo. Wakhashelwa umngane wakhe oseduze, walahlwa abangane asondelene nabo, waquliswa necala elingemthetho okwathi phakathi nalo, amalungu enkantolo yenkolo ephakeme yezwe amenza inhlekisa, amkhafulela, amshaya nangezibhakela. Yize kunjalo wakukhuthazelela konke ngendlela enesithunzi nebonisa amandla.—Mathewu 26:46-49, 56, 59-68.

8 Emahoreni akhe okugcina, uJesu wakhuthazelela ukuhlushwa okukhulu. Wabhaxabulwa, washaywa kabuhlungu ngendlela okuthiwa ibangela “ukudabuka imivimbo ejulile nokopha kakhulu.” Wabethelwa, wabulawa ngendlela eyenza ukuba “afe kancane kancane abe ezwa ubuhlungu neminjunju eyisimanga.” Cabanga ngobuhlungu okumelwe ukuba wabuzwa njengoba izipikili ezinkulu zishayelelwa ezandleni zakhe nasezinyaweni, zimbhangqa nesigxobo. (Johane 19:1, 16-18) Cabanga ngobuhlungu obunjunjuthayo abuzwa lapho isigxobo simiswa siqonda, umzimba wakhe ulenga ngezipikili nomhlane wakhe onamanxeba ukhuhleka esigxotsheni. Ukhuthazelela lobu buhlungu obukhulu kangaka abe ecindezeleke ngendlela echazwe ekuqaleni kwalesi sahluko.

9. Yini ehilelekile ekuthatheni “isigxobo” sethu “sokuhlushwa” silandele uJesu?

9 Njengabalandeli bakaKristu, yini okungase kudingeke siyikhuthazelele? UJesu wathi: ‘Uma umuntu efuna ukungilandela, makathathe isigxobo sakhe sokuhlushwa angilandele njalo.’ (Mathewu 16:24) Inkulumo ethi ‘isigxobo sokuhlushwa’ isetshenziswe ngokomfanekiso lapha, ifanekisela ukuhlupheka, ihlazo, ngisho nokufa. Ukulandela uKristu akuyona inkambo elula. Izindinganiso zethu zobuKristu zisenza sehluke. Leli zwe liyasizonda ngoba asiyona ingxenye yalo. (Johane 15:18-20; 1 Petru 4:4) Nanxa kunjalo, sizimisele ukuthatha isigxobo sethu sokuhlushwa—yebo, sizimisele ukuhlupheka, ngisho nokufa imbala, kunokuba siyeke ukulandela iSibonelo sethu.—2 Thimothewu 3:12.

10-12. (a) Kungani ukungapheleli kwabantu ababephila noJesu kwavivinya ukukhuthazela kwakhe? (b) Yiziphi ezinye zezimo ezivivinyayo uJesu azikhuthazelela?

10 Phakathi nenkonzo yakhe, uJesu wabhekana nolunye uvivinyo olwalubangelwa ukungapheleli kwababephila naye. Khumbula ukuthi ‘wayeyisisebenzi esiyingcweti’ uJehova asisebenzisela ukudala umhlaba nakho konke okuphilayo okukuwo. (IzAga 8:22-31) Ngakho uJesu wayeyazi injongo kaJehova ngabantu; kwakumelwe babonakalise izimfanelo zaKhe futhi bajabulele ukuphila benempilo ephelele. (Genesise 1:26-28) Ngenkathi esemhlabeni, uJesu wayibona ngelinye iso imiphumela emibi yesono—naye wayengumuntu, ekwazi ukuba nemizwa nemizwelo yabantu. Yeka indlela okumelwe ukuba kwamzwisa ubuhlungu ngayo ukuzibonela ngawakhe indlela abantu abase beqhele ngayo ekupheleleni kwasekuqaleni kuka-Adamu no-Eva! Ngakho uJesu wabhekana novivinyo lokukhuthazela. Ingabe wayezodikibala ayeke, abheke abantu abanesono njengabangeke balungiseke? Ake sibone.

11 Ukungasabeli kwamaJuda kwamcindezela kakhulu uJesu waze wakhala. Ingabe wakuvumela ukunganaki kwawo kumqede amandla noma kumyekise ukushumayela? Cha, kunalokho “wafundisa nsuku zonke ethempelini.” (Luka 19:41-44, 47) ‘Waba lusizi impela’ ngokungazweli kwezinhliziyo zabaFarisi ababemgqolozele befuna ukubona ukuthi uzomelapha yini umuntu othile ngeSabatha. Ingabe wabavumela labo baphikisi abazishaya abalungile ukuba bamesabise? Akazange! Wama waqina wamelapha lowo muntu—khona kanye esinagogeni!—Marku 3:1-5.

12 Kunokunye futhi okumelwe ukuba kwamvivinya uJesu—ubuthakathaka babafundi bakhe abaseduze. Njengoba sifundile eSahlukweni 3, babonisa isifiso esiphikelelayo sokuvelela. (Mathewu 20:20-24; Luka 9:46) UJesu wabeluleka izikhathi ezingaphezu kwesisodwa ngesidingo sokuthobeka. (Mathewu 18:1-6; 20:25-28) Yize kunjalo bephuza ukusabela. Phela nangobusuku bakhe bokugcina enabo, baba ‘nempikiswano evuthayo’ ngokuthi ubani omkhulu kunabo bonke phakathi kwabo! (Luka 22:24) Ingabe uJesu wabadikila, ethi ngeke besashintsha? Lutho. Njengoba ayenesineke njalo, wayelokhu ehlalele ethembeni, eqhubeka ebona okuhle kubo. Wayazi ukuthi bayamthanda uJehova ezinhliziyweni zabo nokuthi bafuna ngempela ukwenza intando yaKhe.—Luka 22:25-27.

Siyokuvumela yini ukuphikiswa kusidangalise, noma siyoqhubeka sishumayela ngentshiseko?

13. Yiluphi uvivinyo esingase sibhekane nalo olufana nolwakhuthazelelwa uJesu?

13 Singase sibhekane novivinyo olufana nalolo uJesu alukhuthazelela. Ngokwesibonelo, singase sihlangane nabantu abangasabeli noma abaphikisa isigijimi soMbuso. Ingabe siyokuvumela ukusabela okubi kanjalo kusidangalise, noma siyoqhubeka sishumayela ngentshiseko? (Thithu 2:14) Singase sivivinyeke ngenxa yokungapheleli kwabafowethu abangamaKristu. Izwi elibonisa ukungacabangi noma isenzo sokunganaki singase sisiphathe kabi. (IzAga 12:18) Ingabe siyovumela ukushiyeka kwamanye amakholwa kusenze siwadube, noma siyoqhubeka sibekezelela amaphutha awo futhi sibheka okuhle kuwo?—Kolose 3:13.

Okwenza UJesu Wakhuthazela

14. Yiziphi izici ezimbili ezasiza uJesu ukuba aqine?

14 Yini eyasiza uJesu waqina futhi wagcina ubuqotho naphezu kwakho konke ukuthunazwa, ukudunyazwa nokuhlupheka abhekana nakho? Zimbili izici ezivelele ezaqinisa uJesu. Esokuqala, wabheka ezulwini, wanxusa “uNkulunkulu onika ukukhuthazela.” (Roma 15:5) Esesibili, uJesu wabheka phambili, wagxila kulokho ukukhuthazela kwakhe okwakuzoholela kukho. Ake sifunde ngalezi zici, esisodwa ngesikhathi.

15, 16. (a) Yini ebonisa ukuthi uJesu akancikanga kwawakhe amandla ukuze akhuthazele? (b) Yini uJesu ayeqiniseka ngayo ngoYise, futhi ngani?

15 Nakuba uJesu eyiNdodana kaNkulunkulu ephelele, akancikanga emandleni akhe siqu ukuze akhuthazele. Kunalokho, waphendukela kuYise wasezulwini wathandazela usizo lwaphezulu. Umphostoli uPawulu wabhala: “UKristu wenza ukunxusa nezicelo kuLowo owayekwazi ukumsindisa ekufeni, ngokukhala okukhulu nangezinyembezi.” (Hebheru 5:7) Phawula ukuthi uJesu “wenza” izicelo kanye nokunxusa. Igama elithi “ukunxusa” libhekisela ekuceleni okusuka enhliziyweni nokuqotho ngokukhethekile—yebo, ukuncenga usizo. Embhalweni wokuqala wesiGreki igama elithi “ukunxusa” lisebuningini, okubonisa ukuthi uJesu wancenga uJehova izikhathi ezingaphezu kwesisodwa. Ngempela, uJesu wakhuleka ngokuphindaphindiwe nangobuqotho ensimini yaseGetsemane.—Mathewu 26:36-44.

16 UJesu wayeqiniseka ngokuphelele ukuthi uJehova uzokuphendula ukunxusa kwakhe ngoba wayazi ukuthi uYise ‘unguMuzwi womthandazo.’ (IHubo 65:2) Ngaphambi kokuba iphile njengomuntu, le Ndodana eyizibulo yayiyibonile indlela uYise aphendula ngayo imithandazo yabakhulekeli abathembekile. Ngokwesibonelo, yazibonela ngawayo ezulwini ngesikhathi uJehova ethuma ingelosi ukuba iyophendula umthandazo womprofethi uDaniyeli osuka enhliziyweni—engakaqedi nakuqeda ukuthandaza uDaniyeli. (Daniyeli 9:20, 21) Pho, uBaba wayengahluleka kanjani ukuphendula lapho iNdodana ezelwe yodwa ithulula inhliziyo yayo “ngokukhala okukhulu nangezinyembezi”? UJehova wasabela ekunxuseni kweNdodana yakhe wathumela ingelosi ukuba iyiqinise ukuze ikwazi ukubekezela lapho ivivinywa.—Luka 22:43.

17. Ukuze sikhuthazele, kungani kufanele sibheke ezulwini, futhi singakwenza kanjani lokho?

17 Ukuze sikhuthazele, nathi kumelwe sibheke ezulwini—kuNkulunkulu ‘osipha amandla.’ (Filipi 4:13) Uma iNdodana kaNkulunkulu ephelele yasizwa isidingo sokunxusa usizo kuJehova, thina-ke kufanele silunxuse kakhulu kangakanani! NjengoJesu, kungase kudingeke simncenge kaningi uJehova. (Mathewu 7:7) Nakuba singalindele ukuvakashelwa izingelosi, nakhu esiqiniseka ngakho: UNkulunkulu wethu onothando uyoziphendula izicelo zamaKristu aqotho “aphikelela ekunxuseni nasemithandazweni ubusuku nemini.” (1 Thimothewu 5:5) Kungakhathaliseki ukuthi yiluphi uvivinyo esingase sibhekane nalo—kungaba impilo engeyinhle, ukushonelwa othandekayo, noma ukushushiswa abaphikisi—uJehova uyoyiphendula imithandazo yethu eqotho yokucela ukuhlakanipha, isibindi, namandla okukhuthazela.—2 Korinte 4:7-11; Jakobe 1:5.

UJehova uyoyiphendula imithandazo yethu eqotho yokucela usizo ukuze sikhuthazele

18. UJesu wabheka kanjani ngalé kokuhlupheka kwakhe wabheka okwakungaphambili?

18 Isici sesibili esenza uJesu wakwazi ukukhuthazela ukuthi wabheka phambili, ngalé kokuhlupheka, wabheka okwakuphambi kwakhe. IBhayibheli lithi ngoJesu: “Ngenxa yenjabulo eyayibekwe phambi kwakhe wakhuthazelela isigxobo sokuhlushwa.” (Hebheru 12:2) Isibonelo sikaJesu sibonisa indlela ithemba, injabulo nokukhuthazela okusebenza ngayo ndawonye. Kungase kufingqwe kanje: Ithemba lizala injabulo, injabulo izala ukukhuthazela. (Roma 15:13; Kolose 1:11) UJesu wayelindele izinto ezimangalisayo. Wayazi ukuthi ukwethembeka kwakhe kwakuyosiza ekulweleni ubukhosi bukaYise futhi kumenze akwazi ukuthenga umkhaya wesintu esonweni nasekufeni. UJesu futhi wayenethemba lokubusa njengeNkosi nokukhonza njengomPristi Ophakeme ukuze alethele abantu abalalelayo izibusiso ezengeziwe. (Mathewu 20:28; Hebheru 7:23-26) Ngokugxila kulokho ayekulindele nasethembeni elaliphambi kwakhe, uJesu wathola injabulo engenakulinganiswa futhi leyo njabulo yamsiza wakhuthazela.

19. Lapho sibhekene nokuvivinywa kokholo, singalivumela kanjani ithemba, injabulo nokukhuthazela ukuba kusebenze ndawonye ngenxa yethu?

19 NjengoJesu, nathi kumelwe sivumele ithemba, injabulo nokukhuthazela kusebenze ndawonye ngenxa yethu. “Jabulani ethembeni,” kusho umphostoli uPawulu. Wabe esenezela: “Khuthazelani osizini.” (Roma 12:12) Ingabe njengamanje ubhekene nokuvivinywa kokholo okunzima? Khona-ke bheka phambili. Ungalahlekelwa umbono wokuthi ukukhuthazela kwakho kuyodumisa igama likaJehova. Gcina ithemba loMbuso eliyigugu licace bhá. Zibone usemhlabeni kaNkulunkulu omusha ozayo, uzibone futhi uthola izibusiso zePharadesi. Ukulangazelela ukugcwaliseka kwezinto ezimangalisayo ezithenjiswe uJehova—kuhlanganise nokulwelwa kobukhosi bakhe, ukususwa kobubi emhlabeni, nokuqedwa kokugula nokufa—kuyogcwalisa inhliziyo yakho ngenjabulo, futhi leyo njabulo ingakusiza ukuba ukhuthazele kungakhathaliseki ukuthi wehlelwa uvivinyo olunjani. Uma kuqhathaniswa nokugcwaliseka kwethemba loMbuso, noma ikuphi ukuhlupheka kulesi simiso sezinto ngempela ‘kungokomzuzwana futhi kulula.’—2 Korinte 4:17.

‘Landela Izinyathelo Zakhe Eduze’

20, 21. Ngokuqondene nokukhuthazela, yini uJehova ayilindele kithi, futhi yini okufanele sizimisele ukuyenza?

20 UJesu wayazi ukuthi ukuba ngumlandeli wakhe kwakuyoba inselele, inkambo edinga ukukhuthazela. (Johane 15:20) Wayezimisele ukubeka isibonelo, azi ukuthi isibonelo sakhe siyobaqinisa abanye. (Johane 16:33) Yebo, uJesu wabeka isibonelo esiphelele sokukhuthazela, kodwa thina sikude kakhulu nokuphelela. Yini uJehova ayilindele kithi? UPetru uyachaza: “[UKristu] wahlupheka ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele izinyathelo zakhe eduze.” (1 Petru 2:21) Endleleni asingatha ngayo uvivinyo, uJesu washiya “isibonelo” noma umfuziselo okufanele siwulingise. * Umlando wokukhuthazela awakha ungase ufaniswe ‘nezinyathelo.’ Ngeke sikwazi ukuzilandela ngokuphelele lezo zinyathelo, kodwa singazilandela “eduze.”

21 Ngakho-ke masizimisele ukulandela isibonelo sikaJesu ngokusemandleni ethu. Singalokothi sikhohlwe ukuthi uma sizilandela eduze izinyathelo zikaJesu, siyobe sikuhlomele kahle ukukhuthazela ‘kuze kube sekupheleni’—ekupheleni kwalesi simiso esidala sezinto noma ekupheleni kokuphila kwethu kwamanje. Asazi ukuthi ikuphi okuyofika kuqala, kodwa nakhu esikwaziyo: UJehova uyosivuza kuze kube phakade ngokukhuthazela kwethu.—Mathewu 24:13.

^ par. 20 Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “isibonelo,” ngokwezwi nezwi lisho “umbhalo ongaphansi.” Umphostoli uPetru uyena kuphela umlobi wemiBhalo YamaKristu YesiGreki owasebenzisa leli gama okuthiwa lisho “‘ikhophi yokubhala’ ebhukwini lengane lesikole, isibonelo esiphelele sombhalo okufanele ingane iwukopishe njengoba unjalo.”