Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXENYE 5

Buyelani “Kumalusi Nombonisi Wemiphefumulo Yenu”

Buyelani “Kumalusi Nombonisi Wemiphefumulo Yenu”

Ikhona yini inselele oke wabhekana nayo kulezi esesixoxe ngazo kule ncwajana? Uma kunjalo, qiniseka ngokuthi uzoluthola usizo. Izinceku zikaNkulunkulu eziningi ezithembekile—kokubili ezasendulo ngezikhathi zeBhayibheli nezanamuhla—ziye zabhekana nezinselele ezifanayo. Njengoba ziye zathola usizo kuJehova ukuze zibhekane nalezo zinselele, nawe ungaluthola usizo.

UJehova uyokusekela njengoba ubuyela kuye

QINISEKA ngokuthi uJehova uyokusekela njengoba ubuyela kuye. Uyokusiza ubhekane nokukhathazeka, uqede imizwa ebuhlungu futhi uthole ukuthula kwengqondo nenhliziyo ezolile okubangelwa ukuba nonembeza ohlanzekile. Ngemva kwalokho ungase ushukumiseleke ukuba uphinde ukhonze uJehova kanye nabanye abakhulekeli bakhe. Isimo sakho siyofana nesamanye amaKristu angekhulu lokuqala umphostoli uPetru awabhalela la mazwi: “Ngoba naninjengezimvu, niduka; kodwa manje senibuyele kumalusi nombonisi wemiphefumulo yenu.”1 Petru 2:25.

Ukubuyela kuJehova kuyinto engcono kakhulu ongayenza. Kungani? Uyokwenza inhliziyo kaJehova ijabule. (IzAga 27:11) Njengoba wazi, uJehova unemizwa ngakho izinto esizenzayo ziyamthinta. Kuyiqiniso ukuthi uJehova akasiphoqi ukuba simthande nokuba simkhonze. (Duteronomi 30:19, 20) Esinye isazi seBhayibheli sikubeka ngale ndlela: “Akekho ongavula inhliziyo yakho. Kumelwe uyivule ngokwakho.” Ngokukhulekela uJehova ngenhliziyo enothando, singakhetha ukuwuvula umnyango wenhliziyo yethu. Uma senza kanjalo, siyobe simupha isipho esiyigugu—ubuqotho bethu—futhi simenze ajabule kakhulu. Ngempela, ayikho into engaqhathaniswa nenjabulo esiyithola ngokukhonza uJehova ngendlela emfanele.IzEnzo 20:35; IsAmbulo 4:11.

Ngaphezu kwalokho, lapho uphinde ukhonza uNkulunkulu, isidingo sakho esingokomoya siyokwaneliseka. (Mathewu 5:3) Ngayiphi indlela? Abantu emhlabeni bayazibuza, ‘Kungani silapha?’ Bafuna ukuthola izimpendulo zemibuzo ephathelene nenjongo yokuphila. Abantu banaleso sidingo ngenxa yokuthi uJehova wabadala benaso. Wasidala sinesidingo sokuthola ukwaneliseka ekumkhonzeni. Akukho ukwaneliseka okudlula lokho okubangelwa ukwazi ukuthi sikhonza uJehova ngothando.IHubo 63:1-5.

Sicela wazi ukuthi uJehova ufuna ubuyele kuye. Ungaqiniseka kanjani ngalokho? Cabanga ngalokhu: Le ncwajana iye yabhalwa ngokucophelela ngosizo lwemithandazo ejulile. Kungenzeka ukuthi uyinikwe umdala ongumKristu noma omunye okholwa naye. Lapho usuyitholile uye washukumiseleka ukuba uyifunde futhi wenze lokho ekushoyo. Konke lokhu kuwubufakazi bokuthi uJehova akakukhohliwe. Kunalokho, ngesineke ukudonsela kuye.Johane 6:44.

Ukwazi ukuthi uJehova akazikhohlwa izinceku zakhe ezidukile kungasiduduza. Yilokho udade ogama lakhe linguDonna akuqaphela. Wathi: “Njengoba isikhathi siqhubeka ngayeka ukukhonza uNkulunkulu, kodwa ngangivame ukucabanga ngeHubo 139:23, 24 elithi: ‘O Nkulunkulu ngihlolisise, wazi inhliziyo yami. Ngihlole, wazi imicabango yami engincisha ukuthula, Ubone ukuthi ikhona yini indlela ebangela ubuhlungu kimi, Ungihole ngendlela yaphakade.’ Ngangazi ukuthi angiyona ingxenye yezwe—ngangizizwa ngilahlekile—futhi ngangazi ukuthi kwakufanele ngibe senhlanganweni kaJehova. Ngaqala ukubona ukuthi uJehova akakaze angilahle; kwakudingeka ngibuyele kuye. Manje ngijabula kakhulu ngokuthi ngabuyela kuye!”

“Ngaqala ukubona ukuthi uJehova akakaze angilahle; kwakudingeka ngibuyele kuye”

Sithandaza ngobuqotho ukuba nawe uphinde uyithole “injabulo kaJehova.” (Nehemiya 8:10) Ngeke uzisole ngokubuyela kuJehova.