Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 13

Abantu Ababa Abafundi BakaJesu

Abantu Ababa Abafundi BakaJesu

Ingubani le ndoda, futhi iba kanjani umfundi kaJesu?

UBANI oyinceku kaNkulunkulu elunge kunazo zonke ezake zaphila?— Uqinisile, uJesu Kristu. Ucabanga ukuthi singafana naye?— IBhayibheli lithi wasibekela isibonelo sokuba sisilandele. Futhi usimema ukuba sibe abafundi bakhe.

Uyazi yini ukuthi kusho ukuthini ukuba umfundi kaJesu?— Kusho izinto eziningi. Okokuqala, kumelwe sifunde kuye. Kodwa akupheleli lapho. Kumelwe futhi sikukholwe ngempela akushoyo. Uma sikukholwa, siyokwenza lokho asitshela kona.

Abantu abaningi bathi bayakholelwa kuJesu. Ucabanga ukuthi bonke bangabafundi bakhe ngempela?— Cha, iningi labo alibona. Kungenzeka ukuthi liyaya esontweni. Kodwa abaningi abakaze bazinike isikhathi sokufunda izinto ezafundiswa nguJesu. Ngakho, empeleni yilabo abalandela isibonelo sikaJesu kuphela abangabafundi bakhe.

Ake sixoxe ngabanye balabo ababengabafundi bakaJesu ngesikhathi engumuntu emhlabeni. Phakathi kwabokuqala ababa abafundi kunoFiliphu. UFiliphu uya kobiza umngane wakhe uNathanayeli (obizwa nangokuthi uBartolomewu), ombona lapha ehlezi phansi kwesihlahla. Lapho uNathanayeli efika kuJesu, uJesu uthi: ‘Bheka, nansi indoda ethembekile, umIsrayeli wangempela.’ UNathanayeli uyamangala abese ebuza: ‘Ungazelaphi?’

Obani laba uJesu ababizayo ukuba babe abafundi bakhe?

“Mina ngikubone ngaphambi kokuba uFiliphu akubize, ngesikhathi uphansi komkhiwane,” kusho uJesu. UNathanayeli uyamangala ukuthi uJesu uyazi ukuthi ubekuphi, abese ethi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu, uyiNkosi yakwa-Israyeli.”—Johane 1:49.

UJuda (owayebizwa nangokuthi uThadewu), USimon

Kukhona ababe ngabafundi bakaJesu ngayizolo ngaphambi kukaFiliphu noNathanayeli. U-Andreya nomfowabo uPetru kanye noJohane mhlawumbe nomfowabo kaJohane, uJakobe. (Johane 1:35-51) Kodwa ngemva kwesikhathi, laba abane babuyela ebhizinisini labo lokudoba. Ngelinye ilanga uJesu ehamba eceleni koLwandle LwaseGalile, usebona uPetru no-Andreya befaka inetha lokudoba olwandle. UJesu uyababiza: “Ngilandeleni.”

UJakobe (indodana ka-Alfewu), uTomase, uMathewu

Lapho esethé ukuhambahamba, uJesu ubona uJakobe noJohane. Basesikebheni kanye nobaba wabo, balungisa amanetha abo okudoba. UJesu uthi nabo abamlandele. Wawuyokwenzenjani ukube uJesu wayebize wena? Wawuyovele uhambe naye ngaso leso sikhathi?— Laba bantu bayazi ukuthi uJesu ungubani. Bayazi ukuthi uthunywe uNkulunkulu. Ngakho bavele balishiye phansi ibhizinisi labo lokudoba balandele uJesu.—Mathewu 4:18-22.

UNathanayeli, UFiliphu, UJohane

Ngemva kokuba laba bantu sebebe ngabalandeli bakaJesu, ingabe lokho kwakusho ukuthi babenza okulungile ngaso sonke isikhathi?— Cha. Uzokhumbula ukuthi baze baphikisana nangokuthi ubani omkhulu kunabo bonke phakathi kwabo. Kodwa bamlalela uJesu futhi babezimisele ukushintsha. Uma nathi sizimisele ukushintsha, singaba abafundi bakaJesu.

UJakobe (umfowabo kaJohane), U-Andreya, noPetru

UJesu wamema zonke izinhlobo zabantu ukuba zibe abafundi bakhe. Kwake kwafika umbusi osemusha owayecebile kuJesu, wabuza ukuthi angakuthola kanjani ukuphila okuphakade. Lapho lo mbusi ocebile ethi ubelokhu elalela imiyalo kaNkulunkulu kusukela eseyingane, uJesu wammema: ‘Woza ube ngumlandeli wami.’ Uyazi ukuthi kwenzekani?—

Lapho le ndoda izwa ukuthi ukuba umfundi kaJesu kwakufanele ikubheke njengokubalulekile kunokuceba, yadumala. Ayizange ibe umfundi kaJesu ngoba yayithanda imali yayo ngaphezu kukaNkulunkulu.—Luka 18:18-25.

Ngemva kwesikhathi esingaba unyaka nohhafu uJesu eshumayela, wakhetha abafundi abangu-12 ukuba babe abaphostoli. Abaphostoli yilabo bantu abathuma ukuba bayokwenza umsebenzi okhethekile. Uyawazi amagama abo?— Asizame ukuwafunda. Bheka izithombe zabo lapha bese ubiza amagama abo. Ngemva kwalokho, zama ukuwasho ungawaboni.

Obani laba besifazane ababesiza uJesu ngesikhathi ehamba eshumayela?

Ngemva kwesikhathi omunye wabaphostoli abangu-12 waba mubi. KwakunguJuda Iskariyothe. Ngemva kwalokho, kwakhethwa omunye umfundi waba umphostoli. Uyalazi igama lakhe?— KwakunguMathiya. Kamuva uPawulu noBarnaba nabo baba abaphostoli, kodwa babengekho kuleli qembu labangu-12.—IzEnzo 1:23-26; 14:14.

Njengoba safunda eSahlukweni 1 sale ncwadi, uJesu wayezithanda izingane. Wayezithandelani?— Ngoba wayazi ukuthi nazo zingaba abafundi bakhe. Eqinisweni, izingane zingasho izinto ngendlela engenza ngisho nabantu abadala balalele futhi bafune ukufunda okuningi ngoMfundisi Omkhulu.

Kukhona nabesifazane abaningi ababa abafundi bakaJesu. Abanye babehamba naye uma eya kwamanye amadolobha eyoshumayela. UMariya Magdalena, uJowana noSusana bahamba naye. Kungenzeka nokuthi bamsiza bamenzela ukudla bamwashela nezingubo.—Luka 8:1-3.

Uyafuna wena ukuba umfundi kaJesu?— Khumbula, ukusho ngomlomo nje sithi singabafundi bakhe akusenzi sibe yibo. Kumelwe senze izinto njengabafundi bakhe noma ngabe sikuphi, hhayi nje lapho sisesifundweni kuphela. Kukuziphi ezinye izindawo okubalulekile ukuba senze njengabafundi bakaJesu uma sikuzo?—

Yebo, yisekhaya. Kodwa enye indawo yisesikoleni. Into okumelwe mina nawe singayikhohlwa ukuthi ukuze sibe abafundi bakaJesu beqiniso, kumelwe senze njengaye usuku lonke, zinsuku zonke, noma ngabe sikuphi.

Kukuphi lapho kubaluleke khona ukuba senze njengabafundi bakaJesu?

Manje fundani ndawonye lokho okushiwo iBhayibheli ngabafundi bakaJesu, kuMathewu 28:19, 20; Luka 6:13-16; Johane 8:31, 32; nakweyoku-1 Petru 2:21.