Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 36

Obani Abayovuswa? Bayohlalaphi?

Obani Abayovuswa? Bayohlalaphi?

EZAHLUKWENI ezimbili esisanda kuzifunda, bangaki abantu abavuswa esifunde ngabo?— Bayisihlanu. Bangaki abayizingane?— Bathathu. Owesine kuthiwa uyinsizwa. Ucabanga ukuthi kusifundisani lokhu?—

Kusifundisa ukuthi uNkulunkulu uyabathanda abantu abasha. Kodwa baningi nabanye ayobavusa. Ingabe uNkulunkulu uyovusa abantu abenze okuhle kuphela?— Singase sicabange kanjalo. Kodwa-ke abantu abaningi babengakaze balifunde iqiniso ngoJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe. Ngenxa yalokho benza izinto ezimbi ngoba babefundiswe izinto ezingalungile. Ucabanga ukuthi uJehova uyobavusa abantu abanjalo?—

IBhayibheli lithi: “Kuyoba khona uvuko lwabalungile nabangalungile.” (IzEnzo 24:15) Kungani beyovuswa labo ababengalungile, noma abangazenzanga izinto ezinhle?— Kungoba abazange balithole ithuba lokufunda ngoJehova nokuthi ufuna abantu benzeni.

Kungani uNkulunkulu eyobavusa abanye abangazange bakwenze okulungile?

Ucabanga ukuthi bayovuswa nini abantu?— Khumbula ukuthi ngesikhathi uLazaru efa uJesu wathembisa udadewabo uMarta, wathi: “Umfowenu uzovuka.” UMarta waphendula wathi: “Ngiyazi ukuthi uyovuka ovukweni ngosuku lokugcina.” (Johane 11:23, 24) Wayesho ukuthini uMarta uma ethi uLazaru uyovuka “ngosuku lokugcina”?—

Likuphi iPharadesi uJesu akhuluma ngalo nalo muntu?

Phela, uMarta wayesizwile isithembiso sikaJesu esithi: ‘Bonke abasemathuneni bayokhunjulwa futhi baphume.’ (Johane 5:28, 29) Siyabona-ke ukuthi ‘usuku lokugcina’ luwusuku uNkulunkulu ayovusa ngalo bonke labo abakhumbulayo. Lolu suku lokugcina akulona usuku olunamahora angu-24. Luyoba yiminyaka eyinkulungwane. IBhayibheli lithi ngalolu suku ‘uNkulunkulu uyokwahlulela abantu abasemhlabeni.’ Kulabo ayobahlulela kuyobe kukhona nabantu abavusiwe.—IzEnzo 17:31; 2 Petru 3:8.

Awucabange nje ukuthi kuyoba mnandi kanjani ngalolu suku! Phakathi nalolu suku oluyoba yiminyaka eyinkulungwane, abantu abayizigidi eziningi abafile bayovuswa. UJesu uyibiza ngokuthi iPharadesi indawo abayohlala kuyo uma sebevusiwe. Ake sizwe ukuthi iPharadesi liyoba kuphi nokuthi kuyoba njani kulo.

Lapho sekusele cishe amahora amathathu uJesu afe esigxotsheni sokuhlushwa, ukhuluma ngePharadesi nendoda elenga esigxotsheni eduze kwakhe. Le ndoda ibulawa ngoba yenze ubugebengu. Kodwa njengoba lesi sigebengu sibuka uJesu futhi sizwa okushiwo ngaye, siqala ukuba nokholo kuJesu. Ngakho lesi sigebengu sithi: “Ngikhumbule lapho ungena embusweni wakho.” UJesu uyaphendula: “Ngiqinisile ngiyakutshela namuhla, Uyokuba nami ePharadesi.”—Luka 23:42, 43.

Yini okufanele siyicabange uma sifunda ngePharadesi?

Usho ukuthini uJesu ngalokhu? Likuphi iPharadesi?— Ake uthi ukucabanga. Lalikuphi iPharadesi ekuqaleni?— Khumbula, uNkulunkulu wanika umuntu wokuqala, u-Adamu, nomkakhe ipharadesi ababezohlala kulo khona lapha kulo mhlaba. Lalibizwa ngokuthi insimu yase-Edene. Kwakukhona izilwane kuleyo nsimu kodwa zazingalumi muntu. Kwakukhona nezihlahla ezinezithelo eziningi ezimnandi, kukhona nomfula omkhulu. Kwakumnandi ukuhlala kuleyo ndawo!—Genesise 2:8-10.

Ngakho uma sifunda ukuthi lesiya sigebengu siyobe sisePharadesi, kufanele sicabange ngalo mhlaba sewenziwe indawo enhle okuzohlalwa kuyo. Ingabe uJesu uyoba khona lapha emhlabeni ahlale ePharadesi nalo muntu owayeyisigebengu?— Cha. Uyazi ukuthi kungani engeke abe khona lapha?—

Kungoba uJesu uyobe esezulwini eyiNkosi ebusa iPharadesi emhlabeni. Ngakho uJesu uyokuba nalowo muntu ngomqondo wokuthi uJesu uyomvusa kubantu abafile amnikeze izinto azidingayo. Kodwa kungani uJesu eyovumela umuntu owayeyisigebengu ahlale ePharadesi?— Asizame ukuthola impendulo.

Ngaphambi kokuba lesi sigebengu sikhulume noJesu, sasizazi yini izinjongo zikaNkulunkulu?— Cha, sasingazazi. Sasenza izinto ezimbi ngoba sasingalazi iqiniso ngoNkulunkulu. EPharadesi siyofundiswa izinjongo zikaNkulunkulu. Ngemva kwalokho siyothola ithuba lokubonisa ukuthi simthanda ngempela uNkulunkulu ngokuba senze intando yaKhe.

Ingabe bonke abantu abavusiwe bayohlala ePharadesi emhlabeni?— Cha, ngeke. Uyazi ukuthi kungani?— Kungoba abanye bayovuswa bese beyohlala noJesu ezulwini. Bayoba amakhosi kanye naye babuse umhlaba oyiPharadesi. Ake sizwe ukuthi sikwazi kanjani lokhu.

Ebusuku, ngaphambi kokuba uJesu afe, uthi kubaphostoli bakhe: ‘Endlini kaBaba ezulwini, kukhona izindawo zokuhlala eziningi, futhi ngiyahamba ngiyonilungisela indawo.’ UJesu ube esebathembisa, athi: “Ngiyobuye ngize futhi ngizonamukela ekhaya kimi, ukuze kuthi lapho ngikhona nani nibe khona.”—Johane 14:2, 3.

UJesu uyaphi ngemva kokuba evusiwe?— Yebo, uphindela ezulwini ayohlala noBaba wakhe. (Johane 17:4, 5) Ngakho uJesu uthembisa abaphostoli bakhe nabanye abalandeli bakhe ukuthi uyobavusa ukuze bahlale naye ezulwini. Bayokwenzani ezulwini noJesu?— IBhayibheli lithi abafundi bakhe abayothola ‘uvuko lokuqala’ bayohlala ezulwini babuse umhlaba babe “amakhosi kanye naye iminyaka eyinkulungwane.”—IsAmbulo 5:10; 20:6; 2 Thimothewu 2:12.

Bangaki abayothola ‘uvuko lokuqala’ babuse noJesu babe amakhosi?— UJesu watshela abafundi bakhe: ‘Ungesabi, mhlambi omncane, ngoba uBaba wenu ukwamukele ukuba aninike umbuso.’ (Luka 12:32) Lo “mhlambi omncane,” ovuswayo ukuze ubuse noJesu eMbusweni wakhe wasezulwini, uyisibalo esithile. IBhayibheli lithi “bayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane” abavuswa emhlabeni.—IsAmbulo 14:1, 3.

Bayohlalaphi abavusiwe, futhi bayokwenzani?

Bangaki abayohlala emhlabeni oyiPharadesi?— IBhayibheli alisitsheli. Kodwa ngenkathi u-Adamu no-Eva besensimini yase-Edene, uNkulunkulu wayethe ababe nezingane bagcwalise umhlaba. Kuyiqiniso ukuthi bahluleka ukwenza lokho. Kodwa uNkulunkulu uyokwenza ukuba igcwaliseke injongo yakhe ewukuba umhlaba ugcwale abantu abalungile.—Genesise 1:28; Isaya 45:18; 55:11.

Cabanga nje ukuthi kuyoba mnandi kanjani ukuhlala ePharadesi! Wonke umhlaba uyofana nepaki. Kuyobe kuchwaza izinyoni nezilwane, kuyobe kukuhle kukhona zonke izinhlobo zezihlahla nezimbali. Akekho oyobe ezwa ubuhlungu ngoba egula futhi akekho oyokufa. Bonke abantu bayoba abangane. Uma sifuna ukuphila phakade ePharadesi, kufanele sizilungiselele manje.

Fundani amanye amavesi akhuluma ngenjongo kaNkulunkulu ngomhlaba encwadini yezAga 2:21, 22; UmShumayeli 1:4; Isaya 2:4; 11:6-9; 35:5, 6; no-65:21-24.