Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 17

Into Engakwenza Ujabule

Into Engakwenza Ujabule

Kungani uJehova ‘enguNkulunkulu ojabulayo’?

SONKE siyakuthanda ukujabula, angithi?— Kodwa ababaningi abantu abajabula ngempela. Uyazi ukuthi kungani?— Kungoba abayazi imfihlo yenjabulo. Bacabanga ukuthi ukuba nezinto eziningi yiko okungabenza bajabule. Kodwa uma sebenazo lezi zinto, abajabuli isikhathi eside.

Nansi imfihlo ebalulekile. UMfundisi Omkhulu wathi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Yini-ke engakwenza ujabule?— Ukupha abanye izinto nokubenzela izinto. Ubukwazi lokho?—

Ake siphinde sicabange ngalokhu. Ingabe uJesu wathi umuntu ophiwa isipho ngeke ajabule?— Cha, akashongo kanjalo. Awuthandi yini wena ukuphiwa izipho?— Bonke abantu bayathanda. Siyajabula uma siphiwa izinto ezinhle.

Kodwa uJesu wathi sijabula nakakhulu uma sipha. Ucabanga ukuthi ubani-ke ophe abantu izinto eziningi ukwedlula abanye?— Yebo, uJehova uNkulunkulu.

IBhayibheli lithi uNkulunkulu “unika bonke abantu ukuphila nomoya nazo zonke izinto.” Usinika izimvula ezivela ezulwini nokukhanya kwelanga ukuze izitshalo zikhule futhi sithole ukudla. (IzEnzo 14:17; 17:25) Yingakho iBhayibheli libiza uJehova ngokuthi ‘uNkulunkulu ojabulayo’! (1 Thimothewu 1:11) Ukupha abanye kungenye yezinto ezijabulisa uNkulunkulu. Futhi uma nathi sipha, siyojabula.

Yini-ke esingayipha abanye abantu? Ungathini?— Ngezinye izikhathi isipho sidinga imali. Uma kuyisipho esithengwa esitolo, kuyodingeka usikhokhele. Ngakho uma ufuna ukupha umuntu isipho esinjalo, kuyodingeka ubeke imali ize yanele ukuthenga leso sipho.

Yini engakwenza ujabule ngaphezu kokuwadla wedwa wonke amakhekhe akho?

Kodwa akuzona zonke izipho okudingeka zithengwe esitolo. Ngokwesibonelo, uma kushisa, ingilazi yamanzi abandayo iyakuqeda ukoma. Ngakho uma uyinika umuntu owomile, ungathola injabulo ngokuthi uphile.

Mhlawumbe ngelinye ilanga wena nomama wakho ningabhaka amakhekhe. Kuyoba kuhle lokho. Kodwa yini ongayenza ngamanye alawo makhekhe eyokujabulisa ngisho nakakhulu kunokuba uwadle wedwa wonke?— Amanye ungawapha omunye wabangane bakho. Ungathanda ukukwenza lokho?—

UMfundisi Omkhulu nabaphostoli bakhe babazi ukuthi ukupha kuletha injabulo. Uyazi ukuthi babaphani abanye abantu?— Babapha into enhle kunazo zonke emhlabeni! Babelazi iqiniso ngoNkulunkulu, futhi bakujabulela ukuzixoxela abanye lezi zindaba ezinhle. Abazange babakhokhise abantu imali ngalokho ababebapha kona.

Ngelinye ilanga umphostoli uPawulu nomngane wakhe omkhulu umfundi uLuka bahlangana nowesifazane naye owayefuna ukuthola injabulo yokupha. Bahlangana naye ngasemfuleni. UPawulu noLuka baya kuleyo ndawo ngoba babezwe kuthiwa yindawo yomthandazo. Nangempela lapho befika bathola abesifazane abathile bethandaza.

UPawulu waqala ukuxoxela laba besifazane izindaba ezinhle ngoJehova uNkulunkulu nangoMbuso wakhe. Omunye wabo kwakuthiwa uLidiya, futhi walalelisisa. Kamuva, uLidiya wafuna ukwenza into ebonisa ukuthi uyazithanda ngempela izindaba ezinhle azizwile. Ngakho wancenga uPawulu noLuka: “Uma nina madoda niye nangahlulela njengothembekile kuJehova, ngenani endlini yami nihlale.” Wabacindezela ukuba baye kwakhe.—IzEnzo 16:13-15.

Uthini uLidiya kuPawulu noLuka?

ULidiya wajabula ngokwamukela lezi zinceku zikaNkulunkulu emzini wakhe. Wayezithanda ngoba zamsiza wafunda ngoJehova noJesu nangokuthi abantu bangaphila kanjani phakade. Kwamjabulisa ukupha uPawulu noLuka ukudla nendawo yokuphumula. Ngakho, ukupha kukaLidiya kwamjabulisa ngoba wayefuna ngempela ukupha. Kufanele sikukhumbule lokho. Umuntu angase athi kufanele nakanjani siphe omunye isipho. Kodwa uma singafuni ukumupha, ngeke sijabule uma sesimphile.

Kungani uLidiya ekujabulela ukupha uPawulu noLuka ukudla?

Ngokwesibonelo, ake sithi unamaswidi ofuna ukuwadla. Ungajabula yini uma ngithi kuwe amanye kufanele uwaphe enye ingane?— Kodwa ubungenzenjani uma ubungahlangana nomngane wakho omthanda kakhulu uphethe amaswidi? Ubungeke yini ujabule uma kuzisukela kuwe ukupha lowo mngane wakho amanye amaswidi?—

Ngezinye izikhathi kuba nomuntu esimthanda kangangokuthi sifuna ukumupha yonke into thina singasali nalutho. Uma uthando lwethu ngoNkulunkulu lukhula, kufanele sifune ukwenza kanjalo kuYe.

Kungani lona wesifazane ohluphekayo akujabulela ukunikela ngakho konke ayenakho?

UMfundisi Omkhulu wayazi owesifazane othile owayehlupheka owenza kanjalo. Wambona ethempelini eJerusalema. Wayephethe izinhlamvu zemali ezincane ezimbili kuphela; wayengenalutho olunye. Kodwa wazifaka zombili ebhokisini zaba umnikelo, noma isipho, sasethempelini. Akekho umuntu owathi akazifake. Abantu abaningi ababelapho babengakwazi nakukwazi akwenzile. Wakwenza ngoba wayethanda futhi emthanda ngempela uJehova. Ukupha kwamjabulisa.—Luka 21:1-4.

Ziningi izindlela esingapha ngazo. Zikhona ongazicabanga?— Siyojabula uma sipha ngoba sithanda. Yingakho uMfundisi Omkhulu ethi: “Kwenzeni umkhuba ukupha.” (Luka 6:38) Uma senza kanjalo, siyokwenza abanye abantu bajabule. Kodwa yithina esiyojabula kunabo bonke!

Masiphinde sifunde ukuthi ukupha kuyiletha kanjani injabulo kuMathewu 6:1-4; Luka 14:12-14; neyesi-2 Korinte 9:7.