Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 40

Indlela Yokwenza UNkulunkulu Ajabule

Indlela Yokwenza UNkulunkulu Ajabule

YINI esingayenza ukuze senze uNkulunkulu ajabule? Ikhona yini into esingamnika yona?— UJehova uthi: “Zingezami zonke izilwane zehlathi.” Uthi futhi: “Ngelami isiliva, ngelami igolide.” (IHubo 24:1; 50:10; Hagayi 2:8) Noma kunjalo, ikhona into esingayinika uNkulunkulu. Iyini leyo nto?—

UJehova uyasivumela ukuba sikhethe ukuthi sizomkhonza yini noma cha. Akasiphoqi ukuba senze into yena afuna siyenze. Ake sizame ukubona ukuthi kungani uNkulunkulu asenza sakwazi ukukhetha ukuthi sizomkhonza yini noma cha.

Cishe uyalazi irobhothi. Liwumshini okwazi ukwenza noma yini umuntu owenzile afuna uyenze. Ngakho irobhothi alikwazi ukuzikhethela. UJehova wayengasenza sonke sifane namarobhothi. Wayengasenza sikwazi ukwenza izinto afuna sizenze kuphela. Kodwa uNkulunkulu akenzanga kanjalo. Uyasazi isizathu salokho?— Uyazi ukuthini, amanye amathoyizi afana namarobhothi. Uma uciphiza inkinobho, avele enze lokho umuntu owawakha ayefuna akwenze. Wake walibona ithoyizi elinjalo?— Abantu bagcina sebekhathele ukudlala ngethoyizi elenza into elakhelwe ukuyenza kuphela. UNkulunkulu akafuni simlalele ngoba singamarobhothi enzelwe ukumkhonza. UJehova ufuna simkhonze ngoba simthanda futhi sifuna ukumlalela.

Kungani uNkulunkulu engasenzanga safana naleli robhothi?

Ucabanga ukuthi uBaba wethu wasezulwini uzizwa kanjani uma simlalela ngoba sifuna ukumlalela?— Ake usho, indlela oziphatha ngayo ibenza bazizwe kanjani abazali bakho?— IBhayibheli lithi indodana ehlakaniphile ‘yenza ubaba wayo ajabule’ kodwa lithi indodana eyisilima ‘iwusizi lukamama wayo.’ (IzAga 10:1) Uke ubone yini ukuthi umama wakho nobaba wakho bayajabula lapho wenza into abathi yenze?— Kodwa bazizwa kanjani uma ungabalaleli?—

Ungamenza kanjani uJehova nabazali bakho bajabule?

Manje ake sicabange ngoBaba wethu wasezulwini, uJehova. Uyasitshela ukuthi singamenza kanjani ajabule. Ngicela uthathe iBhayibheli lakho uvule izAga 27:11. Kulo mBhalo uNkulunkulu ukhuluma nathi, uthi: “Hlakanipha, ndodana yami [noma, singase sithi, ndodakazi yami], wenze inhliziyo yami ijabule, ukuze ngimphendule ongiklolodelayo.” Uyazi ukuthi kusho ukuthini ukuklolodela umuntu?— Umuntu angase akuklolodele ngokukuhleka athi awukwazi ukwenza into othe ungayenza. USathane umklolodela kanjani uJehova?— Ake sizwe.

Khumbula, eSahlukweni 8 sale ncwadi safunda ukuthi uSathane ufuna ukuba uBhongoza nokuthi ufuna bonke abantu balalele yena. USathane uthi abantu bakhulekela uJehova ngoba nje uJehova ezobanika ukuphila okuphakade. Ngemva kokuba uSathane enze u-Adamu no-Eva bangamlalela uJehova, uSathane wachukuluza uNkulunkulu. Wathi kuNkulunkulu: ‘Abantu bakukhonza ngoba nje kukhona abakutholayo kuwe. Uma unganginika ithuba, ngingenza bonke abantu bakushiye.’

Ngemva kokuba u-Adamu no-Eva bonile, uSathane wamchukuluza kanjani uJehova?

Kuyiqiniso ukuthi eBhayibhelini awekho amazwi afana nse nalawa. Kodwa lapho sifunda ngoJobe, kuba sobala ukuthi uSathane washo into ethi ayifane naleyo kuNkulunkulu. Kwakubalulekile ngempela kuSathane nakuJehova ukuthi uJobe wayethembekile yini kuNkulunkulu noma cha. Masivule amaBhayibheli ethu kuJobe isahluko 1 no-2 sibone ukuthi kwenzekani.

Phawula ukuthi kuJobe isahluko 1 uSathane usezulwini ngesikhathi izingelosi ziza kuJehova. UJehova ubuza uSathane athi: “Uvelaphi?” USathane uyaphendula athi ubezulazula emhlabeni. UJehova usebuza uSathane: ‘Ubonile yini ukuthi uJobe uyangikhonza futhi akenzi lutho olubi?’—Jobe 1:6-8.

Ngaso leso sikhathi uSathane usho izizathu ezenza uJobe akhonze uNkulunkulu. ‘UJobe ukukhonza ngoba engenazo izinkinga. Uma uyeka ukumvikela nokumbusisa, uyokuthuka.’ Ngakho uJehova uyaphendula: ‘Kulungile-ke, Sathane, yenza noma yini oyithandayo kuye kodwa ungamlimazi yena.’—Jobe 1:9-12.

Wenzani uSathane manje?— Wenza ukuba abantu bantshontshe izinkomo nezimbongolo zikaJobe futhi babulale abelusi bazo. Ngemva kwalokho umbani ushaya izimvu nabelusi bazo. Kamuva kufika abantu bantshontshe amakamela babulale nabelusi bawo. Ekugcineni, uSathane wenza ukuba isivunguvungu sidilize indlu okuhlezi kuyo izingane zikaJobe eziyishumi, zife zonke. Naphezu kwakho konke lokhu, uJobe usaqhubeka ekhonza uJehova.—Jobe 1:13-22.

Lapho uJehova ephinde ebona uSathane, uJehova umtshela ukuthi uJobe usalokhu ethembekile. USathane ukuchilizela eceleni lokho, abese ethi: ‘Uma nje ungivumela ngimlimaze emzimbeni, uyokuthuka.’ UJehova ube esevumela uSathane alimaze uJobe kodwa uyamxwayisa ukuba angambulali.

Yiziphi izinto ezehlela uJobe kodwa wazibekezelela, futhi kungani lokhu kwenza uNkulunkulu wajabula?

USathane wenza ukuba kuqubuke izilonda emzimbeni kaJobe. Lezi zilonda zinuka kabi kangangokuthi akekho ofuna ukusondela eduze kwakhe. Ngisho nomkakhe uze athi: “Mthuke uNkulunkulu ufe!” Kufika abantu abazenza abangane bakaJobe bezomvakashela bese bemenza agule nakakhulu uma bethi unezinkinga ezingaka nje yingoba wenze izinto ezimbi. Kodwa naphezu kwazo zonke izinkinga nobuhlungu uSathane abubangela uJobe, uJobe uyaqhubeka ekhonza uJehova ngokwethembeka.—Jobe 2:1-13; 7:5; 19:13-20.

Ucabanga ukuthi ukwethembeka kukaJobe kwamenza wazizwa kanjani uJehova?— Kwamenza wajabula ngoba uJehova wakwazi ukutshela uSathane athi: ‘Buka uJobe! Ungikhonza ngoba efuna ukungikhonza.’ Uyofana yini nawe noJobe, uJehova akwazi ukukukhomba athi uyisibonelo esifakazela ukuthi uSathane unamanga?— Ngempela, kuyilungelo ukuphikisa into eyashiwo uSathane ukuthi angayekisa bonke abantu ukukhonza uJehova. UJesu wayekubheka njengelungelo ngempela.

UMfundisi Omkhulu akazange amvumele uSathane ukuba amenzise into embi. Cabanga nje ukuthi isibonelo sakhe samenza wajabula kanjani uBaba wakhe! UJehova wayengakhomba uJesu abese ephendula athi kuSathane: ‘Buka iNdodana yami! Iye yathembeka kukho konke ngoba iyangithanda!’ Cabanga futhi nokuthi uJesu ujabula kanjani ngokwenza inhliziyo kaBaba wakhe ithokoze. Ngenxa yaleyo ntokozo, uJesu waze waqinisela ngesikhathi efa esigxotsheni sokuhlushwa.—Hebheru 12:2.

Uyafuna ukufana noMfundisi wethu Omkhulu wenze uJehova ajabule?— Uma ufuna, qhubeka ufunda ngezinto uJehova afuna uzenze bese umenza ajabule ngokuzenza!

Funda ngezinto uJesu azenza ukuze enze uNkulunkulu ajabule nangezinto okufanele nathi sizenze, encwadini yezAga 23:22-25; Johane 5:30; 6:38; 8:28; neyesi-2 Johane 4.