Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXENYE 1

“Elahlekile Ngiyoyifuna”

“Elahlekile Ngiyoyifuna”

Imvu isambathekile. Ngandlela-thile, ngesikhathi idla utshani edlelweni, iye yahlukana nezinye izimvu. Manje, ayisawuboni umhlambi kanye nomalusi. Sekuqala ukuhwalala. Le mvu isengozini njengoba izithola iyodwa endaweni egcwele izilwane eziyingozi. Ekugcineni, izwa izwi elijwayele—elikamalusi, ogijima aye kuyo, ayiqukule, ayisonge ngengubo yakhe futhi ahambe nayo aye ekhaya.

NGOKUPHINDAPHINDIWE uJehova uzifanisa nomalusi onjalo. EZwini lakhe, uyasiqinisekisa: “Mina uqobo, ngiyozifuna izimvu zami ngizinakekele.”Hezekeli 34:11, 12.

‘Indlela Engiyozinakekela Ngayo Izimvu Zami’

Obani abayizimvu zikaJehova? Kalula nje, izimvu zikaJehova abantu abamthandayo nabamkhonzayo. IBhayibheli lithi: “Masikhulekele sikhothame; masiguqeni phambi kukaJehova uMenzi wethu. Ngoba unguNkulunkulu wethu, thina singabantu bedlelo lakhe nezimvu zesandla sakhe.” (IHubo 95:6, 7) Njengezimvu ezingokoqobo ezilandela umalusi, abakhulekeli bakaJehova bayakulangazelela ukulandela uMalusi wabo. Ingabe baphelele? Cha. Izinceku zikaNkulunkulu ngezinye izikhathi ziye zaba ‘izimvu ezihlakazekile,’ ‘izimvu ezilahlekile’ ‘nezimvu ezidukile.’ (Hezekeli 34:12; Mathewu 15:24; 1 Petru 2:25) Noma kunjalo, lapho umuntu eduka, uJehova akamlahli, uhlala enethemba lokuthi uzobuya.

Ingabe usenawo umuzwa wokuthi uJehova unguMalusi wakho? UJehova uzibonisa kanjani enguMalusi namuhla? Cabanga nganazi izindlela ezintathu:

Uyasondla ngokomoya. “Ngiyoziklabisa edlelweni elihle,” kusho uJehova. “Ziyolala phansi lapho endaweni yokuhlala enhle, futhi ziyoklaba edlelweni elivundile.” (Hezekeli 34:14) UJehova akakaze ahluleke ukusinika ukudla okungokomoya okuqabulayo okufika ngesikhathi esifanele. Sikhona yini isihloko ezincwadini zethu, inkulumo noma i-video oyikhumbulayo eyaphendula imithandazo yakho? Lokho akuzange yini kukuqinisekise ngokuthi uJehova uyakukhathalela?

Uyasivikela futhi asisekele. UJehova uyathembisa: “Edukile ngiyoyibuyisa, ephukile ngiyoyibopha futhi egulayo ngiyoyiqinisa.” (Hezekeli 34:16) UJehova uyabaqinisa labo ababuthakathaka noma abacindezelekile ngenxa yokukhathazeka. Uyazibopha izimvu zakhe, ezisiza ukuba zilulame uma ziye zalimala—mhlawumbe zilinyazwa amakholwa ezikanye nawo. Uyababuyisa labo abaye baduka nalabo okungenzeka balwa nemizwa yecala.

Usibheka njengempahla yakhe. “Ngiyozikhulula kuzo zonke izindawo ebezihlakazekele kuzo,” kusho uJehova. “Elahlekile ngiyoyifuna.” (Hezekeli 34:12, 16) UJehova uhlale enethemba lokuthi imvu elahlekile ingatholakala. Uyabona lapho kunemvu elahlekile, uyayifuna leyo mvu futhi ajabule lapho eyithola. (Mathewu 18:12-14) Abakhulekeli bakhe abaqotho ubabiza ngokuthi ‘izimvu zakhe, izimvu zedlelo lakhe.’ (Hezekeli 34:31) Nawe ungenye yalezo zimvu.

UJehova uhlale enethemba lokuthi imvu elahlekile ingabuye itholakale. Uyajabula lapho leyo mvu itholakala

“Silethele Izinsuku Ezintsha Njengakudala”

Kungani uJehova ekufuna futhi ekumema ukuba ubuyele kuye? Kungoba ufuna ujabule. Uthembisa izimvu zakhe ukuthi “kuyoba khona izimvula ezithululekayo zesibusiso.” (Hezekeli 34:26) Lokho uJehova uyokufeza ngempela. Kakade usuye wabubona ubufakazi balokho.

Khumbula okwenzeka kuwe ngesikhathi uqala ukwazi uJehova. Ngokwesibonelo, wazizwa kanjani lapho uqala ukufunda amaqiniso ajabulisayo ngegama likaNkulunkulu nangenjongo yakhe ngabantu? Usakhumbula ukuthi kwakuqabula kanjani ukuhlangana namanye amaKristu emihlanganweni emincane nemikhulu? Lapho uhlanganyela izindaba ezinhle nomuntu owabonisa isithakazelo esiqotho, awuzange yini ubuyele ekhaya ujabule futhi waneliseke ngempela?

Le njabulo ungaphinde uyithole. Izinceku zikaNkulunkulu zasendulo zathandaza: “O Jehova, sibuyisele kuwe, sizobuya ngokushesha. Silethele izinsuku ezintsha njengakudala.” (IsiLilo 5:21) UJehova wawuphendula lowo mthandazo futhi abantu bakhe babuyela kuye bamkhonza ngenjabulo evuselelwe. (Nehemiya 8:17) UJehova uyokwenza okufanayo nakuwe.

Nokho, zikhona izinto ezingenza kube nzima ukubuyela kuJehova. Ake ucabange ngezinye zalezo zinto kanye nendlela ongazinqoba ngayo.