Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 15

Isifundo Sokuba Nomusa

Isifundo Sokuba Nomusa

UYAZI ukuthi kusho ukuthini ukubandlulula?— Ukubandlulula kusho ukungamthandi umuntu ngoba nje engafani nawe noma ekhuluma olunye ulimi. Ngakho ukubandlulula kusho ukungamthandi umuntu othile, noma ukucabanga into ethile ngaye ube ungakamazi.

Ucabanga ukuthi kulungile yini ukungamthandi umuntu ube ungakamazi ukuthi ungumuntu onjani noma ngoba nje engafani nawe?— Cha, ukubandlulula kubi futhi akubonisi umusa. Akufanele simphathe kabi umuntu ngoba nje engafani nathi.

Ake ucabange ngalokhu. Ukhona umuntu omaziyo onebala lesikhumba elingafani nelakho noma okhuluma olunye ulimi?— Mhlawumbe wazi ngisho nabantu ababukeka behlukile ngoba belimele noma benesifo esithile. Uyababonisa yini umusa nothando abantu abangafani nawe?—

Kufanele sibaphathe kanjani abantu abangafani nathi?

Uma silalela uMfundisi Omkhulu, uJesu Kristu, siyoba nomusa kubo bonke abantu. Kufanele singabi nandaba nokuthi umuntu owakuliphi izwe noma ukuthi linjani ibala lesikhumba sakhe. Kufanele sibe nomusa kuye. Nakuba abanye abantu bengakukholwa lokhu, kuyisifundo esafundiswa uJesu. Ake sixoxe ngakho.

UmJuda owayebabandlulula abanye waya kuJesu wambuza lo mbuzo, ‘Yini okumelwe ngiyenze ukuze ngiphile phakade?’ UJesu wayazi ukuthi mhlawumbe lo muntu ufuna athi kufanele sibe nomusa kubantu bohlanga lwethu noma besizwe sakithi kuphela. Ngakho, esikhundleni sokuwuphendula yena lo mbuzo, uJesu wabuza yena lo muntu: ‘UMthetho kaNkulunkulu uthi kumelwe senzeni?’

Lo muntu waphendula: ‘Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, futhi uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’ UJesu wathi: ‘Uphendule kahle. Qhubeka wenza lokhu futhi uyothola ukuphila okuphakade.’

Kodwa lo muntu wayengafuni ukuba nomusa noma ukuthanda abantu ababehlukile kuye. Ngakho wafuna izaba. Wabuza uJesu: “Ubani ngempela umakhelwane wami?” Kungenzeka ukuthi wayefuna uJesu athi: “Omakhelwane bakho abangane bakho,” noma “Abantu abafana nawe.” Ukuze aphendule umbuzo wakhe, uJesu waxoxa indaba yomJuda nomSamariya. Lalela-ke.

Umuntu othile wayehla ngomgwaqo esuka edolobheni laseJerusalema eya eJeriko. Lo muntu wayengumJuda. Lapho esahamba, wabanjwa izigebengu. Zamshaya zamlahla phansi zathatha imali yakhe nezingubo zakhe. Izigebengu zamshaya zamshiya zithi ufile eceleni komgwaqo.

Kungakapheli sikhathi, kwaqhamuka umpristi. Wambona lo muntu owayelimele kabi. Wawuyokwenzenjani wena?— Umpristi yena wamane wazidlulela wahamba ngale komgwaqo. Akazange ame nokuma. Akenzanga lutho ukuze asize lo muntu.

Kwabe sekuqhamuka enye indoda eyayiyithanda kakhulu inkolo. YayingumLevi ikhonza ethempelini eJerusalema. Yayizoma yini yona isize?— Cha. Yenza kona kanye lokho okwakwenziwe umpristi.

Ekugcineni, kwaqhamuka umSamariya. Uyambona yini njengoba eqhamuka ekhoneni ehla ngomgwaqo?— Wabona umJuda elele phansi elimele kabi. Kodwa phawula, iningi lamaSamariya namaJuda lalingezwani nhlobo. (Johane 4:9) Ingabe-ke lo mSamariya wayezomshiya lo muntu angamsizi? Ingabe wayezothi: ‘Kungani kufanele ngimsize lo mJuda? Ubengeke angisize naye ukube bekuyimi engilimele’?

Yini eyenza umSamariya waba umakhelwane omuhle?

UmSamariya wambuka lo muntu owayelele eceleni komgwaqo, wamdabukela. Wayengeke amshiye lapho amyeke afe. Ngakho wehla esilwaneni ayesigibele, waya kulo muntu, wamsula amanxeba. Wawagcoba ngamafutha newayini. Lezi zinto zazizopholisa amanxeba. Wayesewabopha ngendwangu.

UmSamariya wamphakamisa kahle lo muntu wamgibelisa esilwaneni sakhe. Babe sebehla ngomgwaqo behamba kancane baze bayofika endlini yezihambi, noma ihhotela elincane. UmSamariya wamtholela indawo yokuhlala lo muntu, wamnakekela.

UJesu wabe esebuza le ndoda ayekhuluma nayo: ‘Ucabanga ukuthi ubani kulaba bantu abathathu owayengumakhelwane omuhle?’ Uthini wena? Ingabe umpristi, umLevi, noma umSamariya?—

Le ndoda yaphendula: ‘Lo muntu owama wanakekela umuntu owayelimele nguye owayengumakhelwane omuhle.’ UJesu wathi: ‘Uqinisile. Hamba wenze okufanayo nawe.’—Luka 10:25-37.

Imnandi le ndaba, angithi? Yenza kucace ukuthi obani omakhelwane bethu. Akubona nje abangane bethu abakhulu kuphela. Futhi akubona nje abantu abanebala lesikhumba elifana nelethu noma abakhuluma ulimi esilukhulumayo. UJesu wasifundisa ukuba sibe nomusa kubantu noma ngabe abakuphi, noma ngabe banjani, noma bakhuluma luphi ulimi.

Unjalo noJehova uNkulunkulu. Akabandlululi. ‘UBaba wenu osezulwini wenza ilanga lakhe liphumele abantu ababi nabahle,’ kusho uJesu. ‘Futhi wenza imvula inele abantu abalungile nabangalungile.’ Ngakho kufanele sibe nomusa kubantu bonke, njengoba noNkulunkulu enjalo.—Mathewu 5:44-48.

Wena ungaba kanjani umakhelwane omuhle?

Uyokwenzenjani-ke uma ubona umuntu olimele?— Uyokwenzenjani uma lowo muntu engowakwelinye izwe noma ibala lakhe lesikhumba lingafani nelakho? Ungumakhelwane wakho futhi kufanele umsize. Uma ucabanga ukuthi umncane kakhulu ukuba ungasiza, ungacela usizo kumuntu omdala. Noma ubize iphoyisa noma uthisha. Uma wenza kanjalo uyobe ubonisa umusa njengomSamariya.

UMfundisi Omkhulu ufuna sibe nomusa. Ufuna sisize abanye, noma ngabe bangobani. Yingakho axoxa le ndaba yomSamariya onomusa.

Kulesi sifundo sokuba nomusa kubantu noma ngabe abaluphi uhlanga noma isizwe, funda izAga 19:22; izEnzo 10:34, 35; no-17:26.