Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 6

“Wafunda Ukulalela”

“Wafunda Ukulalela”

1, 2. Kungani kumjabulisa ubaba onothando ukubona indodana yakhe imlalela, futhi imizwa yakhe ifana kanjani nekaJehova?

UBABA ubheke ngaphandle efasiteleni, ubuka indodana yakhe encane idlala nabangane bayo egcekeni. Ibhola labo ligingqikela emgwaqweni. Umfana alibuke alilandele ngamehlo. Omunye wabangane bakhe uthi akagijime ayolilanda emgwaqweni, kodwa umfana unikina ikhanda athi: “Angivunyelwe ukuya emgwaqweni.” Ubaba umomotheka yedwa.

2 Kungani kumjabulisa ubaba? Kungoba uyifundisile indodana yakhe ukuba ingayi emgwaqweni yodwa. Lapho lo mfana elalela—ngisho noma engazi ukuthi uyise umbhekile—ubaba uyazi ukuthi indodana yakhe ifunda ukulalela futhi ngenxa yalokho iphephile. Lo baba uzizwa njengoBaba wethu wasezulwini, uJehova. UNkulunkulu uyazi ukuthi ukuze sihlale sithembekile, siphile size sibone ikusasa elihle asibekele lona, kumelwe sifunde ukumethemba nokumlalela. (IzAga 3:5, 6) Ukuze sikwenze lokho, wasithumelela umfundisi obedlula bonke abangabantu.

3, 4. Kwenzeka kanjani ukuba uJesu ‘afunde ukulalela’ futhi ‘enziwe aphelele’? Fanekisa.

3 IBhayibheli lisho into emangalisayo ngoJesu: “Nakuba ayeyiNdodana, wafunda ukulalela ezintweni ahlupheka ngazo; futhi ngemva kokuba enziwe waphelela waba isisusa sensindiso yaphakade kubo bonke abamlalelayo.” (Hebheru 5:8, 9) Le Ndodana yayisiphile iminyakanyaka ezulwini. Yabona uSathane nezinye izingelosi ezivukelayo bengalaleli kodwa le Ndodana eyizibulo ayizange izibandakanye nabo. Isiprofetho esiphefumulelwe sasebenzisa la mazwi kuyo: “Angizange ngibe odlubulundayo.” (Isaya 50:5) Pho, amazwi athi “wafunda ukulalela” angasebenza kanjani kule Ndodana elalela ngokuphelele? Lesi sidalwa esiphelele ‘sasingenziwa’ kanjani ‘siphelele’?

4 Cabanga ngalo mfanekiso. Nanti isosha linenkemba. Nakuba ingakaze isetshenziswe empini, yakhiwe futhi yaklanywa ngobungcweti obukhulu. Esikhundleni sale nkemba, isosha lithatha enye eyenziwe ngensimbi eqinile nelukhuni kunale. Sekukade kulwiwa ngale nkemba yesibili empini. Akusona yini isenzo sokuhlakanipha leso? Ngokufanayo, ukulalela okwaboniswa uJesu engakezi emhlabeni kwakungenasici. Kodwa ngemva kokuza kwakhe lapha, ukulalela kwakhe kwase kungokwezinga elihluke ngokuphelele. Manje kwase kuvivinyiwe, kwaqiniswa futhi kwafakazelwa izilingo uJesu ayengasoze azithola ezulwini.

5. Yini eyenza ukulalela kukaJesu kwabaluleka kangaka, futhi sizofunda ngani kulesi sahluko?

5 Ukulalela kwakubalulekile esabelweni sikaJesu sokuza emhlabeni. ‘Njengo-Adamu wokugcina,’ uJesu weza lapha ezokwenza into eyayehlule abazali bethu bokuqala—ukulalela uJehova uNkulunkulu ngisho naphansi kovivinyo. (1 Korinte 15:45) Nokho, uJesu akalalelanga nje ngoba egcina icala. Walalela ngayo yonke ingqondo yakhe, inhliziyo nomphefumulo. Walalela ngenjabulo futhi. Ukwenza intando kaYise kwakubaluleke ngaphezu kokudla kuye! (Johane 4:34) Yini ezosisiza silingise ukulalela kukaJesu? Ake siqale sifunde ngezisusa zakhe. Ukuhlakulela izisusa ezifana nezakhe kuzosisiza silwe nezilingo futhi senze intando kaNkulunkulu. Sizobe sesibukeza imivuzo yokubonisa ukulalela okunjengokukaKristu.

Izisusa ZikaJesu Zokulalela

6, 7. Yiziphi ezinye zezisusa zikaJesu zokulalela?

6 Ukulalela kukaJesu kwakubangelwa yilokho okwakusenhliziyweni yakhe. Njengoba sibonile eSahlukweni 3, uKristu wayethobekile enhliziyweni. Ukuqhosha kwenza abantu bangafuni ukulalela kanti ukuthobeka kuyasisiza ukuba silalele uJehova ngokuzithandela. (Eksodusi 5:1, 2; 1 Petru 5:5, 6) Ngaphandle kwalokho, ukulalela kukaJesu kwakubangelwa yilokho ayekuthanda nalokho ayekuzonda.

7 Ngaphezu kwakho konke, uJesu wayemthanda uYise wasezulwini, uJehova. Sizoxoxa ngokuningiliziwe ngalolo thando eSahlukweni 13. Lolo thando lwenza uJesu waba nokwesaba okunenhlonipho ngoNkulunkulu. Uthando lwakhe ngoJehova lwalunamandla, nenhlonipho yakhe ngaye ijule kangangokuthi wayesaba ukudumaza uYise. Ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu kwakungesinye sezizathu ezenza imithandazo kaJesu yezwiwa. (Hebheru 5:7) Ukwesaba uJehova kuyisici esivelele ekubuseni kukaJesu njengeNkosi enguMesiya.—Isaya 11:3.

Ingabe ezokuzijabulisa ozikhethayo zibonisa ukuthi uyakuzonda okubi?

8, 9. Njengoba kwakuprofethiwe, uJesu wazizwa kanjani ngokulunga nobubi, futhi wayibonisa kanjani leyo mizwa?

8 Uthando ngoJehova luhlanganisa nokuzonda lokho uJehova akuzondayo. Ngokwesibonelo, phawula lesi siprofetho esibhekiswe eNkosini enguMesiya: “Ukuthandile ukulunga futhi uyabuzonda ububi. Yingakho uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ekugcobé ngamafutha okwethaba ukudlula abangane bakho.” (IHubo 45:7) “Abangane” bakaJesu kwakungamanye amakhosi asohlwini lozalo lweNkosi uDavide. Ngaphezu kwawo wonke, uJesu unesizathu sokwethaba noma sokuthokoza kakhulu lapho egcotshwa. Ngani? Umvuzo wakhe mkhulu kakhulu kunowabo, ubukhosi bakhe buzuzisa ngokwedlulele kunobabo. Uvuzwa ngoba uthando lwakhe ngokulunga nenzondo yakhe ngobubi kwamshukumisela ekulaleleni uNkulunkulu ezintweni zonke.

9 UJesu wayibonakalisa kanjani imizwa yakhe ngokuphathelene nokulunga nobubi? Ngokwesibonelo, lapho abalandeli bakhe belandela isiqondiso sakhe emsebenzini wokushumayela futhi bebusiswa ngenxa yalokho, wazizwa kanjani uJesu? Wachichima injabulo. (Luka 10:1, 17, 21) Lapho futhi abantu baseJerusalema bebonisa umoya wokungalaleli kaninginingi, bengayinaki imizamo yakhe yothando yokubasiza, wazizwa kanjani uJesu? Wakhala ngenxa yenkambo yokuhlubuka yalowo muzi. (Luka 19:41, 42) Izimo ezinhle nezimbi zazimthinta ngokujulile uJesu.

10. Imizwa enjani okudingeka siyihlakulele ngokuqondene nezenzo zokulunga nezenzo ezingafanele, futhi yini eyosisiza kulokho?

10 Ukuzindla ngemizwa kaJesu kuyasisiza ukuba sihlole ezethu izisusa zokulalela uJehova. Yize singaphelele sinje, singaluhlakulela uthando olusuka enhliziyweni ngezenzo ezinhle nenzondo yangempela ngokuziphatha okungafanele. Kudingeka sithandaze kuJehova, simcele asisize sihlakulele imizwa efana neyakhe nefana neyeNdodana yakhe. (IHubo 51:10) Ngesikhathi esifanayo, kudingeka sigweme amathonya azoqeda imizwa enjalo. Kubalulekile ukuzikhetha ngokucophelela ezokuzijabulisa nokuthi obani abangane bethu. (IzAga 13:20; Filipi 4:8) Uma sihlakulela izisusa ezinjengezikaKristu, ngeke ukulalela kube okokugcina icala nje. Siyokwenza okulungile ngoba sithanda ukukwenza. Siyogwema izenzo ezingafanele, hhayi ngoba sesaba ukuthi sizobanjwa kodwa ngoba sizizonda.

“Akenzanga Sono”

11, 12. (a) Kwenzekani kuJesu ekuqaleni kwenkonzo yakhe? (b) USathane waqale wamlinga kanjani uJesu, esebenzisa maphi amaqhinga?

11 UJesu washeshe wavivinywa enkonzweni yakhe ngokuqondene nokuzonda kwakhe isono. Ngemva kokubhapathizwa, wachitha izinsuku ezingu-40 nobusuku ehlane, engenakudla. Lapho siphela leso sikhathi, kwafika uSathane ezomlinga. Phawula indlela uDeveli ayenobuqili ngayo.—Mathewu 4:1-11.

12 USathane waqale wathi: “Uma uyindodana kaNkulunkulu, tshela la matshe ukuba abe yizinkwa.” (Mathewu 4:3) UJesu wayezizwa kanjani ngemva kokuzila ukudla isikhathi eside? IBhayibheli lisho ngokucacile: ‘Wayelambile.’ (Mathewu 4:2) Ngakho uSathane wasebenzisa isifiso semvelo sokudla, cishe walinda ngamabomu kwaze kwaba yilapho uJesu esebuthaka ngokwenyama. Phawula nala mazwi kaSathane okwedelela: “Uma uyindodana kaNkulunkulu.” USathane wayazi ukuthi uJesu ‘uyizibulo layo yonke indalo.’ (Kolose 1:15) Nokho, uJesu akamvumelanga uSathane ukuba amenze angalaleli. UJesu wayazi ukuthi kwakungeyona intando kaNkulunkulu ukuba asebenzise amandla akhe ngenjongo yobugovu. Ngakho wenqaba, ebonisa ukuthi wayethembele kuJehova ngokuzithoba ukuba athole ukudla nesiqondiso.—Mathewu 4:4.

13-15. (a) USathane wamlinga kanjani uJesu okwesibili nokwesithathu, futhi uJesu wasabela kanjani? (b) Sazi kanjani ukuthi uJesu akazange neze ayeke ukuhlala eqaphe uSathane?

13 Esemlinga okwesibili, uSathane wathatha uJesu wamyisa embhoshongweni wethempeli. Esonta iZwi likaNkulunkulu ngobuqili, walinga uJesu ukuba azidonsele amehlo ngokuziphonsa phansi ukuze izingelosi zimsindise. Uma izixuku ethempelini zibona leso simangaliso, ukhona yini umuntu owayengalokotha angabaze ukuthi uJesu unguMesiya othenjisiwe? Uma futhi izixuku zamukela uJesu njengoMesiya ngoba ebukise kanjalo, wayengeke yini uJesu agweme ubunzima nezinkathazo eziningi? Mhlawumbe. Kodwa uJesu wayazi ukuthi kwakuyintando kaJehova ukuba uMesiya enze umsebenzi wakhe ngokuthobeka, angathonyi abantu ukuba bamkholelwe ngezenzo zokubukisa. (Isaya 42:1, 2) Nalapha futhi uJesu wenqaba ukungamlaleli uJehova. Akazange ayengwe ukufuna udumo.

14 Kuthiwani kodwa ngethonya lamandla? Emzamweni wakhe wesithathu, uSathane wathi uzonikeza uJesu yonke imibuso yomhlaba uma engenza isenzo esisodwa sokumkhulekela. Ingabe wake wasiphenduphendula engqondweni isicelo sikaSathane? “Hamba, Sathane!” ephendula. Wanezela: “Ngoba kulotshiwe ukuthi, ‘NguJehova uNkulunkulu wakho okumelwe umkhulekele, futhi nguye yedwa okumelwe unikele kuye inkonzo engcwele.’” (Mathewu 4:10) Akukho lutho olwalungayenga uJesu ukuba akhulekele omunye unkulunkulu. Akukho mandla nagunya laleli zwe elalingamthonya ukuba enze noma isiphi isenzo sokungalaleli.

15 Ingabe uSathane wadela? Wahamba yena njengoba uJesu ayemtshelile. Kodwa iVangeli likaLuka lithi, uDeveli “wasuka kuye kuze kube esinye isikhathi esikahle.” (Luka 4:13) Yebo, uSathane wayezozithola ezinye izikhathi zokuvivinya nokulinga uJesu kuze kube sekugcineni. IBhayibheli lithi uJesu ‘wavivinywa ezicini zonke.’ (Hebheru 4:15) Ngakho uJesu akazange neze ayeke ukuhlala eqaphile; nathi akufanele siyeke.

16. USathane uzilinga kanjani izinceku zikaNkulunkulu namuhla, futhi singayenqaba kanjani imizamo yakhe?

16 USathane uyaqhubeka elinga izinceku zikaNkulunkulu namuhla. Ngeshwa, ukungapheleli kwethu ngokuvamile kusenza sibe izisulu ezilula. Ngobuqili uSathane usizakala ngobugovu esinabo, ukuqhosha, nokuhahela igunya. Esebenzisa ihuha lezinto ezibonakalayo, uSathane angase asilinge ngazo zonke lezi zinto kanye kanye! Kubaluleke kakhulu ukuba sithi ukuma ngezinye izikhathi sizihlole ngokwethembeka. Kuhle sizindle ngamazwi eyoku-1 Johane 2:15-17. Njengoba senza kanjalo, singazibuza ukuthi izifiso zenyama zalesi simiso sezinto, ukuhahela izinto ezibonakalayo nesifiso sokuhlaba abanye umxhwele seziluqedile yini ngezinga elithile uthando lwethu ngoBaba wethu wasezulwini. Kudingeka sikhumbule ukuthi seliyamshonela uSathane nezwe lakhe alibusayo. Masiyenqabe imizamo yakhe yobuqili yokusiyengela esonweni! Sengathi singakhuthazwa iNkosi yethu ngoba ‘ayenzanga sono.’—1 Petru 2:22.

“Ngaso Sonke Isikhathi Ngenza Izinto Ezimjabulisayo”

17. UJesu wayezizwa kanjani ngokulalela uYise, nokho yini abanye abangase bakhale ngayo?

17 Ukulalela kuhilela okungaphezulu kakhulu kokungenzi isono; uKristu wenza konke ayekuyalwe uYise. Wathi: “Ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezimjabulisayo.” (Johane 8:29) Lokhu kulalela kwamthokozisa kakhulu uJesu. Nokho, abanye bangase bakhale ngokuthi kwakulula ngoJesu ukulalela. Bangase bacabange ukuthi kwakudingeka alandise kuJehova kuphela, ophelele, kanti thina kudingeka silandise kubantu abangaphelele abanegunya. Kodwa iqiniso liwukuthi uJesu wabalalela abantu abangaphelele ababenegunya.

18. Yisiphi isibonelo sokulalela uJesu asibeka eseyingane?

18 Njengoba uJesu ekhula, wayengaphansi kwegunya labazali bakhe abangaphelele, uJosefa noMariya. Cishe amaphutha abazali bakhe wayewabona ngaphezu kwezinye izingane. Ingabe wabahlupha, weqela ngalé kwendima ayeyiyinikwe uNkulunkulu futhi wabatshela indlela yokuphatha umkhaya? Lalela ukuthi uLuka 2:51 uthini ngoJesu lapho eneminyaka engu-12: “Waqhubeka ezithoba kubo.” Ngokulalela kwakhe, wayibekela isibonelo esihle kakhulu intsha engamaKristu ezama ukulalela abazali bayo nokubabonisa inhlonipho ebafanele.—Efesu 6:1, 2.

19, 20. (a) Yiziphi izinselele ezingavamile uJesu abhekana nazo ngokulalela abantu abangaphelele? (b) Kungani amaKristu eqiniso namuhla kufanele alalele abaholayo phakathi kwawo?

19 Ngokuqondene nokulalela abantu abangaphelele, uJesu wabhekana nezinselele amaKristu eqiniso angabhekani nazo namuhla. Cabanga ngezikhathi ezingavamile ayephila kuzo. Kwase kuyisikhathi eside uJehova amukele isimiso sezinto senkolo yamaJuda, nethempeli laso nobupristi baso eJerusalema, kodwa sase sizoqedwa, esikhundleni saso kube nelungiselelo lebandla lobuKristu. (Mathewu 23:33-38) Ngesikhathi esifanayo, abaholi benkolo abaningi babefundisa amanga efilosofi yamaGreki. Ukonakala kwakubhokile ethempelini kangangokuthi uJesu walibiza ngokuthi “umhume wabaphangi.” (Marku 11:17) Ingabe uJesu wayeka ukuya kulelo thempeli nesinagoge? Cha! UJehova wayesawasebenzisa lawo malungiselelo. UJesu walalela waya emikhosini yasethempelini nasesinagogeni kwaze kwaba yilapho uNkulunkulu engenela enza izinguquko.—Luka 4:16; Johane 5:1.

20 Uma uJesu alalela ngaphansi kwalezo zimo, yeka indlela amaKristu eqiniso okufanele alalele kakhulu ngayo namuhla! Angithi thina siphila ezikhathini ezihluke kakhulu kunalezo, inkathi yokubuyiselwa kokukhulekela okumsulwa eyabikezelwa kudala. UNkulunkulu usiqinisekisa ngokuthi ngeke aphinde avumele uSathane one abantu bakhe ababuyiselwe. (Isaya 2:1, 2; 54:17) Yebo, siyazibona izono nokungapheleli ebandleni lobuKristu. Kodwa ingabe kufanele sisebenzise ukushiyeka kwabanye njengebhaxa lokungamlaleli uJehova, mhlawumbe singayi emihlanganweni yobuKristu noma singcofe abadala? Lutho neze! Kunalokho, sibasekela ngenjabulo abaholayo ebandleni. Siyalalela siye emihlanganweni yobuKristu yebandla nemikhulu futhi sisebenzise iseluleko esingokomBhalo esisitholayo.—Hebheru 10:24, 25; 13:17.

Ngokulalela senza esikufunda emihlanganweni yobuKristu

21. UJesu wasabela kanjani ekucindezelweni abantu ukuba angamlaleli uNkulunkulu, esibekela siphi isibonelo?

21 UJesu akabonaze abavumele abantu bamyekise ukulalela uJehova, ngisho nabangane abanezinhloso ezinhle. Ngokwesibonelo, umphostoli uPetru wazama ukwenza iNkosi yakhe ikholwe ukuthi kwakungadingeki ukuba ihlupheke futhi ife. UJesu wasenqaba ngokuqinile iseluleko sikaPetru ayehlose okuhle ngaso kodwa engasicabanganga kahle, sokuthi uJesu akabe nomusa kuYe. (Mathewu 16:21-23) Namuhla, abalandeli bakaJesu bavame ukubhekana nezihlobo ezinezinhloso ezinhle ezingase zizame ukubayekisa ukulalela imithetho nezimiso zikaNkulunkulu. Njengabalandeli bakaJesu bekhulu lokuqala, sithi “kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.”—IzEnzo 5:29.

Imivuzo Yokulalela OkunjengokukaKristu

22. UJesu wanikeza impendulo yamuphi umbuzo, futhi kanjani?

22 Ngesikhathi uJesu ebhekene nokufa, ukulalela kwakhe kwavivinywa ngendlela enzima kunazo zonke. Ngalolo suku losizi, “wafunda ukulalela” ngomqondo ogcwele. Wenza intando kaYise hhayi eyakhe. (Luka 22:42) Ngokwenza kanjalo, wazakhela umlando ophelele wobuqotho. (1 Thimothewu 3:16) Waba yimpendulo yombuzo owawusunesikhathi eside: Umuntu ophelele angamlalela yini uJehova ngisho evivinywa? U-Adamu wayehlulekile, no-Eva wahluleka. Kwabe sekufika uJesu, waphila, wafa, wawuphendula lowo mbuzo. Isidalwa sikaJehova esikhulu kunazo zonke sanikeza impendulo enamandla kunazo zonke eyayinganikezwa. Salalela ngisho nalapho ukulalela kusho ukulahlekelwa okukhulu.

23-25. (a) Ukulalela kuhlobene kanjani nobuqotho? Fanekisa. (b) Sizoxoxa ngani esahlukweni esilandelayo?

23 Ubuqotho, noma ukuzinikela ngenhliziyo yonke kuJehova, kuboniswa ngokulalela. Ngenxa yokuthi uJesu walalela, walondoloza ubuqotho bakhe futhi wazuzisa sonke isintu. (Roma 5:19) UJehova wamvuza ngokucebile uJesu. Uma silalela iNkosi yethu, uKristu, uJehova uyosivuza nathi. Ukulalela uKristu kuholela ‘ensindisweni yaphakade’!—Hebheru 5:9.

24 Ngaphezu kwalokho, ubuqotho bungumvuzo bubodwa nje. IzAga 10:9 zithi: “Ohamba ngobuqotho uyohamba ngokulondeka.” Uma ubuqotho bungafaniswa nesithabathaba somuzi wezitini ezinhle, isenzo sokulalela ngasinye singafaniswa nesitini ngasinye. Isitini singase sibonakale siyinto engasho lutho, kodwa ngasinye sinendawo yaso, sibalulekile. Lapho zihlanganiswa esinye phezu kwesinye zize zibe ziningi, kwakhekha into ebaluleke nakakhulu. Lapho izenzo zokulalela zihlanganiswa, esinye phezu kwesinye, usuku nosuku, unyaka nonyaka, sakha indlu enhle ewubuqotho bethu.

25 Inkambo yokulalela eqhubeka isikhathi eside isikhumbuza enye imfanelo—ukukhuthazela. Leso sici sesibonelo sikaJesu sizoxoxa ngaso esahlukweni esilandelayo.