Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 4

UNkulunkulu Unegama

UNkulunkulu Unegama

LAPHO uqala ukubona umuntu, yini oye umbuze yona kuqala?— Yebo, umbuza igama lakhe. Sonke sinamagama. UNkulunkulu wamqamba igama umuntu wokuqala emhlabeni. Wamqamba igama elithi Adamu. Umka-Adamu waqanjwa igama elithi Eva.

Kodwa akubona bodwa abantu abanamagama. Cabanga ngezinye izinto nazo ezinamagama. Angithi uma umuntu ekupha unodoli noma isilwane esifuywayo usiqamba igama?— Kubaluleke kakhulu ukuba negama.

Ubobheka izinkanyezi eziningi ebusuku. Ucabanga ukuthi zinawo amagama?— Inkanyezi ngayinye esesibhakabhakeni uNkulunkulu wayiqamba igama. IBhayibheli lisitshela ukuthi: “Ubala izinkanyezi; zonke uzibiza ngamagama azo.”—IHubo 147:4.

Bewazi yini ukuthi zonke izinkanyezi zinamagama?

Ubungathi ubani umuntu obaluleke kunabo bonke emhlabeni nasezulwini?— UNkulunkulu. Ucabanga ukuthi unalo igama?— UJesu wathi unalo. UJesu wake wathandaza kuNkulunkulu wathi: ‘Ngibazisile abalandeli bami igama lakho.’ (Johane 17:26) Uyalazi igama likaNkulunkulu?— UNkulunkulu ngokwakhe uyasitshela ukuthi ungubani. Uthi: “NginguJehova. Yilelo igama lami.” Ngakho igama likaNkulunkulu UJEHOVA.—Isaya 42:8.

Uzizwa kanjani uma abantu belikhumbula igama lakho?— Uyajabula, angithi?— UJehova naye ufuna abantu balazi igama lakhe. Ngakho kufanele silisebenzise igama elithi Jehova uma sikhuluma ngoNkulunkulu. UMfundisi Omkhulu walisebenzisa igama likaNkulunkulu, elithi Jehova, lapho ekhuluma nabantu. Ngesinye isikhathi uJesu wathi: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho.”—Marku 12:30.

UJesu wayazi ukuthi igama elithi “Jehova” libaluleke kakhulu. Ngakho wafundisa abalandeli bakhe ukuba basebenzise igama likaNkulunkulu. Waze wabafundisa nokuthi bakhulume ngegama likaNkulunkulu lapho bethandaza. UJesu wayazi ukuthi uNkulunkulu ufuna bonke abantu balazi igama laKhe, elithi Jehova.

Kudala, uNkulunkulu wabonisa uMose, owayengomunye wabantwana bakwa-Israyeli, ukuthi igama lakhe libalulekile. Abantwana bakwa-Israyeli, ababebizwa ngokuthi ama-Israyeli, babehlala ezweni elalibizwa ngokuthi iGibhithe. Abantu bakulelo zwe babaziwa ngokuthi amaGibhithe. Benza ama-Israyeli aba yizigqila futhi bawaphatha kabi. Lapho uMose ekhula wazama ukusiza umuntu wakubo. Lokhu kwamcasula uFaro, inkosi yaseGibhithe. Wafuna ukumbulala uMose! Ngakho uMose wabaleka eGibhithe.

UMose waya kwelinye izwe. Kwakuyizwe lakwaMidiyani. Kulelo zwe uMose washada waba nomkhaya. Waba umalusi, walusa izimvu. Kwathi ngelinye ilanga uMose eluse izimvu eduze kwentaba wabona isimanga. Isihlahla sameva sasivutha kodwa singashi! UMose wasondela ukuze asibuke kahle.

Uyazi ukuthi yini eyenzeka?— UMose wezwa izwi limbiza livela kuleso sihlahla sameva esasivutha. Leli zwi lamemeza lathi, “Mose! Mose!” Ubani owayememeza?— KwakunguNkulunkulu! UNkulunkulu wayebekele uMose umsebenzi omningi ayefuna awenze. UNkulunkulu wathi: ‘Woza ngikuthume kuFaro, inkosi yaseGibhithe, ukhiphe abantu bami, abantwana bakwa-Israyeli, eGibhithe.’ UNkulunkulu wathembisa ukuthi uzomsiza uMose lapho enza lokhu.

Iyiphi into ebalulekile uMose ayifunda esihlahleni sameva esasivutha?

Kodwa uMose wathi kuNkulunkulu: ‘Ake ngithi sengifikile kubantwana bakwa-Israyeli eGibhithe bese ngithi uNkulunkulu ungithumile. Uma bengibuza bethi, “Ubani igama lakhe?” Ngiyothini?’ UNkulunkulu watshela uMose ukuba athi kubantwana bakwa-Israyeli: ‘UJehova ungithumé kini. Igama elithi Jehova yigama lami kuze kube phakade.’ (Eksodusi 3:1-15) Lokhu kubonisa ukuthi igama likaNkulunkulu lalizohlala linguJehova. Wayengeke nanini alishintshe. UNkulunkulu wayefuna ukwaziwa ngegama lakhe elithi Jehova kuze kube phakade.

UNkulunkulu walenza kanjani igama lakhe laziwa oLwandle Olubomvu?

Lapho uMose ephindela eGibhithe, amaGibhithe ayecabanga ukuthi uJehova wayemane nje engunkulunkulu omncane wama-Israyeli. Ayengacabangi ukuthi unguNkulunkulu emhlabeni wonke. Ngakho uJehova watshela inkosi yaseGibhithe wathi: ‘Ngizokwenza ukuba igama lami laziwe emhlabeni wonke.’ (Eksodusi 9:16) Nangempela uJehova walenza laziwa igama lakhe. Uyazi yini ukuthi wakwenza kanjani lokho?—

Wenza ukuba uMose ahole abantwana bakwa-Israyeli baphume eGibhithe. Lapho befika oLwandle Olubomvu, uJehova wavula indlela eyomile phakathi kwalo. Ama-Israyeli awela ngokuphepha emhlabathini owomile. Kodwa kwathi lapho uFaro nalo lonke ibutho lakhe sebengenile emhlabathini owomile olwandle, amanzi ayekade ebambeke ngapha nangapha awamboza amaGibhithe, afa onke.

Ngokushesha abantu emhlabeni bakuzwa lokho uJehova ayekwenzile oLwandle Olubomvu. Sazi kanjani ukuthi bakuzwa?— Sazi ngoba ngemva kweminyaka ecishe ibe ngu-40 ama-Israyeli afika eKhanani, izwe uJehova ayethembise ukuthi uzowanika lona. Kulelo zwe, intokazi enguRahabi yatshela amadoda amabili angama-Israyeli yathi: “Siyizwile indlela uJehova omisa ngayo amanzi oLwandle Olubomvu phambi kwenu lapho niphuma eGibhithe.”—Joshuwa 2:10.

Abantu abaningi namuhla bayafana nalawo maGibhithe. Abakholwa ukuthi uJehova unguNkulunkulu womhlaba wonke. Ngakho uJehova ufuna ukuba abantu bakhe baxoxele abanye ngaye. Yilokho uJesu akwenza. Lapho esezohamba emhlabeni, watshela uJehova ngomthandazo: “Ngibazisile igama lakho.”—Johane 17:26.

UJesu wenza igama likaNkulunkulu laziwa. Ungamkhombisa yini umuntu igama likaNkulunkulu eBhayibhelini?

Uyafuna yini ukufana noJesu? Uma ufuna, tshela abanye ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova. Ungase uthole ukuthi abantu abaningi abalazi. Mhlawumbe ungase ubatshengise umbhalo oseBhayibhelini kumaHubo 83:18. Manje asithathe iBhayibheli sivule lowo mBhalo ndawonye. Uthi: “Ukuze abantu bazi ukuthi wena, ogama lakho linguJehova, wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.”

Sifundani kulo mBhalo?— Sifunda ukuthi igama elithi Jehova yigama elibaluleke kunawo wonke. Yigama likaNkulunkulu uMninimandla onke, uBaba kaJesu, futhi okunguYena owenza zonke izinto. Futhi khumbula, uJesu wathi kufanele sithande uJehova uNkulunkulu ngayo yonke inhliziyo yethu. Uyamthanda yini wena uJehova?—

Singabonisa kanjani ukuthi siyamthanda uJehova?— Okokuqala, ngokumenza abe uMngane wethu. Okwesibili, ngokutshela abanye igama lakhe. Singababonisa eBhayibhelini ukuthi igama lakhe uJehova. Singabatshela nangezinto ezinhle kakhulu uJehova azidalile nazenzile. Uma senza kanjalo uJehova uyojabula kakhulu ngoba ufuna abantu bamazi. Singamenza nathi ajabule, angithi?—

Akubona bonke abantu abayofuna ukulalela uma sibaxoxela ngoJehova. Abantu abaningi abazange balalele ngisho nalapho uJesu, uMfundisi Omkhulu, ekhuluma ngoJehova. Kodwa lokho akuzange kwenze uJesu ayeke ukukhuluma ngoJehova.

Ngakho masilingise uJesu. Masiqhubeke sikhuluma ngoJehova. Uma senza kanjalo, uJehova uNkulunkulu uyojabula ngathi ngoba sibonisa ukuthi siyalithanda igama lakhe.

Manje fundani ndawonye amanye amavesi eBhayibheli abonisa ukubaluleka kwegama likaNkulunkulu: Isaya 12:4, 5; Mathewu 6:9; Johane 17:6; neyabaseRoma 10:13.