Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 39

UNkulunkulu Ukhumbula Indodana Yakhe

UNkulunkulu Ukhumbula Indodana Yakhe

UJESU wakhala ngesikhathi kufe umngane wakhe uLazaru. Ucabanga ukuthi kwaba buhlungu kuJehova ngesikhathi benza izinto ezimbi kuJesu futhi bembulala?— IBhayibheli lithi izinto ezenzekayo ‘zingamzwisa ubuhlungu’ uNkulunkulu.—IHubo 78:40, 41; Johane 11:35.

Ungacabanga ukuthi uJehova wezwa ubuhlungu obungakanani lapho ebuka iNdodana yakhe ayithandayo ifa?— UJesu wayeqiniseka ukuthi uNkulunkulu ngeke amkhohlwe. Yingakho ngaphambi kokuba afe athi: ‘Baba, ngibeka ukuphila kwami ezandleni zakho.’—Luka 23:46.

UJesu wayeqiniseka ukuthi uzovuswa, ukuthi wayengeke ashiywe “esihogweni,” noma ethuneni. Lapho uJesu esevusiwe, umphostoli uPetru washo amazwi ayebhalwe eBhayibhelini ngoJesu, wathi: “Umphefumulo wakhe awushiywanga esihogweni, nenyama yakhe ayikubonanga ukubola.” (IzEnzo 2:31, King James Version; IHubo 16:10) Cha, isidumbu sikaJesu asizange sihlale size sibole ethuneni, asizange sibe izicucu futhi sinuke kabi.

Lapho uJesu esemhlabeni, waze watshela ngisho nabafundi bakhe ukuthi ngeke ahlale isikhathi eside efile. Wabachazela ukuthi ‘wayezobulawa futhi avuswe ngosuku lwesithathu.’ (Luka 9:22) Ngakho kwakungafanele ngempela abafundi bamangale lapho uJesu esevusiwe. Kodwa bamangala yini?— Ake sibone.

Cishe yihora lesithathu ngoLwesihlanu ntambama ngesikhathi uMfundisi Omkhulu efa esigxotsheni sokuhlushwa. UJosefa, ilungu leSanhedrini eliyisicebi, naye ungumlandeli kaJesu kodwa ongazivezi obala. Lapho ezwa ukuthi uJesu ufile, uyahamba aye kuPilatu, umbusi ongumRoma. Ufika abuze ukuthi angasethula yini isidumbu sikaJesu esigxotsheni ayosingcwaba. Ngemva kwalokho, uJosefa uthatha isidumbu sikaJesu aye naso endaweni enethuna, okuyilapho kungcwatshwa khona izidumbu.

Lapho isidumbu sesifakiwe ethuneni, kubekwa itshe elikhulu. Ithuna selivalwe ngci. Manje sekuyiSonto, usuku lwesithathu. Kusemnyama, ilanga alikaphumi. Kukhona abantu abagade ithuna. Bathunywe abapristi abakhulu ukuba baligade. Uyazi ukuthi kungani?—

Abapristi nabo bebezwile ukuthi uJesu uthe uzovuswa. Ngakho ukuze bavimbe abafundi bakhe ukuba bangasintshontshi isidumbu bese bethi uJesu uvusiwe, abapristi babeka onogada. Kuthi kusenjalo, kunyakaze inhlabathi. Njengoba kumnyama, kuthi bani ukukhanya. Yingelosi kaJehova! Onogada bayathuka bahluleke ngisho nokunyakaza. Ingelosi iya ethuneni ifike ilisuse itshe. Ithuna alinalutho!

Kungani ithuna lingenalutho? Kwenzekeni?

Yebo, kunjengoba umphostoli uPetru asho kamuva: “Lo Jesu uNkulunkulu wamvusa.” (IzEnzo 2:32) UNkulunkulu wavusa uJesu enomzimba ofana nalowo ayenawo ngaphambi kokuba eze emhlabeni. Wavuswa enomzimba womoya ofana nowezingelosi. (1 Petru 3:18) Ngakho ukuze abantu bakwazi ukumbona uJesu, kumelwe azishintshe abe nomzimba wenyama. Uyazishintsha yini?— Ake sibone.

Manje ilanga seliyaphuma. Sebehambile onogada. UMariya Magdalena nabanye abafundi bakaJesu abangomama baya ethuneni. Bakhuluma bodwa bathi: ‘Ubani ozosisusela leliya litshe elisindayo?’ (Marku 16:3) Kodwa lapho befika ethuneni, selisusiwe kakade itshe. Futhi ithuna alinalutho! Asisekho isidumbu sikaJesu! Ngaso leso sikhathi, uMariya Magdalena uyagijima ayofuna abanye abaphostoli bakaJesu.

Abanye omama basala ethuneni. Bayazibuza: ‘Kazi sishonephi isidumbu sikaJesu?’ Kuthi kusenjalo kuqhamuke amadoda amabili agqoke izingubo ezibenyezelayo. Yizingelosi! Zithi kulabo mama: ‘Kungani nimfuna lapha uJesu? Uvusiwe. Hambani masinyane nitshele abafundi bakhe.’ Ungacabanga-ke nawe ukuthi bagijima kakhulu kangakanani! Bahlangana nomuntu othile endleleni. Uyazi ukuthi ungubani?—

NguJesu, usezishintshile waba nomzimba wenyama! Naye uthi kulabo mama: ‘Hambani niyotshela abafundi bami.’ Labo mama bayajabula kakhulu. Bayabathola abafundi bese bethi kubo: ‘UJesu uyaphila! Simbonile!’ UMariya ubesemtshelile uPetru noJohane ukuthi ithuna alinalutho. Bayahamba bayolibona, njengoba ubona lapha. Babuka izindwangu uJesu abesongwe ngazo, kodwa badidekile. Kungenzeka bacabanga ukuthi uJesu useyaphila futhi, kodwa kubuye kube sengathi ngeke ize yenzeke into eyisimanga kanjena.

Yini okungenzeka ukuthi uPetru noJohane bayayicabanga?

Ntambama ngalelo Sonto, uJesu uya kubafundi bakhe ababili abahamba emgwaqweni oya edolobheni elincane lase-Emawuse. UJesu uhamba nabo axoxe, kodwa ababoni ukuthi nguye ngoba umzimba wakhe wenyama awusafani nowakuqala. Baze babone ukuthi nguJesu ngempela lapho sebedla futhi ethandaza. Abafundi bajabula kakhulu kangangokuthi bayashesha bahambe ibanga elide baphindele eJerusalema! Mhlawumbe kungemva kwalokhu lapho uJesu aya khona kuPetru eyombonisa ukuthi uyaphila.

Ebusuku ngalelo Sonto, abafundi abaningi baqoqene endlini. Iminyango ikhiyiwe. Hawu, nangu uJesu esesendlini kanye nabo! Manje sebeyazi ukuthi uMfundisi Omkhulu uyaphila ngempela. Abeve bejabula!—Mathewu 28:1-15; Luka 24:1-49; Johane 19:38–20:21.

Phakathi nezinsuku ezingu-40 uJesu ulokhu ewushintsha umzimba wakhe wenyama ukuze abonise abafundi bakhe ukuthi uyaphila. Ngemva kwalokho uyawushiya umhlaba aphindele kuBaba wakhe ezulwini. (IzEnzo 1:9-11) Abafundi abachithi sikhathi baqala ukutshela bonke abantu ukuthi uNkulunkulu umvusile uJesu kwabafile. Ngisho noma abapristi bebashaya futhi bebabulala abanye, bayaqhubeka beshumayela. Bayazi ukuthi uma befa, uNkulunkulu uyobakhumbula njengoba nje ayikhumbula iNdodana yakhe.

Uma kufika isikhathi uJesu avuswa ngaso, abantu abaningi baye bacabange ngani? Kodwa wena uye ucabange ngani?

Labo balandeli bakaJesu bokuqala babehluke kakhulu kubantu abaningi namuhla. Uma kufika isikhathi uJesu avuswa ngaso, abantu baye bacabange kuphela ngezithombe zonogwaja eziba khona ngama-Easter namaswidi anemibalabala amise okwamaqanda. Kodwa iBhayibheli alikhulumi ngezithombe zonogwaja namaswidi amise okwamaqanda aba khona ngama-Easter. Likhuluma ngokukhonza uNkulunkulu.

Nathi singafana nabafundi bakaJesu uma sitshela abantu ukuthi uNkulunkulu wenza into enhle kakhulu ngokuvusa iNdodana yakhe. Akudingeki neze sesabe, ngisho noma abantu bethi bazosibulala. Uma kungenzeka sife, uJehova uyosikhumbula asivuse, njengoba nje avusa uJesu.

Akusithokozisi yini ukwazi ukuthi uNkulunkulu uyabakhumbula abantu abamkhonzayo nokuthi uyobavusa nokubavusa kwabafileyo?— Ukwazi lezi zinto kufanele kusenze sifune ukwazi ukuthi singamenza kanjani uNkulunkulu ajabule. Bewazi ukuthi singamenza ngempela ajabule?— Yilokho esizoxoxa ngakho esahlukweni esilandelayo.

Ukukholwa ukuthi uJesu wavuka kufanele kuqinise ithemba lethu nokholo lwethu. Sicela nifunde izEnzo 2:22-36; 4:18-20; neyoku-1 Korinte 15:3-8, 20-23.