Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isiphetho

Isiphetho

Ingabe uke ucabange ngezikhathi ezimnandi owawuzijabulela nabantu bakaJehova—imihlangano yebandla ekhuthazayo, umhlangano omkhulu ovusa amadlingozi, okuhlangenwe nakho okujabulisayo ensimini noma ingxoxo emnandi nomunye okholwa naye? Awukamkhohlwa uJehova futhi naye akakukhohliwe. Uyayikhumbula inkonzo yakho yokwethembeka. Uyakulangazelela ukukusiza ubuyele kuye.

UJehova uthi :“Mina uqobo, ngiyozifuna izimvu zami ngizinakekele. Indlela anakekela ngayo owondla umhlambi wakhe ngosuku lokuba kwakhe phakathi kwezimvu zakhe ebezihlakazekile, yileyo ndlela engiyozinakekela ngayo izimvu zami. Ngiyozikhulula kuzo zonke izindawo ebezihlakazekele kuzo.”Hezekeli 34:11, 12.