Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 26

Isizathu Sokuba Kube Nzima Ukwenza Okulungile

Isizathu Sokuba Kube Nzima Ukwenza Okulungile

UBANI owayejabula ngesikhathi uSawulu enza izinto ezimbi?— USathane uDeveli. Kodwa abaholi benkolo bamaJuda nabo babejabula. Kwathi lapho uSawulu esengumfundi woMfundisi Omkhulu esebizwa ngokuthi uPawulu, labo baholi benkolo baqala ukumzonda. Uyabona-ke yini ukuthi kungani kunzima ukuba umfundi kaJesu enze okulungile?—

Iziphi izinhlupheko uPawulu abhekana nazo lapho enza okulungile?

Umpristi ophakeme okwakuthiwa u-Ananiya wake wathi amadoda athile awashaye uPawulu ebusweni. U-Ananiya wazama ngisho nokuba uPawulu aboshwe. UPawulu wahlupheka kakhulu lapho eba umfundi kaJesu. Ngokwesibonelo, abantu ababi bashaya uPawulu bazama nokumbulala ngamatshe amakhulu.—IzEnzo 23:1, 2; 2 Korinte 11:24, 25.

Abantu abaningi bazozama ukusenza senze izinto ezidumaza uNkulunkulu. Ngakho nanku umbuzo, Ukuthanda kangakanani wena okulungile? Ingabe ukuthanda kakhulu kangangokuba uyokwenza ngisho noma abanye bekuzonda? Awucabangi yini ukuthi kudinga isibindi ukwenza lokho?—

Ungase uzibuze, ‘Bangasizondelani abantu uma senza okulungile? Akufanele yini bajabule?’ Wena ungacabanga kanjalo. Abantu babemthanda uJesu uma enza izinto ezinhle. Ngesinye isikhathi bonke abantu bomuzi babuthana emnyango wendlu ayehlala kuyo. Beza ngoba uJesu ayekade elapha abantu abagulayo.—Marku 1:33.

Kodwa ngezinye izikhathi abantu babengazithandi izinto ezazifundiswa nguJesu. Yize ayehlale efundisa izinto eziyiqiniso, abanye babemzonda ngempela ngoba wayekhuluma iqiniso. Bakubonisa lokhu ngelinye ilanga eNazaretha, umuzi akhulela kuwo uJesu. Waya esinagogeni, indawo amaJuda ayehlangana kuyo ukuze akhulekele uNkulunkulu.

Ngesikhathi elapho uJesu wabeka inkulumo enhle esekelwe emiBhalweni. Abantu baqale bayithanda. Bamangala ngamazwi amnandi ayephuma emlonyeni wakhe. Babengakholwa ukuthi yiyo le nsizwa ekhulele endaweni yakubo.

Kodwa uJesu wabe esesho okunye. Wakhuluma ngezikhathi uNkulunkulu abonisa ngazo umusa okhethekile kubantu ababengewona amaJuda. Lapho uJesu esho lokhu, bathukuthela labo ababesesinagogeni. Uyazi ukuthi kungani?— Babecabanga ukuthi yibona bodwa ababethola umusa kaNkulunkulu okhethekile. Babecabanga ukuthi bangcono kunabanye abantu. Ngakho bamzonda uJesu ngenxa yalokho akusho. Uyazi ukuthi bazama ukumenzani?—

IBhayibheli lithi: ‘Bambamba uJesu bamphuthumisa ngaphandle komuzi. Bamyisa onqenqemeni lwentaba ukuze bamphonse phansi afe! Kodwa uJesu waphunyula.’—Luka 4:16-30.

Kungani laba bantu bezama ukubulala uJesu?

Ukube lokhu kwakwenzeke kuwe, wawuyophindela yini kulabo bantu uyokhuluma nabo ngoNkulunkulu?— Awucabangi yini ukuthi kwakuyodinga isibindi lokho?— Kodwa uJesu yena waphindela eNazaretha cishe ngemva konyaka. IBhayibheli lithi: “Waqala ukubafundisa esinagogeni labo.” UJesu akazange ayeke ukukhuluma iqiniso ngenxa yokwesaba abantu ababengamthandi uNkulunkulu.—Mathewu 13:54.

Ngelinye ilanga kuyisabatha uJesu wayekanye nomuntu owayenesandla esishwabene noma esikhubazekile. UJesu wayenamandla avela kuNkulunkulu okwelapha lowo muntu. Kodwa abanye abantu ababelapho babezama ukumhlupha uJesu. Wayezokwenzenjani uMfundisi Omkhulu?— Okokuqala wabuza: ‘Ukube beninemvu ewele emgodini omkhulu ngeSabatha, beniyoyikhipha na?’

Yebo, babezoyikhipha imvu ngisho noma kuyiSabatha, usuku okwakumelwe baphumule ngalo. Ngakho uJesu wathi: ‘Kungcono nakakhulu ukusiza umuntu ngeSabatha, ngoba umuntu ubaluleke kakhulu kunemvu!’ Kwaba sobala ukuthi uJesu kufanele amsize lo muntu amelaphe!

UJesu wathi lo muntu akelule isandla sakhe. Selapheka ngaso leso sikhathi. Akeve ajabula lowo muntu! Kodwa laba abanye bona? Bajabula?— Cha. Bamzonda nakakhulu uJesu. Baphumela phandle beyombophela uzungu lokumbulala!—Mathewu 12:9-14.

Kunjalo nanamuhla. Noma singenzani, asisoze sakwazi ukujabulisa bonke abantu. Ngakho kufanele sinqume ukuthi ubani ngempela esifuna ukumjabulisa. Uma sifuna ukujabulisa uJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu Kristu, kumelwe ngaso sonke isikhathi senze lokho abakufundisayo. Kodwa uma sikwenza, ubani oyosizonda? Ubani oyokwenza kube nzima ukuba senze okulungile?—

USathane uDeveli. Kodwa obani abanye?— Yilabo abakhohliswe uDeveli wabenza bakholelwa izinto ezingamanga. UJesu watshela abaholi benkolo bosuku lwakhe: “Nina nivela kuyihlo uDeveli, futhi nifisa ukwenza izifiso zikayihlo.”—Johane 8:44.

Baningi abantu abathandwa uDeveli. UJesu ubabiza ngokuthi “izwe.” Ucabanga ukuthi liyini leli “zwe” uJesu akhuluma ngalo?— Asibheke uJohane isahluko 15, ivesi 19 ukuze sithole impendulo. Kulelo vesi sifunda la mazwi kaJesu: “Uma beniyingxenye yezwe, izwe belizothanda okungokwalo. Manje ngenxa yokuthi aniyona ingxenye yezwe, kodwa nginikhethile kuleli zwe, ngenxa yalokhu izwe liyanizonda.”

Ngakho izwe elizonda abafundi bakaJesu lakhiwa yibo bonke abantu abangebona abalandeli bakhe. Kungani izwe libazonda abafundi bakaJesu?— Cabanga ngalokhu. Ubani obusa izwe?— IBhayibheli lithi: “Lonke izwe lisemandleni omubi.” Lowo muntu omubi uSathane uDeveli.—1 Johane 5:19.

Usuyabona yini manje ukuthi kungani kunzima kangaka ukwenza okulungile?— USathane nezwe lakhe benza kube nzima. Kodwa kukhona esinye isizathu. Uyasikhumbula?— ESahlukweni 23 sale ncwadi sifunde ukuthi sonke sizalwa sinesono. Ngeke yini kube mnandi uma isono, uDeveli, nezwe lakhe kungasekho?—

Lapho leli zwe lidlula, kuyokwenzekani kulabo abenza okulungile?

IBhayibheli liyathembisa: “Izwe liyadlula.” Lokho kusho ukuthi bonke labo abangebona abalandeli boMfundisi Omkhulu ngeke besaba khona. Ngeke bavunyelwe ukuba baphile phakade. Uyazi ukuthi obani abayophila phakade?— IBhayibheli liyaqhubeka lithi: “Lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.” (1 Johane 2:17) Yilabo abenza okulungile, abenza “intando kaNkulunkulu” kuphela, abayophila phakade ezweni elisha likaNkulunkulu. Ngisho noma kunzima, siyafuna ukwenza okulungile, angithi?—

Masifunde ndawonye le miBhalo ebonisa ukuthi kungani kungelula ukwenza okulungile: Mathewu 7:13, 14; Luka 13:23, 24; nezEnzo 14:21, 22.