Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXENYE 2

Ukukhathazeka—“Sicindezelwe Ngazo Zonke Izindlela”

Ukukhathazeka—“Sicindezelwe Ngazo Zonke Izindlela”

“Ngemva kweminyaka engu-25 sishadile, mina nomyeni wami sadivosa. Izingane zami zalishiya iqiniso. Ngaba nezinkinga eziningi zempilo. Ngabe sengiphathwa isifo sokucindezeleka. Ngangizizwa ngichobozekile futhi ngikhathazwa yiyo yonke into. Ngayeka ukuya emihlanganweni yebandla futhi ngaphola.”—UJune.

WONKE umuntu uyakhathazeka—ngisho nabantu bakaNkulunkulu. Umhubi wabhala, ‘Imicabango yami engincisha ukuthula yaba miningi ngaphakathi kimi.’ (IHubo 94:19) UJesu wathi phakathi nesikhathi sokuphela, ‘izinkathazo zokuphila’ zingenza kube nzima nakakhulu ukukhonza uJehova. (Luka 21:34) Kuthiwani ngawe? Ingabe uzizwa ucindezelekile ngenxa yezinkinga zezimali, izinkinga zomndeni noma izinkinga zempilo? UJehova angakusiza kanjani ukuba ubhekane nalezi zinkinga?

“Amandla Angaphezu Kwavamile”

Ngeke sikwazi ukubhekana nokukhathazeka ngamandla ethu. Umphostoli uPawulu wabhala: “Sicindezelwe ngazo zonke izindlela.” “Sisambathekile . . . ; siphonswa phansi.” Nokho, waphinde wathi, “asiminyene kangangokuthi asikwazi nokunyakaza,” “asibona abangenayo nhlobo indlela yokuphuma,” futhi “asibhubhi.” Yini esisiza ukuba sikhuthazele? “Amandla angaphezu kwavamile”—amandla avela kuNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova.2 Korinte 4:7-9.

Ake ucabange ngendlela owawathola ngayo “amandla angaphezu kwavamile” esikhathini esidlule. Usayikhumbula yini indlela inkulumo ekhuthazayo eyakujulisa ngayo ukwazisa kwakho ngothando oluqotho lukaJehova? Ingabe ukholo lwakho ngezithembiso zikaJehova lwaqina lapho ufundisa abanye ngethemba lePharadesi? Lapho siya emihlanganweni yobuKristu futhi sihlanganyela ukholo lwethu nabanye, sithola amandla okukhuthazelela izinkathazo zokuphila futhi siba nokuthula kwengqondo ukuze sikhonze uJehova ngenjabulo.

“Nambithani Nibone Ukuthi UJehova Muhle”

Yiqiniso, ungase uzizwe uyiswa ngapha nangapha ngesikhathi esisodwa. Ngokwesibonelo, uJehova usicela ukuba sifune uMbuso kuqala futhi sibe nesimiso esihle sokwenza izinto ezingokomoya. (Mathewu 6:33; Luka 13:24) Nokho, kuthiwani uma ukuphikiswa, impilo ebuthaka noma izinkinga zomndeni kuye kwakuqeda amandla? Noma kuthiwani uma umsebenzi wokuziphilisa uthatha wonke amandla akho kanye nesikhathi obungasichitha ebandleni? Njengoba ubhekene nazo zonke lezi zinto—ungenaso isikhathi esanele namandla okuzenza—ungase uzizwe ucindezelekile. Mhlawumbe uke wacabanga nokuthi uJehova ulindele okungaphezu kwamandla akho.

UJehova uyaqonda. Akalokothi alindele okungaphezu kwalokho esingakwazi ukukwenza. Uyazi nokuthi sidinga isikhathi ukuze silulame ekuguleni nasekucindezelekeni.IHubo 103:13, 14.

Ngokwesibonelo, cabanga ngendlela uJehova anakekela ngayo umprofethi u-Eliya. Ngesikhathi u-Eliya edikibele futhi egcwele ukwesaba okwamenza wabalekela ehlane, ingabe uJehova wamthethisa lo mprofethi futhi wamyala ukuba abuyele esabelweni sakhe? Cha. UJehova wathumela ingelosi kabili ukuba ivuse u-Eliya ngomusa futhi imnike ukudla. Noma kunjalo, ngemva kwezinsuku ezingu-40, u-Eliya wayesakhathazekile futhi esaba. Yini enye uJehova ayenza ukuze amsize? Okokuqala, uJehova wambonisa ukuthi wayengamvikela. Okwesibili, uJehova wamduduza u-Eliya ‘ngezwi eliphansi elizolile.’ Ekugcineni, uJehova waveza ukuthi kwakunezinye izinkulungwane zabantu ezazikhulekela uNkulunkulu ngokwethembeka. Ngokushesha, u-Eliya waphinde waba umprofethi oshisekayo. (1 AmaKhosi 19:1-19) Yini esiyifundayo? Ngesikhathi u-Eliya ekhathazekile, uJehova wamphatha ngesineke nangozwela. UJehova akakashintshi. Nathi usikhathalela ngendlela efanayo.

Kumelwe ubhekane namaqiniso lapho ucabanga ngalokho ongakwenzela uJehova. Ungaqhathanisi lokho onamandla okukwenza manje nalokho owawukwazi ukukwenza esikhathini esidlule. Ake sifanekise: Umgijimi osekuphele izinyanga noma iminyaka engazilolongi ngeke avele abuyele esimisweni sakhe sangaphambili ngaso leso sikhathi. Kunalokho, uqala ngokuzibekela imigomo emincane ezomvuselela futhi imenze abe namandla. AmaKristu afana nabagijimi. Aziqeqesha enomgomo ocacile afuna ukuwufinyelela. (1 Korinte 9:24-27) Kungani ungaphishekeli umgomo ongokomoya ongakwazi ukuwufinyelela njengamanje? Ngokwesibonelo, ungazibekela umgomo wokuya emhlanganweni webandla. Cela uJehova akusize ukuba uwufinyelele umgomo wakho. Njengoba uvuseleleka ngokomoya, ‘uyonambitha ubone ukuthi uJehova muhle.’ (IHubo 34:8) Khumbula ukuthi noma yini oyenzayo ukuze ubonise uthando lwakho ngoJehova—kungakhathaliseki ukuthi ibonakala incane kangakanani—iyigugu kuye.Luka 21:1-4.

UJehova akalokothi alindele okungaphezu kwalokho esingakwazi ukukwenza

“Isikhuthazo Engangisidinga”

UJehova wamkhuthaza kanjani uJune ukuba abuyele kuye? UJune uyasitshela: “Ngangilokhu ngithandaza kuJehova ngicela ukuba angisize. Umalokazana wami wangitshela ngomhlangano owawuzoba sedolobheni lakithi. Nganquma ukuya usuku olulodwa. Yeka injabulo engaba nayo ngokuphinde ngihlangane nabantu bakaJehova! Lowo mhlangano waba yisikhuthazo engangisidinga. Manje ngikhonza uJehova ngenjabulo. Ukuphila kwami kunenjongo. Sengiyazi manje ukuthi ngiyabadinga abafowethu nodadewethu. Angive ngijabula ngokuthi ngabuyela kuJehova kungakephuzi kakhulu.”