Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXENYE 4

Umuzwa Wecala—“Ngihlanze Ngisho Nasesonweni Sami”

Umuzwa Wecala—“Ngihlanze Ngisho Nasesonweni Sami”

“Umsebenzi wami omusha wathuthukisa izinga lokuphila komndeni wami, kodwa ngesikhathi esifanayo wabangela ukuba ngenze izinto eziningi ezingalungile. Ngaqala ukugubha amaholide, ngahlanganyela emibuthanweni yezombusazwe futhi ngaya nasesontweni. Kwaphela iminyaka engu-40 nginguFakazi kaJehova opholile. Njengoba iminyaka ihamba, ngangicabanga ukuthi uJehova akasoze angithethelela. Kwakunzima ukuba nami ngizithethelele. Iqiniso liwukuthi ngangazi kahle ukuthi engangikwenza kwakungalungile.”—UMartha.

UMUZWA wecala ungaba umthwalo osindayo. INkosi uDavide yabhala: “Ngoba iziphambeko zami zeqé ikhanda lami. Njengomthwalo osindayo ziyangesinda kakhulu.” (IHubo 38:4) Amanye amaKristu aye agwinywa ukudabuka ngokweqile aze akholelwa ukuthi uJehova akasoze awathethelela. (2 Korinte 2:7) Ingabe kuyafaneleka ukuphetha ngaleyo ndlela? Ngisho noma uye wenza izono ezimbi kakhulu, ingabe usuqhele kakhulu kuJehova kangangokuba akasoze akuthethelela? Cha akunjalo!

“Masilungise Izindaba Phakathi Kwethu”

UJehova akazilahli izoni eziphendukayo. Eqinisweni uzama ukuzisondeza kuye! Emfanekisweni wendodana yolahleko, uJesu wafanisa uJehova nobaba onothando onendodana eyashiya umndeni wakubo yaphishekela ukuphila okuhlazisayo. Ngokuhamba kwesikhathi, indodana yanquma ukubuyela ekhaya. “Lapho [indodana] isekude, uyise wayibona waba nesihawu, wagijima wawela entanyeni yayo wayanga ngothando.” (Luka 15:11-20) Ingabe uyafisa ukusondela kuJehova kodwa unomuzwa wokuthi ‘ukude’ kakhulu kuwe? Njengobaba osemfanekisweni kaJesu, uJehova ukuthanda kakhulu. Uyakulangazelela ukukwamukela uma ubuyela kuye.

Nokho kuthiwani uma ukholelwa ukuthi uJehova ngeke azithethelele izono zakho ngoba zimbi kakhulu noma ziningi kakhulu? Sicela ucabange ngalesi simemo sikaJehova esilotshwe ku-Isaya 1:18: “Wozani, manje, masilungise izindaba phakathi kwethu,’ kusho uJehova. ‘Nakuba izono zenu kungenzeka ukuthi zibomvu klebhu, zizokwenziwa zibe mhlophe njengeqhwa.’” Yebo, uJehova angathethelela ngisho nezono ezibonakala zinjengodayi obomvu ngokunsomi ongasuki engutsheni emhlophe.

UJehova akafuni ukuba ucindezelwe unembeza onecala. Pho-ke, ungayithola kanjani impumuzo etholakala ngokuthethelelwa uNkulunkulu nokuba nonembeza ohlanzekile? Cabanga ngezinto ezimbili ezenziwa iNkosi uDavide. Okokuqala, uDavide wathi: “Ngizosivuma iseqo sami kuJehova.” (IHubo 32:5) Khumbula, uJehova usekumemile kakade ukuba usondele kuye ngomthandazo futhi ‘ulungise izindaba’ naye. Yamukela leso simemo. Vuma izono zakho kuJehova futhi umchazele indlela ozizwa ngayo. Ngemva kokubhekana naleso simo esinzima uDavide wathandaza wathi: “Ngigezisise esiphambekweni sami. . . . O Nkulunkulu, inhliziyo ephukile nechobozekile ngeke uyidelele.”IHubo 51:2, 17.

Okwesibili, uDavide wathola usizo kumuntu owayemelela uNkulunkulu, umprofethi uNathani. (2 Samuweli 12:13) Namuhla, emabandleni uJehova ulungiselele abadala abaye baqeqeshwa ukuze basize izoni eziphendukayo ziphinde zibe nobuhlobo obuhle noJehova. Lapho uya kubadala, bayosebenzisa imiBhalo futhi bathandaze ngokusuka enhliziyweni ukuze bakusize, badambise noma baqede imizwa yecala onayo ukuze uqine ngokomoya.Jakobe 5:14-16.

UJehova ufuna ube nonembeza ohlanzekile

“Uyajabula Umuntu Osono Sakhe Simboziwe”

Kuyavunywa ukuthi ungase ube nomuzwa wokuthi ukuvuma izono zakho kuJehova uNkulunkulu nokuya kubadala kungaba ngenye yezinto okunzima kakhulu ukuzenza. UDavide naye wayezizwa ngendlela efanayo. ‘Wathula’ isikhathi esithile, engazivumi izono zakhe. (IHubo 32:3) Nokho, ngemva kwalokho wazuza ngokuvuma izono zakhe nangokulungisa inkambo yakhe.

Inzuzo enkulu ayithola kwaba ukuphinde ajabule ekuphileni. Wabhala: “Uyajabula umuntu okuvukela kwakhe kuxolelwe, osono sakhe simboziwe.” (IHubo 32:1) Waphinde wathandaza: “O Jehova, kwangathi ungazivula lezi zindebe zami, Ukuze umlomo wami wazise ngodumo lwakho.” (IHubo 51:15) Engasenawo umuzwa wecala futhi ekwazisa ukuthethelelwa uNkulunkulu, uDavide washukumiseleka ukuba atshele abanye ngoJehova.

UJehova ufuna ukuba ube nonembeza ohlanzekile. Ufuna nokuba utshele abanye ngaye nangezinjongo zakhe, lokho ukwenze ngobuqotho nangenjabulo ejulile ungenawo umuzwa wecala. (IHubo 65:1-4) Khumbula isimemo sakhe esithi: “Kusulwe izono zenu, ukuze izinkathi zokuqabuleka zifike zivela ebusweni bukaJehova.”IzEnzo 3:19.

Yilokho okwenzeka kuMartha. Uyalandisa: “Indodana yami yayilokhu ingithumelela omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Kancane kancane ngaphinde ngasondela kuJehova. Okwakunzima kakhulu kwakuwukucela intethelelo ngazo zonke izono engangizenzile. Kodwa ekugcineni, ngathandaza kuNkulunkulu ngamcela ukuba angithethelele. Kunzima ukukholelwa ukuthi kwaphela iminyaka engu-40 ngaphambi kokuba ngibuyele kuJehova. Ukuphila kwami kuwubufakazi bokuthi ngisho nangemva kweminyaka eminingi, umuntu angakwazi ukuphinde akhonze uNkulunkulu futhi aphinde athandeke kuye.”