Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 5

“Yonke Imicebo Yokuhlakanipha”

“Yonke Imicebo Yokuhlakanipha”

1-3. Kungaphansi kwasiphi isimo lapho uJesu ethula intshumayelo yakhe ngosuku lwasentwasahlobo ngo-31 C.E., futhi kungani izilaleli zakhe zikhexile?

KUSENTWASAHLOBO ngo-31 C.E. UJesu Kristu ungaseKapernawume, umuzi ophithizelayo osogwini olusenyakatho-ntshonalanga yoLwandle LwaseGalile. Phezulu entabeni ekule ndawo, uJesu ubethandaza ubusuku bonke eyedwa. Njengoba kusa, ubiza abafundi bakhe abese ekhetha abangu-12 kubo, ababize ngokuthi abaphostoli. Phakathi naleso sikhathi, isixuku esikhulu sabantu—abanye abavela kude impela—silandele uJesu saze safika lapha futhi siqoqene endaweni eyisicaba entabeni. Simagange ukuzwa ukuthi uzothini nasekuphulukisweni ezifweni zaso. UJesu akasidumazi.—Luka 6:12-19.

2 UJesu uza esixukwini afike elaphe bonke abagulayo. Ekugcineni, lapho engasekho ozwa izinhlungu zokugula okungathí sina, uhlala phansi aqale ukufundisa. * Amazwi awakhuluma ngalolu suku oluheleza umoya wasentwasahlobo kumelwe ukuba ayazimangaza izilaleli zakhe. Phela azikaze zimuzwe umuntu ofundisa njengaye. Ukuze izimfundiso zakhe zibe nesisindo, akacaphuni emasikweni adluliselwa ngomlomo noma orabi bamaJuda abadumile. Kunalokho, ucaphuna kaningi emiBhalweni YesiHebheru ephefumulelwe. Isigijimi sakhe sishaya emhloleni, ukhuluma ngendlela elula, futhi incazelo yaso icacile. Lapho eqeda, izixuku zikhexile. Kube kufanele. Zisanda kulalela umuntu ohlakaniphe kunabo bonke owake waphila!—Mathewu 7:28, 29.

“Izixuku zakhexa ngendlela yakhe yokufundisa”

3 Leyo ntshumayelo kanye nezinye izinto eziningi uJesu azisho nazenza zilotshwe eZwini likaNkulunkulu. Kuhle sihlole lokho okushiwo yilo mlando ophefumulelwe ngoJesu, ngoba kuye kukhona “yonke imicebo yokuhlakanipha.” (Kolose 2:3) Wakutholaphi ukuhlakanipha okungaka—ikhono lokusebenzisa ulwazi nokuqonda? Wakubonisa kanjani ukuhlakanipha, futhi singasilandela kanjani isibonelo sakhe?

“Lo Muntu Ukuthathephi Lokhu Kuhlakanipha?”

4. Yimuphi umbuzo owabuzwa izilaleli zikaJesu eNazaretha, futhi ngani?

4 Kolunye uhambo lwakhe lokushumayela, uJesu waya eNazaretha, umuzi ayekhulele kuwo, waqala ukufundisa esinagogeni lakhona. Izilaleli zakhe eziningi zamangala futhi zazibuza: “Lo muntu ukuthathephi lokhu kuhlakanipha?” Zaziwazi umkhaya wakubo—abazali bakhe nezingane zakubo—futhi zazazi ukuthi uvela esizindeni esiphansi. (Mathewu 13:54-56; Marku 6:1-3) Ngokuqinisekile zazazi nokuthi lo mbazi oyigagu akazange aye ezikoleni eziphambili zorabi. (Johane 7:15) Ngakho kwabonakala ufaneleka impela lo mbuzo.

5. UJesu wembula ukuthi ukuhlakanipha kwakhe kuvela kumuphi umthombo?

5 Ukuhlakanipha kukaJesu kwakungabangelwa nje ingqondo yakhe ephelele. Kamuva enkonzweni yakhe, lapho efundisa obala ethempelini, uJesu wembula ukuthi ukuhlakanipha kwakhe kwakuvela emthonjeni ophakeme kakhulu. Wathi: “Lokho engikufundisayo akukhona okwami, kodwa kungokwalowo ongithumile.” (Johane 7:16) Yebo, uBaba, owathuma iNdodana, wayengumthombo wangempela wokuhlakanipha kukaJesu. (Johane 12:49) Kodwa uJesu wakuthola kanjani ukuhlakanipha kuJehova?

6, 7. UJesu wakuthola ngaziphi izindlela ukuhlakanipha kuYise?

6 Umoya ongcwele kaJehova wawusebenza enhliziyweni nasengqondweni kaJesu. Ekhuluma ngoJesu njengoMesiya othenjisiwe, u-Isaya wabikezela: “Umoya kaJehova uyohlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya weseluleko nowamandla, umoya wolwazi nowokwesaba uJehova.” (Isaya 11:2) Enomoya kaJehova futhi imicabango nezinqumo zakhe ziqondiswa yiwo, kuyamangaza yini ukuthi amazwi nezenzo zikaJesu zabonisa ukuhlakanipha okuphakeme kakhulu?

7 UJesu wathola ukuhlakanipha kuYise nangenye indlela ebalulekile. Njengoba sibonile eSahlukweni 2, ngenkathi ephila ezulwini engakabi umuntu, okwaba izigidigidi zeminyaka, uJesu wayenethuba lokwazi indlela uYise abheka ngayo izinto. Asinakukuqonda ukujula kokuhlakanipha iNdodana eyakuthola ngenkathi inoYise, isebenza kanzima ‘njengesisebenzi esiyingcweti’ sikaNkulunkulu ekudaleni zonke ezinye izinto, eziphilayo nezingaphili. Ngesizathu esizwakalayo, ngenkathi iNdodana ingakabi umuntu, ichazwa njengokuhlakanipha okwenziwe samuntu. (IzAga 8:22-31; Kolose 1:15, 16) Kuyo yonke inkonzo yakhe, uJesu wakwazi ukusebenzisa ukuhlakanipha akuthola ngenkathi enoYise ezulwini. * (Johane 8:26, 28, 38) Ngenxa yalokhu, akudingeki busimangaze ububanzi bolwazi nokujula kokuqonda okubonakala emazwini kaJesu noma ukuphusa kwezinqumo zakhe kukho konke ayekwenza.

8. Njengabalandeli bakaJesu, singakuthola kanjani ukuhlakanipha?

8 Njengabalandeli bakaJesu, nathi kudingeka sibheke kuJehova njengomthombo wokuhlakanipha. (IzAga 2:6) Kodwa uJehova akasiniki ngokuyisimangaliso ukuhlakanipha. Akwenzayo nje yena ukuphendula imithandazo yethu eqotho ecela ukuhlakanipha kokubhekana ngempumelelo nezinselele zokuphila. (Jakobe 1:5) Ukuze sithole lokhu kuhlakanipha, kudingeka senze omkhulu umzamo. Kudingeka siqhubeke sikufuna sengathi sifuna “ingcebo efihliweyo.” (IzAga 2:1-6) Ngempela, kudingeka siqhubeke simbe sijule eZwini likaNkulunkulu, lapho ukuhlakanipha kwakhe kutholakala khona, futhi sivumelanise ukuphila kwethu nalokho esikufundayo. Isibonelo seNdodana kaJehova sibaluleke ngokukhethekile ekusisizeni sithole ukuhlakanipha. Ake sihlole izindawo ezimbalwa uJesu abonisa kuzo ukuhlakanipha, sifunde ukuthi thina singamlingisa kanjani.

Amazwi Okuhlakanipha

Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwembulwe eBhayibhelini

9. Yini eyenza izimfundiso zikaJesu zaba ezihlakaniphe kangaka?

9 Izinkumbi zabantu zazithutheleka kuJesu ukuze zimuzwe ekhuluma. (Marku 6:31-34; Luka 5:1-3) Babengayekelani, phela lapho uJesu evula umlomo, kwakuphuma ukuhlakanipha okwedlulele! Izimfundiso zakhe zazibonisa ulwazi olujulile lweZwi likaNkulunkulu kanye nekhono elingenakuqhathaniswa lokufinyelela emnyombweni wendaba. Akufundisa kukhanga bonke abantu futhi akuphelelwa isikhathi. Cabangela izibonelo ezimbalwa zokuhlakanipha okutholakala emazwini kaJesu, “uMeluleki Omangalisayo” owabikezelwa.—Isaya 9:6.

10. Yiziphi izimfanelo ezinhle uJesu asikhuthaza ukuba sizihlakulele, futhi ngani?

10 INtshumayelo Yasentabeni, okukhulunywe ngayo ekuqaleni, iyiqoqo elikhulu kunawo wonke lezimfundiso zikaJesu ezingaphazanyisiwe inkulumo yolandisayo noma amazwi abanye. Kule ntshumayelo, uJesu akamane nje aseluleke ukuba sikhulume futhi siziphathe ngendlela efanele. Iseluleko sakhe sijule kakhulu kunalokho. Njengoba ayazi kahle ukuthi imicabango nemizwa iholela enkulumweni nasezenzweni, uJesu usikhuthaza ukuba sihlakulele izimfanelo ezinhle zengqondo nenhliziyo, ezinjengomoya omnene, ukulangazelela ukulunga, ukuthambekela ekubeni nesihe nokuthula, kanye nokuthanda abanye. (Mathewu 5:5-9, 43-48) Njengoba sihlakulela izimfanelo ezinjalo ezinhliziyweni zethu, umphumela uyoba inkulumo eyakhayo nokuziphatha okuhle okungajabulisi uJehova nje kuphela kodwa futhi okukhuthaza ubuhlobo obuhle nabanye abantu.—Mathewu 5:16.

11. Lapho eluleka ngokuziphatha okonakele, uJesu ufinyelela kanjani emsukeni wenkinga?

11 Lapho ekhipha iseluleko ngokuziphatha okonakele, uJesu uthinta wona kanye umsuka wenkinga. Akamane nje asitshele ukuba sigweme izenzo zobudlova. Kunalokho, usixwayisa ukuba singafukameli intukuthelo ezinhliziyweni zethu. (Mathewu 5:21, 22; 1 Johane 3:15) Akalahli nje isenzo sokuphinga kuphela. Esikhundleni salokho, uxwayisa ngesifiso esiqala enhliziyweni bese siholela kulokho kungathembeki. Usiyala ukuba singawavumeli amehlo ethu avuse izifiso ezingafanele nenkanuko. (Mathewu 5:27-30) UJesu ugxila ezimbangeleni, hhayi emiphumeleni. Ulungisa izimo zengqondo nezifiso eziholela esonweni.—IHubo 7:14.

12. Abalandeli bakaJesu basibheka kanjani iseluleko sakhe, futhi ngani?

12 Yeka ukuhlakanipha okusemazwini kaJesu! Akumangazi ukuthi “izixuku zakhexa ngendlela yakhe yokufundisa.” (Mathewu 7:28) Njengabalandeli bakhe, sibheka iseluleko sakhe esihlakaniphile njengendlela yokuphila. Sizama ukuhlakulela izimfanelo ezinhle azikhuthaza—ezihlanganisa isihe, ukuthula nothando—sazi ukuthi ngokwenza kanjalo siyobe sibeka isisekelo sokuziphatha okujabulisa uNkulunkulu. Sizama ukukhipha ezinhliziyweni zethu imizwa emibi nezifiso axwayisa ngazo, njengolaka olubi nezifiso ezingcolile, sazi ukuthi ukwenza kanjalo kuyosisiza sigweme ukuziphatha okunesono.—Jakobe 1:14, 15.

Indlela Yokuphila Ebuswa Ukuhlakanipha

13, 14. Yini ebonisa ukuthi uJesu wasebenzisa ukwahlulela okuhle lapho ekhetha inkambo yakhe yokuphila?

13 UJesu akagcinanga ngokubonisa ukuhlakanipha ngamazwi nje kuphela kodwa nangezenzo. Yonke indlela yakhe yokuphila—izinqumo zakhe, indlela ayezibheka ngayo yena, nendlela ayesebenzelana ngayo nabanye—yabonisa izici zokuhlakanipha eziningi ezinhle. Cabanga ngezinye izibonelo ezibonisa ukuthi uJesu wayebuswa “ukuhlakanipha okusebenzayo kanye nekhono lokucabanga.”—IzAga 3:21.

14 Ukuhlakanipha kuhlanganisa ukwahlulela okunengqondo. UJesu wasebenzisa ukwahlulela okuhle ekukhetheni inkambo yokuphila. Ungakucabanga ukuphila ayengakuphila—umuzi ayengazakhela wona, ibhizinisi ayengaliqala, noma udumo lwezwe ayengaba nalo? UJesu wayazi ukuthi ukuphilela lezi zinto “kuyize nokulwela ukufica umoya.” (UmShumayeli 4:4; 5:10) Inkambo enjalo iwubuwula, iphambene nokuhlakanipha. UJesu wakhetha ukugcina ukuphila kwakhe kulula. Wayengafuni ukwenza imali noma ukuqongelela izinto ezibonakalayo. (Mathewu 8:20) Ngokuvumelana nalokho akufundisa, wagcina iso lakhe ligxile enjongweni eyodwa—ukwenza intando kaNkulunkulu. (Mathewu 6:22) Ngokuhlakanipha uJesu wanikela isikhathi sakhe namandla ezithakazelweni zoMbuso, ezibaluleke nezizuzisa kakhulu kunezinto ezibonakalayo. (Mathewu 6:19-21) Kanjalo washiya isibonelo esikufanele ukulingiswa.

15. Abalandeli bakaJesu bangabonisa kanjani ukuthi baneso elihle, futhi kungani lokhu kuyinkambo yokuhlakanipha?

15 Abalandeli bakaJesu namuhla bayakubona ukuhlakanipha kokuba neso elihle. Ngenxa yalokho bayakugwema ukuzicindezela ngezikweletu ezingadingekile nezinto ezingabalulekile ezidinga isikhathi namandla amaningi. (1 Thimothewu 6:9, 10) Abaningi baye bathatha izinyathelo zokwenza lula indlela yabo yokuphila ukuze bakwazi ukunikela isikhathi esengeziwe enkonzweni yobuKristu, mhlawube baze bakhonze njengabamemezeli boMbuso besikhathi esigcwele. Ayikho enye inkambo yokuhlakanipha engcono kunale, ngoba ukugcina izithakazelo zoMbuso zisendaweni yazo efanele kuletha injabulo nokwaneliseka okukhulu kakhulu.—Mathewu 6:33.

16, 17. (a) UJesu wabonisa ngaziphi izindlela ukuthi wayenesizotha futhi engeqisi kulokho ayekulindele kuye ngokwakhe? (b) Thina singabonisa kanjani ukuthi sinesizotha nokuthi aseqisi kulokho esikulindele kithina ngokwethu?

16 IBhayibheli lihlobanisa ukuhlakanipha nesizotha, okuhilela ukuqaphela ukulinganiselwa kwethu. (IzAga 11:2) UJesu wayenesizotha futhi engeqisi kulokho ayekulindele kuye. Wayazi ukuthi wayengeke akwazi ukuphendula wonke umuntu owayezwa isigijimi sakhe. (Mathewu 10:32-39) Wayeqaphela nokuthi wayengeke akwazi ukufinyelela bonke abantu yena ngokwakhe. Ngakho ngokuhlakanipha wanikeza abalandeli bakhe umsebenzi wokwenza abafundi. (Mathewu 28:18-20) Ngesizotha wavuma ukuthi ‘babeyokwenza imisebenzi emikhulu’ kuneyakhe, ngoba babeyofinyelela abantu abaningi kunaye, endaweni enkulu kunaye nangesikhathi eside kunaye. (Johane 14:12) UJesu wayeqaphela nokuthi uyaludinga usizo. Wavuma ukusizwa izingelosi ezafika zizomkhonza ehlane nengelosi eyafika izomqinisa eGetsemane. Lapho idinga usizo kakhulu, iNdodana kaNkulunkulu yalukhalela usizo.—Mathewu 4:11; Luka 22:43; Hebheru 5:7.

17 Nathi kudingeka sibe nesizotha futhi singeqisi kulokho esikulindele kithi ngokwethu. Ngokuqinisekile sifuna ukusebenza ngomphefumulo wonke futhi sizikhandle emsebenzini wethu wokushumayela nokwenza abafundi. (Luka 13:24; Kolose 3:23) Ngesikhathi esifanayo, kudingeka sikhumbule ukuthi uJehova akasiqhathanisi nabanye, nathi futhi akufanele siziqhathanise nabo. (Galathiya 6:4) Ukuhlakanipha okusebenzayo kuyosisiza sizibekele imigomo esingayifinyelela ngokuvumelana namakhono nezimo zethu. Ngaphezu kwalokho, ukuhlakanipha kuyosiza labo abasezikhundleni zomthwalo wemfanelo ukuba bavume ukuthi banakho ukulinganiselwa nokuthi ngezinye izikhathi bayaludinga usizo nokusekelwa. Isizotha siyobenza balwamukele ngomusa usizo, beqaphela ukuthi uJehova angasebenzisa elinye ikholwa ukuba libe “usizo oluqinisayo” kubo.—Kolose 4:11.

18, 19. (a) Yini ebonisa ukuthi uJesu wayebonelela futhi ebheka okuhle lapho esebenzelana nabafundi bakhe? (b) Kungani sinesizathu esihle sokubheka okuhle kwabanye nokubabonelela, futhi singakwenza kanjani lokho?

18 “Ukuhlakanipha kwaphezulu . . . kuyabonelela,” kusho uJakobe 3:17. UJesu wayebonelela futhi enomusa ekusebenzelaneni nabafundi bakhe. Wayewazi kahle amaphutha abo, kodwa wayebheka okuhle kubo. (Johane 1:47) Wayazi ukuthi babezomhlamuka ngobusuku bokuboshwa kwakhe, kodwa akazange abungabaze ubuqotho babo. (Mathewu 26:31-35; Luka 22:28-30) UPetru waphika kathathu ukuthi uyamazi uJesu. Noma kunjalo, uJesu wamthandazela uPetru futhi wabonisa ukuthi uyaqiniseka ngokwethembeka kwakhe. (Luka 22:31-34) Lapho uJesu ethandaza kuYise ngobusuku bakhe bokugcina emhlabeni, akazange agxile emaphutheni abalandeli bakhe. Kunalokho, wakhuluma kahle ngenkambo yabo kwaze kwaba yilobo busuku, ethi: “Baligcinile izwi lakho.” (Johane 17:6) Naphezu kokungapheleli kwabo, wabaphathisa umsebenzi wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. (Mathewu 28:​19, 20) Akungabazeki ukuthi ukubethemba kwakhe nokholo ayenalo kubo kwabaqinisela ukuba bafeze umsebenzi ayebayale ukuba bawenze.

19 Abalandeli bakaJesu banesizathu sokumlingisa kulokhu. Uma iNdodana kaNkulunkulu ephelele yasebenzelana ngesineke nabafundi bayo abangaphelele, yeka ukuthi thina bantu abanesono kufanele sibabonelele kangakanani abanye! (Filipi 4:5) Kunokugxila emaphutheni esikhonza nabo, senza kahle ngokubheka okuhle kubo. Siyobe sihlakaniphile uma sikhumbula ukuthi nguJehova obadonsile. (Johane 6:44) Ngokuqinisekile-ke, kumelwe ukuba kukhona okuhle akubonayo kubo, nathi kufanele sikubone. Umoya onjalo ngeke ugcine ngokusisiza “singawanaki amaphutha” kodwa futhi uyosisiza sifune izici esingabancoma kuzo abanye. (IzAga 19:11, The New English Bible) Uma sibonisa ukubethemba abafowethu nodadewethu abangamaKristu, sibasiza ukuba benze okungcono kakhulu ekukhonzeni uJehova nasekutholeni injabulo kuleyo nkonzo.—1 Thesalonika 5:11.

20. Kufanele senzeni ngenqolobane yokuhlakanipha esekulandiseni kwamaVangeli, futhi ngani?

20 Ukulandisa kwamaVangeli ngokuphila nenkonzo kaJesu ngempela kuyinqolobane yokuhlakanipha! Kufanele senzeni ngalesi sipho esiyigugu kangaka? Lapho ephetha iNtshumayelo Yasentabeni, uJesu wakhuthaza izilaleli zakhe ukuba zingagcini nje ngokuzwa amazwi akhe ahlakaniphile kodwa futhi ziwenze, noma ziwasebenzise. (Mathewu 7:24-27) Ukulolonga imicabango, izisusa, nezenzo zethu ngokuvumelana namazwi nezenzo zikaJesu ezihlakaniphile kuyosisiza sithole ukuphila okungcono kakhulu esingakuthola manje futhi sihlale endleleni eya ekuphileni okuphakade. (Mathewu 7:13, 14) Ngokuqinisekile ayikho inkambo engcono noma ehlakaniphile kunale esingayithatha!

^ par. 2 Inkulumo uJesu ayinikeza ngalolo suku iye yaziwa ngokuthi iNtshumayelo Yasentabeni. Ilotshwe kuMathewu 5:3–7:27, inamavesi angu-107 futhi ingathatha cishe imizuzu engu-20.

^ par. 7 Kubonakala sengathi ngesikhathi ‘amazulu evuleka’ ngenkathi uJesu ebhapathizwa, inkumbulo yokuphila kwakhe ngaphambi kokuba abe umuntu yabuyiselwa kuye.—Mathewu 3:13-17.