Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 30

Izinto Ezingasisiza Sinqobe Ukwesaba

Izinto Ezingasisiza Sinqobe Ukwesaba

INGABE kulula kuwe ukukhonza uJehova?— UMfundisi Omkhulu akashongo ukuthi kuyoba lula. Ebusuku bangaphambi kokuba abulawe, uJesu watshela abaphostoli bakhe: “Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi liye lazonda mina ngaphambi kokuba lizonde nina.”—Johane 15:18.

UPetru waqhosha wathi yena akasoze amshiya uJesu, kodwa uJesu wathi uPetru wayezophika kathathu ukuthi uyamazi ngabo lobo busuku. Futhi yilokho kanye uPetru akwenza! (Mathewu 26:31-35, 69-75) Yenzeka kanjani nje into enjalo?— Yenzeka ngoba uPetru wesaba, nabanye abaphostoli besaba.

Uyazi ukuthi yini eyenza abaphostoli besaba?— Kukhona into ebaluleke kakhulu abangazange bayenze. Ukufunda ngaleyo nto kungasisiza ukuba sikhonze uJehova, kungakhathaliseki ukuthi abanye bathini noma basenzani. Kodwa okokuqala kudingeka sikhumbuzane ngezinto ezenzeka ngobusuku bokugcina uJesu enabaphostoli bakhe.

Okokuqala, bagubha iPhasika ndawonye. IPhasika kwakuyisidlo esikhethekile esasiba khona minyaka yonke esasikhumbuza abantu bakaNkulunkulu ngokukhululwa kwabo ebugqilini baseGibhithe. Ngemva kwalokho uJesu ubatshela ngesinye isidlo esikhethekile. Sizobuye sixoxe ngaso kwesinye isahluko futhi sichaze ukuthi leso sidlo sisisiza kanjani ukuba sikhumbule uJesu. Ngemva kwaleso sidlo nangemva kokukhuthaza abaphostoli bakhe, uJesu uhamba nabo aye ensimini yaseGetsemane. Lena yindawo abathanda ukuya kuyo.

UJesu uyabashiya ahambe yedwa ayothandaza. Futhi utshela oPetru, uJakobe, noJohane ukuthi nabo mabathandaze. Kodwa bona bayalala. UJesu uhamba yedwa ayothandaza kuze kube kathathu, kodwa njalo lapho ebuya ufica uPetru nabanye belele! (Mathewu 26:36-47) Uyazi ukuthi kungani bekufanele ngabe abalele bayathandaza?— Lalela-ke.

Kungani kwakufanele uPetru, uJakobe, noJohane bahlale bephapheme?

UJuda Iskariyothe wayekade esePhasikeni kanye noJesu nabanye abaphostoli ngalobo busuku. Uzokhumbula ukuthi uJuda wayeseyisela. Futhi manje useba yimbuka. UJuda uyazi kahle indawo esensimini yaseGetsemane lapho uJesu abevame ukuhlangana khona nabaphostoli bakhe. Ngakho uJuda uya kule ndawo namasosha azobopha uJesu. Lapho befika, uJesu uyababuza: “Nifuna bani?”

Amasosha ayaphendula: “UJesu.” UJesu akesabi, ngakho uphendula athi: “Nginguye.” Isibindi sikaJesu siwamangaza kakhulu amasosha kangangokuba ayahlehla awele phansi. UJesu ube esethi: ‘Uma nifuna mina, bayekeni abaphostoli bami bahambe.’—Johane 18:1-9.

Njengoba amasosha ebamba uJesu embopha, abaphostoli bayesaba babaleke. Kodwa uPetru noJohane bafuna ukubona ukuthi kwenzekani, ngakho bayalandela behamba kancane. Ekugcineni, uJesu uyiswa emzini kaKayafase, umpristi ophakeme. Njengoba umpristi ophakeme emazi uJohane, umlindi-mnyango uyabangenisa benoPetru egcekeni.

Abapristi sebefikile emzini kaKayafase bazothetha icala. Bafuna uJesu abulawe. Ngakho balanda ofakazi abamqambela amanga. Abantu bashaya uJesu ngenqindi nangempama. Kwenzeka konke lokhu nje, uPetru useduze.

Incekukazi engumlindi-mnyango engenise uPetru noJohane, ibona uPetru. Ithi: “Nawe, futhi, ubunoJesu!” Kodwa uPetru uphika ngisho nokuthi uyamazi uJesu. Ngemva kwesikhashana enye intombazane iyambona uPetru bese ithi kulabo abalapho: “Lo muntu ubenoJesu.” UPetru uphinde aphike ukuthi uyamazi. Kamuva abanye abantu babona uPetru bese bethi kuye: “Ngokuqinisekile nawe futhi ungomunye wabo.” Okwesithathu-ke manje uPetru ephika, ethi: “Angimazi lo muntu!” UPetru uze afunge nokufunga ukuthi ukhuluma iqiniso, bese uJesu ephenduka embuka.—Mathewu 26:57-75; Luka 22:54-62; Johane 18:15-27.

Kungani uPetru ayesaba waze waqamba amanga wathi akamazi uJesu?

Uyazi ukuthi yini eyenza uPetru waqamba amanga?— Yebo, ukwesaba. Kodwa kungani ayesaba? Yini angayenzanga eyayizomenza abe nesibindi? Ake uthi ukucabanga. Konje yini uJesu ayenza ukuze abe nesibindi?— Wathandaza kuNkulunkulu, futhi uNkulunkulu wamsiza wathola isibindi. Khumbula nokuthi uJesu wamtshela kwaze kwaba kathathu uPetru ukuthi akathandaze ahlale ephapheme futhi eqaphile. Kodwa kwenzekani?—

Isikhathi ngasinye uPetru wayelala. Akazange athandaze futhi akazange ahlale eqaphile. Ngakho kwamzuma ukuboshwa kukaJesu. Kamuva, ngesikhathi elapho kwakuthethwa khona icala, uPetru wesaba ngesikhathi beshaya uJesu futhi benza amacebo okumbulala. Kodwa yini uJesu ayesanda kutshela abaphostoli bakhe ukuba bayilindele?— UJesu wayebatshele ukuthi njengoba nje izwe lalimzonda, lalizobazonda nabo.

Kungenzeka kanjani uzithole usesimweni esifana nesikaPetru?

Manje ake sicabange ngento engenzeka kithi efana naleyo eyenzeka kuPetru. Ake sithi usekilasini bese ezinye izingane ziqala ukusho izinto ezimbi ngabantu abangalikhulekeli ifulege noma abangawugubhi uKhisimusi. Uyokwenzenjani-ke uma enye ingane ikubuka bese iyabuza: “Awu-likhulekeli ngempela ifulege wena?” Noma ezinye zithi: “Sizwa kuthiwa aniwugubhi noKhisimusi nina!” Uyokwesaba yini ukukhuluma iqiniso?— Ingabe uyolingeka ukuba uqambe amanga, njengoba kwenza uPetru?—

Kamuva uPetru wazisola kakhulu ngokuthi wayephikile ukuthi uyamazi uJesu. Lapho esecabanga ngalokho ayekwenzile, waphumela phandle wakhala. Yebo, wabuyela kuJesu. (Luka 22:32) Manje cabanga ngalokhu. Yini engasisiza ukuba singesabi njengoPetru size sisho into enjengale ayisho?— Khumbula, uPetru wayengazange athandaze futhi akazange ahlale eqaphile. Ungathi-ke yini okudingeka siyenze ukuze sibe umlandeli woMfundisi Omkhulu?—

Nakanjani kudingeka sithandaze sicele usizo kuJehova. Uyazi ukuthi uNkulunkulu wamenzelani uJesu lapho ethandaza?— Wathumela ingelosi ukuba iyomqinisa. (Luka 22:43) Izingelosi zikaNkulunkulu zingasisiza yini thina?— IBhayibheli lithi: ‘Ingelosi kaJehova imi nxazonke zalabo abamesabayo, futhi iyabakhulula.’ (IHubo 34:7) Kodwa ukuze uNkulunkulu asinike usizo, kudingeka singagcini nje ngokulucela ngomthandazo. Uyazi ukuthi yini enye okudingeka siyenze?— UJesu watshela abalandeli bakhe ukuba bahlale bephapheme futhi beqaphile. Ucabanga ukuthi singakwenza kanjani lokho?—

Kudingeka silalelisise izinto ezishiwo esifundweni futhi sizinake izinto esizifunda eBhayibhelini. Kodwa futhi kudingeka sithandaze njalo kuJehova simcele ukuba asisize simkhonze. Uma sizenza lezi zinto, siyothola usizo lokunqoba ukwesaba. Siyojabula uma sithola ithuba lokuxoxela abanye ngoMfundisi Omkhulu nangoBaba wakhe.

Le miBhalo ingasisiza ukuba singalokothi sivumele ukwesaba abanye abantu kusivimbele ekwenzeni okulungile: IzAga 29:25; Jeremiya 26:12-15, 20-24; noJohane 12:42, 43.