Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 5

“Lo Yindodana Yami”

“Lo Yindodana Yami”

LAPHO izingane zenza izinto ezinhle, abazali bazo bayajabula. Uma intombazane yenza into kahle, ubaba wayo uyakujabulela ukutshela abanye athi: “Le indodakazi yami.” Noma uma umfana enza izinto ezinhle ubaba wakhe usho ngenjabulo athi: “Le indodana yami.”

UJesu uhlale enza izinto ezithokozisa uBaba wakhe. Ngakho uBaba wakhe uyaziqhenya ngaye. Uyakhumbula ukuthi uBaba kaJesu wenzani ngelinye ilanga ngesikhathi uJesu enabalandeli bakhe abathathu?—UNkulunkulu wakhuluma esezulwini ebatshela ukuthi: “Lo yiNdodana yami, ethandekayo, engiyamukele.”—Mathewu 17:5.

Ngaso sonke isikhathi uJesu uyakujabulela ukwenza izinto ezithokozisa uBaba wakhe. Uyazi ukuthi kungani? Ngoba uyamthanda ngempela uBaba wakhe. Uma umuntu enza izinto ngoba nje ephoqelekile, kuba nzima. Kodwa uma ezimisele, kulula. Uyazi ukuthi kusho ukuthini ukuzimisela?— Kusho ukuthi uyafuna ngempela ukwenza into ethile.

Ngisho nangaphambi kokuba uJesu eze emhlabeni, wayezimisele ukwenza noma yini uBaba wakhe amcela ukuba ayenze. Isizathu siwukuthi uyamthanda uBaba wakhe, uJehova uNkulunkulu. UJesu wayenendawo enhle kakhulu ezulwini ngesikhathi enoBaba wakhe. Kodwa uNkulunkulu wayenomsebenzi okhethekile ayefuna uJesu awenze. Ukuze enze lowo msebenzi, uJesu kwakudingeka alishiye izulu. Kwakudingeka azalwe abe umntwana emhlabeni. UJesu wayezimisele ukukwenza lokhu ngoba uJehova wayefuna akwenze.

Ingelosi uGabriyeli yamtshelani uMariya?

Ukuze azalwe abe umntwana emhlabeni, uJesu kwakudingeka abe nomama. Uyazi ukuthi kwakungubani umama wakhe?— Igama lakhe kwakunguMariya. UJehova wathuma ingelosi yakhe uGabriyeli ukuba isuke ezulwini izokhuluma noMariya. UGabriyeli wamtshela ukuthi wayezothola umntwana womfana. Lo mntwana wayezoqanjwa ngokuthi uJesu. Kwakuzoba ubani ubaba womntwana?— Ingelosi yathi ubaba womntwana kwakuzoba uJehova uNkulunkulu. Yingakho uJesu ayezobizwa ngokuthi iNdodana kaNkulunkulu.

Ucabanga ukuthi uMariya wazizwa kanjani?— Ingabe wathi, “Angifuni ukuba umama kaJesu”? Cha, uMariya wayezimisele ukwenza lokho uNkulunkulu ayekufuna. Kodwa iNdodana kaNkulunkulu yasezulwini yayingazalwa kanjani iwumntwana emhlabeni? Ukuzalwa kukaJesu kwakuhluke kanjani ekuzalweni kwabanye abantwana? Ingabe uyazi?—

UNkulunkulu wenza abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, ukuze bakwazi ukuhlangana ngendlela emangalisayo. Ngemva kwalokho, umntwana angaqala ukukhula ngaphakathi kumama wakhe. Abantu bathi lokhu kuyisimangaliso! Ngicabanga ukuthi nawe uzovuma.

Manje uNkulunkulu wenza into eyayiyisimangaliso esikhulu nakakhulu. Wathatha ukuphila kweNdodana yakhe yasezulwini wakufaka ngaphakathi kuMariya. Wayengakaze akwenze lokho uNkulunkulu, futhi akaphindanga wakwenza. Ngenxa yalesi simangaliso, uJesu waqala ukukhula ngaphakathi kuMariya njengoba nje nabanye abantwana bekhula ngaphakathi komama babo. UMariya wabe eseshada noJosefa.

Lapho kufika isikhathi sokuba uJesu azalwe, uMariya noJosefa babevakashele emzini waseBhetlehema. Kodwa kwakugcwele abantu. Lalingekho ngisho nekamelo uMariya noJosefa ababengahlala kulo, ngakho kwadingeka bahlale endaweni okuhlala kuyo izilwane. UMariya wabelethela lapho, uJesu wabe esebekwa emkhombeni, njengoba ubona lapha. Umkhombe indawo okubekwa kuyo ukudla kwezinkomo nezinye izilwane.

Kungani uJesu ebekwa emkhombeni?

Kwenzeka izinto ezijabulisayo ngobusuku uJesu azalwa ngabo. Ingelosi yabonakala kubelusi abathile eduze kwaseBhetlehema. Yabatshela ukuthi uJesu ungumuntu obalulekile. Le ngelosi yathi: ‘Bhekani! Nginitshela izindaba ezinhle ezizokwenza abantu bajabule. Namuhla kuzalwe umuntu ozosindisa abantu.’—Luka 2:10, 11.

Yiziphi izindaba ezinhle enye yalezi zingelosi ezitshele abelusi?

Ingelosi yatshela abelusi ukuthi uJesu babezomthola eBhetlehema, elele emkhombeni. Ngaso leso sikhathi nezinye izingelosi ezulwini zadumisa uNkulunkulu kanye nengelosi yokuqala. Izingelosi zacula zathi, ‘Inkazimulo kuNkulunkulu, naphezu komhlaba ukuthula kubantu abathakazelelwayo.’—Luka 2:12-14.

Lapho izingelosi sezihambile, abelusi bahamba baya eBhetlehema bafike bamthola uJesu. Babe sebexoxela uJosefa noMariya zonke izinto ezinhle ababezizwile. Ungacabanga ukuthi uMariya wajabula kanjani ngokuthi wayevumile ukuba umama kaJesu?

Ngemva kwesikhathi, uJosefa noMariya bahamba noJesu baya emzini waseNazaretha. Yilapho uJesu akhulela khona. Lapho esekhulile, waqala umsebenzi wakhe omkhulu wokufundisa. Ukufundisa kwakuyingxenye yomsebenzi uJehova uNkulunkulu ayefuna ukuba iNdodana yakhe iwenze emhlabeni. UJesu wayezimisele ukwenza lowo msebenzi ngoba wayemthanda kakhulu uBaba wakhe wasezulwini.

Ngaphambi kokuba uJesu aqale umsebenzi wakhe wokuba uMfundisi Omkhulu, wabhapathizwa uJohane uMbhapathizi eMfuleni iJordani. Kwabe sekwenzeka isimanga! Ngesikhathi uJesu ekhuphuka ephuma emanzini, uJehova wakhuluma esezulwini, ethi: “Lo yiNdodana yami ethandekayo, engiyamukele.” (Mathewu 3:17) Awujabuli yini lapho abazali bakho bekutshela ukuthi bayakuthanda?— Singaqiniseka ukuthi uJesu wajabula naye.

Ngaso sonke isikhathi uJesu wayenza okulungile. Akazange azenze umuntu angeyena. Akazange atshele abantu ukuthi unguNkulunkulu. Ingelosi uGabriyeli yayimtshelile uMariya ukuthi uJesu wayezobizwa ngokuthi iNdodana kaNkulunkulu. UJesu ngokwakhe wathi uyiNdodana kaNkulunkulu. Futhi akazange athi kubantu wazi ngaphezu kukaBaba wakhe. Wathi: “UBaba mkhulu kunami.”—Johane 14:28.

Ngisho uJesu esesezulwini, lapho uBaba wakhe emnika umsebenzi, uJesu wayewenza. Wayengasho ukuthi uzowenza kodwa abese ezenzela okunye. Wayemthanda uBaba wakhe. Ngakho wayemlalela. Kwathi lapho uJesu efika emhlabeni, wenza lokho uBaba wakhe wasezulwini ayemthume ukuba akwenze. Akazange enze okunye. Yingakho nje uJehova eyithanda iNdodana yakhe!

Angithi nathi siyafuna ukujabulisa uJehova?— Uma sifuna, kumelwe sibonise ukuthi siyamlalela ngempela uNkulunkulu, njengoba uJesu enza. UNkulunkulu ukhuluma nathi ngeBhayibheli. Ngeke yini kube yinto embi ukwenza sengathi siyamlalela uNkulunkulu kodwa sikholelwe izinto eziphikisana neBhayibheli futhi sizenze?— Khumbula, uma simthanda ngempela uJehova siyokujabulela ukumenza ajabule.

Manje fundani la mavesi eBhayibheli abonisa ukuthi kudingeka simazi uJesu futhi sikholwe nguye: Mathewu 7:21-23; Johane 4:25, 26; neyoku-1 Thimothewu 2:5, 6.