Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 1

‘Yiba Ngumlandeli Wami’—Wayesho Ukuthini UJesu?

‘Yiba Ngumlandeli Wami’—Wayesho Ukuthini UJesu?

“Yini okumelwe ngiyenze ukuze ngizuze ifa lokuphila okuphakade?”

1, 2. Yisiphi isimemo esihle kakhulu umuntu angasithola, futhi yimuphi umbuzo esingase sizibuze wona?

YISIPHI isimemo esihle kakhulu owake wasithola? Ungase ukhumbule mhla umenyelwa emcimbini okhethekile, njengasemshadweni wabantu ababili obathanda kakhulu. Noma ungase ukhumbule usuku owabizelwa ngalo umsebenzi obalulekile. Uma wake wazithola izimemo ezinjalo, ngokungangabazeki wajabula kakhulu futhi wazizwa ukhethekile. Nokho, iqiniso liwukuthi uthole isimemo esihle kakhulu. Ngamunye wethu usitholile. Indlela esikhetha ukusabela ngayo kuleso simemo isithinta kakhulu. Siyisinqumo esibaluleke kunazo zonke esiyosenza ekuphileni.

2 Yisiphi leso simemo? Sivela kuJesu Kristu, iNdodana ezelwe yodwa kaNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova, futhi silotshwe eBhayibhelini. KuMarku 10:21, sifunda amazwi kaJesu: ‘Woza ube ngumlandeli wami.’ Empeleni, lesi isimemo uJesu asiqondise kithi sonke. Senza kahle ngokuzibuza, ‘Mina ngizosabela kanjani?’ Impendulo ingase ibonakale isobala. Ubani ongenqaba isimemo esihle kangaka? Kuyamangalisa ukuthi iningi labantu liyasenqaba. Kungani?

3, 4. (a) Yini eyayingase ifiseleke ngendoda eyeza kuJesu izombuza ngokuphila okuphakade? (b) Yiziphi izimfanelo ezinhle okungenzeka uJesu wazibona kumbusi osemusha ocebile?

3 Ngokwesibonelo, cabanga ngomuntu owathola leso simemo sivela kuJesu mathupha eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule. Wayeyindoda ehlonishwa kakhulu. Wayenezinto okungenani ezintathu abantu abacabanga ukuthi ziyafiseleka, baze bazihalele nokuzihalela—ubusha, ingcebo, nethonya. Ukulandisa kweBhayibheli kumchaza ngokuthi ‘uyinsizwa,’ “wayecebe kakhulu” nangokuthi “umbusi.” (Mathewu 19:20; Luka 18:18, 23) Kepha kunokuthile okwakubaluleke nakakhulu ngale nsizwa. Yayizwile ngoMfundisi Omkhulu, uJesu, futhi yakuthanda lokho eyayikuzwile.

4 Ababusi abaningi ngalezo zinsuku babengamhloniphi uJesu ngendlela emfanele. (Johane 7:48; 12:42) Kodwa lo mbusi wenza okuhlukile. IBhayibheli liyasitshela: “Njengoba [uJesu] ephuma ehamba, umuntu othile wagijima wawa ngamadolo phambi kwakhe wambuza lo mbuzo: ‘Mfundisi Omuhle, yini okumelwe ngiyenze ukuze ngizuze ifa lokuphila okuphakade?’” (Marku 10:17) Phawula indlela le ndoda eyayimagange ngayo ukukhuluma noJesu, igijimela kuye phambi kwabantu, ngendlela umuntu ompofu nophansi ayengenza ngayo. Ngaphezu kwalokho, yaguqa ngenhlonipho phambi kukaKristu. Ngakho, ngokwezinga elithile, yayithobekile futhi isiqaphela isidingo sayo esingokomoya. UJesu wayezazisa izimfanelo ezinhle kanjalo. (Mathewu 5:3; 18:4) Akumangalisi-ke ukuthi ‘uJesu wayibheka futhi wezwa eyithanda.’ (Marku 10:21) UJesu wawuphendula kanjani umbuzo wale nsizwa?

Isimemo Esiyingqayizivele

5. UJesu wayiphendula kanjani insizwa eyisicebi, futhi sazi kanjani ukuthi uJesu wayengasho ubumpofu uma ethi “yinye” into esele ngale nsizwa? (Bheka nombhalo waphansi.)

5 UJesu wabonisa ukuthi lwase lukhona ulwazi oluvela kuYise oluphendula umbuzo obalulekile ngokuthola ukuphila okuphakade. Wakhomba emiBhalweni futhi le nsizwa yavuma ukuthi yayiwulalela ngokwethembeka uMthetho KaMose. Nokho, uJesu, ngokuqonda kwakhe okungavamile, wabona okuthile okujulile. (Johane 2:25) Wabona inkinga engokomoya kulo mbusi—inkinga engathí sina. Ngakho, uJesu wathi: “Yinye into esele ngawe.” Yayiyini leyo “nto” eyodwa? UJesu wathi: “Hamba, uthengise lokho onakho uphe abampofu.” (Marku 10:21) Ingabe uJesu wayesho ukuthi umuntu akufanele abe ngisho nanendibilishi ukuze akhonze uNkulunkulu? Cha. * UKristu wayeveza okuthile okubaluleke kakhulu.

6. UJesu wakhipha siphi isimemo, futhi ukusabela kombusi oyinsizwa ecebile kwembulani ngenhliziyo yakhe?

6 Ukuze akuveze obala okwakusele, uJesu wanikeza le nsizwa ithuba elihle kakhulu: ‘Woza ube ngumlandeli wami.’ Cabanga nje—iNdodana kaNkulunkulu oPhezukonke imema le nsizwa, ubuso nobuso, ukuba iyilandele! UJesu wayithembisa nomvuzo eyayingawucabangi. Wathi: “Uyoba nengcebo ezulwini.” Ingabe le nsizwa engumbusi ocebile yalisebenzisa leli thuba, lesi simemo esimangalisayo? Ukulandisa kufundeka kanje: ‘Yadabuka ngenxa yalelo zwi futhi yahamba ilusizi, ngoba yayinempahla eningi.’ (Marku 10:21, 22) Ngakho isicelo sikaJesu esingalindelekile sembula inkinga eyayisenhliziyweni yale ndoda. Yayiyikhonze kakhulu impahla yayo, futhi ngokungangabazeki, namandla nodumo okuhambisana nayo. Ngokudabukisayo, uthando eyayinalo ngalezi zinto lwalunamandla kakhulu kunothando eyayinalo ngoKristu. Ngakho-ke, “into esele” kwakuwuthando lwenhliziyo yonke nolokuzidela ngoJesu kanye noJehova. Ngenxa yokuthi le nsizwa yayingenalo uthando olunjalo, yasenqaba lesi simemo esiyingqayizivele! Kodwa uhileleke kanjani wena?

7. Kungani singaqiniseka ukuthi isimemo sikaJesu sihlanganisa nathi namuhla?

7 UJesu wayengamemi le ndoda kuphela; futhi wayengamemi abantu abambalwa nje kuphela. Wathi: ‘Uma umuntu efuna ukungilandela makangilandele njalo.’ (Luka 9:23) Phawula ukuthi noma yimuphi “umuntu” angaba umlandeli kaKristu uma “efuna.” UNkulunkulu ubadonsela eNdodaneni yakhe abanhliziyo ziqotho kanjalo. (Johane 6:44) Akubona abacebile kuphela, noma abampofu, noma abohlanga noma ubuzwe obuthile, noma labo ababephila ngaleso sikhathi kuphela abanikezwa ithuba lokwamukela isimemo sikaJesu, kodwa bonke abantu banalo lelo thuba. Ngakho amazwi kaJesu athi ‘Woza ube ngumlandeli wami’ ayasebenza ngempela kuwe. Kungani kufanele ufune ukulandela uKristu? Futhi yini ehilelekile ekumlandeleni?

Kungani Kufanele Ube Ngumlandeli KaKristu?

8. Yisiphi isidingo bonke abantu abanaso, futhi ngani?

8 Kuneqiniso okufanele silivume: Sinesidingo esikhulu sobuholi obuhle. Akubona bonke abantu abavumayo ukuthi banaso lesi sidingo, kodwa sona sikhona. Umprofethi kaJehova uJeremiya waphefumulelwa ukuba alobe leli qiniso elingaguquki: “Ngazi kahle, Jehova, ukuthi indlela yomuntu wasemhlabeni akuyona eyakhe. Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.” (Jeremiya 10:23) Abantu abanalo ikhono nelungelo lokuzibusa. Ngempela, umlando wesintu ngokuvamile uwumlando wobuholi obubi. (UmShumayeli 8:9) Osukwini lukaJesu abaholi babecindezela, behlukumeza futhi bedukisa abantu. UJesu waqaphela ukuthi abantu abavamile ‘babenjengezimvu ezingenamalusi.’ (Marku 6:34) Kusenjalo ngesintu namuhla. Njengeqembu nanjengabantu ngabanye, sidinga ubuholi esingabethemba futhi sibuhloniphe. Ingabe uJesu uyasigcwalisa leso sidingo? Cabangela izizathu ezimbalwa ezenza impendulo ibe nguyebo.

9. Yini eyenza uJesu ahluke kubo bonke abanye abaholi?

9 Okokuqala, uJesu wakhethwa uJehova uNkulunkulu. Abaholi abaningi abangabantu bakhethwa abantu abangaphelele njengabo, ngokuvamile abakhohlisekayo nabangahluleli kahle. UJesu uwuhlobo oluhlukile lomholi. Kwasiqu sakhe sisitshela lokho. Igama elithi “Kristu,” njengelithi “Mesiya,” lisho ukuthi “oGcotshiweyo.” Yebo, uJesu wagcotshwa, noma wabekwa ngokukhethekile esikhundleni sakhe esingcwele, yiNkosi Ephakeme yendawo yonke uqobo lwayo. UJehova uNkulunkulu wathi ngeNdodana yakhe: “Bheka! Inceku yami engayikhetha, othandekayo wami, umphefumulo wami omamukele! Ngizobeka umoya wami phezu kwakhe.” (Mathewu 12:18) Akekho owazi kangcono kunoMdali wethu ukuthi sidinga luhlobo luni lomholi. Ukuhlakanipha kukaJehova akupheli, ngakho sinezizathu ezanele zokukwethemba ukukhetha kwakhe.—IzAga 3:5, 6.

10. Kungani isibonelo sikaJesu kuyisona esihle kakhulu abantu abangasilandela?

10 Okwesibili, uJesu wasishiyela isibonelo esiphelele nesikhuthazayo. Uhlobo oluhle kakhulu lomholi lunezimfanelo abantu bakhe abazithandayo nabangazilingisa. Uhola ngesibonelo, akhuthaze abanye ukuba bathuthuke. Yiziphi izimfanelo ongazihlonipha kakhulu kumholi? Isibindi? Ukuhlakanipha? Uzwela? Kuthiwani ngokukhuthazela naphezu kobunzima? Njengoba ufunda umlando wenkambo yokuphila kukaJesu emhlabeni, uzothola ukuthi wayenazo lezo zimfanelo—kanye nezinye. Njengomfanekiso ophelele kaYise wasezulwini, uJesu wayenazo zonke izimfanelo zikaNkulunkulu ngokuphelele. Wayeyikho konke umuntu ophelele angaba yikho. Ngakho kukho konke akwenza, kuwo wonke amazwi awasho, kuyo yonke imizwa ayibonakalisa, sithola okuthile esingakulingisa. IBhayibheli lithi wasishiyela ‘isibonelo sokuba silandele izinyathelo zakhe eduze.’—1 Petru 2:21.

11. UJesu wazibonakalisa kanjani ‘engumalusi omuhle’?

11 Okwesithathu, uKristu wakufeza ngokugcwele lokho ayekushilo: “Mina ngingumalusi omuhle.” (Johane 10:14) Ngezikhathi zeBhayibheli abantu babesijwayele lesi sifenqo. Abelusi babesebenza kanzima ukuze banakekele izimvu zabo. “Umalusi omuhle” ubeka ukuphepha nenhlalakahle yomhlambi ngaphambi kweyakhe. Ngokwesibonelo, ukhokho kaJesu uDavide, wayengumalusi lapho esemncane futhi izikhathi ezingaphezu kwesisodwa, wafaka ukuphila kwakhe engozini ukuze avikele izimvu zakhe ezilwaneni zasendle eziyingozi. (1 Samuweli 17:34-36) UJesu wenza okungaphezu kwalokho ngenxa yabalandeli bakhe. Wanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yabo. (Johane 10:15) Bangaki abaholi abanomoya wokuzidela onje?

12, 13. (a) Umalusi uzazi ngamuphi umqondo izimvu zakhe, futhi izimvu zimazi kanjani? (b) Kungani ufuna ukuba ngaphansi kobuholi bukaMalusi Omuhle?

12 UJesu ‘wayengumalusi omuhle’ nangenye indlela. Wathi: “Ngiyazazi izimvu zami nezimvu zami ziyangazi.” (Johane 10:14) Cabanga ngala mazwi kaJesu. Kumuntu nje ovamile, umhlambi wezimvu ungase ubonakale uyinqwaba yezilwane eziyimvukumvuku. Kodwa umalusi uyazi ngayinye imvu yakhe. Uyazi ukuthi yiziphi izimvukazi ezizodinga usizo uma sezizala, ukuthi yimaphi amawundlu asadinga ukutshathwa ngoba esemancane noma ebuthaka ukuba azihambele ibanga elide, noma ukuthi yiziphi izimvu ebezigula noma zilimele. Nezimvu ziyamazi umalusi wazo. Ziyalazi izwi lakhe, azilokothi ziliphambanise nelomunye umalusi. Uma izwi lakhe lizixwayisa, zisabela ngokushesha. Lapho eziholela khona, ziya khona. Wazi kahle futhi ukuthi kumelwe aziholele kuphi. Uyazi lapho utshani bukhephuzela futhi buluhlaza khona, lapho kunemifudlana ecwebile khona, lapho amadlelo ephephe khona. Njengoba ezigadile, izimvu ziyezwa ukuthi ziphephile.—IHubo 23.

13 Awubulangazeleli ubuholi obunjalo? UMalusi Omuhle unomlando ongeqhathaniswe wokuphatha abalandeli bakhe ngaleyo ndlela. Uthembisa ukukuholela ekuphileni okujabulisayo nokwanelisayo manje naphakade! (Johane 10:10, 11; IsAmbulo 7:16, 17) Ngakho, kudingeka sazi ukuthi yini ngempela ehilelekile ekulandeleni uKristu.

Okushiwo Ukuba Umlandeli KaKristu

14, 15. Ukuze ube ngumlandeli kaKristu, kungani kungenele ukuzibiza ngokuthi ungumKristu noma ukuzitshela ukuthi umuzwa ngaphakathi uJesu?

14 Izigidi zabantu namuhla cishe zinomuzwa wokuthi zisamukele isimemo sikaKristu. Angithi baze bazibize ngokuthi bangamaKristu. Mhlawumbe basonta esontweni abazali babo abababhapathizela kulo. Noma bangase bathi bamuzwa ngaphakathi uJesu futhi bamamukele njengoMsindisi wabo. Kodwa ingabe lokho kubenza babe abalandeli bakaKristu? Ingabe yilokho uJesu ayekuqondile lapho esimema ukuba sibe ngabalandeli bakhe? Kunokuningi kakhulu kunalokho.

15 Cabanga ngezizwe zeLobukholwa—iningi lezakhamuzi zazo ezithi zingabalandeli bakaKristu. Ingabe eLobukholwa liyazibonakalisa izimfundiso zikaJesu Kristu? Noma ingabe kulawo mazwe sibona inzondo, ukucindezela, ubugebengu, ukungabi nabulungisa, njengoba kunjalo nakwezinye izingxenye zomhlaba? Umholi wamaHindu ohlonishwayo uMohandas Gandhi wake wathi: “Akekho umuntu engimaziyo odlula uJesu ngalokho akwenzele isintu. Eqinisweni ubuKristu abunaphutha.” Wanezela: “Inkinga yinina maKristu. Anizami nakuzama ukuphila ngokuvumelana nezimfundiso zenu.”

16, 17. Ngokuvamile yini esuke isele kulabo abazibiza ngamaKristu, futhi yini eyenza abalandeli bakaKristu behluke?

16 UJesu wathi abalandeli bakhe beqiniso babengeke baziwe ngabakushoyo noma ngegama abazibiza ngalo nje kuphela kodwa ngokuyinhloko ngezenzo zabo. Ngokwesibonelo, wathi: “Akuyena wonke umuntu othi kimi, ‘Nkosi, Nkosi,’ oyongena embusweni wamazulu, kodwa lowo owenza intando kaBaba osemazulwini uyongena.” (Mathewu 7:21) Kungani abaningi abathi uJesu uyiNkosi yabo behluleka ukwenza intando kaYise? Khumbula insizwa engumbusi ocebile. Ngokuvamile, isuke ‘iyinye into esele’ kulabo abathi bangamaKristu—uthando lomphefumulo wonke ngoJesu kanye naLowo omthumileyo.

17 Kungenzeka kanjani lokho? Izigidi ezizibiza ngokuthi zingamaKristu azisho yini futhi ukuthi ziyamthanda uKristu? Ziyasho. Kodwa uthando ngoJesu nangoJehova luhilela okungaphezu kakhulu kwamazwi. UJesu wathi: “Uma umuntu engithanda, uyogcina izwi lami.” (Johane 14:23) Ekhuluma njengomalusi, wabuye wathi: “Izimvu zami ziyalilalela izwi lami, nami ngiyazazi, futhi ziyangilandela.” (Johane 10:27) Yebo, ukuthi siyamthanda ngempela yini uKristu akubonakali nje ngamazwi ethu nangemizwelo yethu kodwa ngokuyinhloko ngezenzo zethu.

18, 19. (a)Ukufunda ngoJesu kufanele kusithinte kanjani? (b) Iyini injongo yale ncwadi, futhi iyobasiza kanjani labo abebecabanga ukuthi bangabalandeli bakaKristu?

18 Nokho, izenzo zethu azimane zizenzakalele. Zibonisa umuntu esinguye ekujuleni kwethu. Yilapha lapho umsebenzi kumelwe uqale khona. UJesu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Uma singenisa ulwazi olunembile ngoJesu futhi sizindla ngalo, izinhliziyo zethu ziyothinteka. Siyoya simthanda kakhulu, sizakhele isifiso esikhulu kakhulu sokumlandela usuku nosuku.

19 Yileyo kanye injongo yale ncwadi. Ayihloselwe ukusitshela konke ngenkonzo nangokuphila kukaJesu, kodwa ukusisiza sibone kangcono ukuthi singamlandela kanjani. * Iklanyelwe ukusisiza sibheke esibukweni esiyimiBhalo bese siyazibuza, ‘Ingabe ngimlandela ngempela uJesu?’ (Jakobe 1:23-25) Cishe sekuyisikhathi eside ucabanga ukuthi uyimvu eholwa uMalusi Omuhle. Awuvumi yini kodwa ukuthi zihlale zikhona izindlela zokuthuthukisa? IBhayibheli liyasinxusa: “Qhubekani nihlola ukuthi nisokholweni yini, qhubekani nihlola lokho nina ngokwenu eniyikho.” (2 Korinte 13:5) Kuwufanele umzamo ukuqiniseka ukuthi ngempela siholwa uMalusi Omuhle onothando, uJesu, uJehova aye wammisa ukuba asihole.

20. Yini esizoxoxa ngayo esahlukweni esilandelayo?

20 Kwangathi ukutadisha le ncwadi kungakusiza uqinise uthando onalo ngoJesu noJehova. Njengoba uholwa yilolo thando ekuphileni kwakho, uyothola ukuthula nokwaneliseka okungcono kakhulu ongakuthola kuleli zwe elidala, futhi uyophila ukuze udumise uJehova phakade ngokusinikeza uMalusi Omuhle. Kodwa ukufunda kwethu ngoKristu kumelwe kube nesisekelo esiqondile. Kuyafaneleka-ke ukuba eSahlukweni 2 sihlole indima kaJesu enjongweni kaJehova yendawo yonke.

^ par. 5 UJesu akazange acele wonke umuntu owayemlandela ukuba alahle konke okungokwakhe. Nakuba asho ukuthi kunzima kangakanani ngomuntu ocebile ukuba angene eMbusweni kaNkulunkulu, wanezela: “Zonke izinto zingenzeka kuNkulunkulu.” (Marku 10:23, 27) Empeleni, bakhona abantu abambalwa abacebile ababa abalandeli bakaKristu. Báyalwa ngokukhethekile ebandleni lobuKristu, kodwa abazange bacelwe ukuba banikele ngawo wonke umcebo wabo kwabampofu.—1 Thimothewu 6:17.

^ par. 19 Ukuze uthole ukulandisa ngezenzakalo zokuphila nenkonzo kaJesu ngokulandelana kwazo, bheka incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.