Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 16

Yini Ebaluleke Ngempela?

Yini Ebaluleke Ngempela?

Wayenayiphi inkinga lo muntu?

NGELINYE ilanga umuntu othile waya kuJesu. Wayazi ukuthi uJesu uhlakaniphe kakhulu, ngakho wathi kuye: ‘Mfundisi, tshela umfowethu anginike ezinye izinto zakhe.’ Lo muntu wayecabanga ukuthi kufanele ezinye zalezo zinto zize kuye.

Ukube wawunguJesu, wawuyothini?— UJesu wabona ukuthi lo muntu unenkinga. Kodwa inkinga kwakungekona ukuthi ufuna izinto zomfowabo. Inkinga yalo muntu kwakuwukuthi wayengazi ukuthi yini ebaluleke ngempela ekuphileni.

Ake sicabange ngalokhu. Yini okufanele ibaluleke kakhulu kithi? Ingabe kufanele kube ukuba namathoyizi amahle, izingubo ezintsha noma ezinye izinto ezinhle?— Cha, kukhona okubaluleke ngaphezu kwalezo zinto. Futhi yileso sifundo uJesu ayefuna ukusifundisa. Ngakho waxoxa indaba yendoda eyakhohlwa uNkulunkulu. Ungathanda ngikuxoxele yona?—

Le ndoda yayicebe kakhulu. Yayinepulazi nezinqolobane. Izitshalo eyayizilimile zakhula kahle kakhulu. Izinqolobane zagcwala kwaphela indawo yokubeka isivuno. Yayizokwenzani-ke manje? Yacabanga: ‘Ngizodiliza izinqolobane zami ngakhe ezinkudlwana. Bese ngibeka sonke isivuno sami nazo zonke izinto zami ezinhle kulezi zinqolobane ezintsha.’

Lesi sicebi sasicabanga ukuthi kuwukuhlakanipha ukwenza kanjalo. Sasicabanga ukuthi sihlakaniphe kakhulu ngokubeka izinto eziningi. Sathi ngenhliziyo: ‘Nginezinto eziningi ezinhle engizibekile. Zizongiqhuba iminyaka eminingi. Manje sengingaphumula. Ngizokudla, ngiphuze, ngizijabulise.’ Kodwa indlela esasicabanga ngayo lesi sicebi yayinephutha. Uyazi ukuthi laliyini iphutha?— Sasicabanga ngaso kuphela nangenjabulo yaso. Sakhohlwa uNkulunkulu.

Sicabangani lesi sicebi?

UNkulunkulu wabe esekhuluma nalesi sicebi. Wathi: ‘Siwula sendoda. Uzokufa namuhla ebusuku. Zizoba ezikabani-ke lezi zinto ozibekile?’ Lesi sicebi sasingazisebenzisa yini lezo zinto sesifile?— Cha, kwakuzoba ezomunye umuntu. UJesu wathi: “Kunjalo ngomuntu oziqongelelela umcebo kodwa engacebile kuNkulunkulu.”—Luka 12:13-21.

Uyafuna yini wena ukufana naleso sicebi?— Into eyayibaluleke kakhulu ekuphileni kwaso kwakuwukuba nezinto. Kwakuyiphutha lelo. Sasihlale sifuna ezinye izinto eziningi. Kodwa ‘sasingacebile kuNkulunkulu.’

Abantu abaningi bafana naleso sicebi. Bahlale befuna ezinye izinto eziningi. Kodwa loku kungadala izinkinga ezinkulu. Ngokwesibonelo, angithi unawo amathoyizi?— Yimaphi amathoyizi onawo? Awuwasho.— Uyokwenzenjani uma omunye wabangane bakho enebhola noma unodoli noma elinye ithoyizi ongenalo wena? Uyobe wenza into enhle yini uma uzama ukwenza abazali bakho bakuthengele lelo thoyizi?—

Ngezinye izikhathi ungase ubone sengathi ithoyizi libaluleke kakhulu. Kodwa liba njani ngemva kwesikhathi?— Liyaguga. Lingase liphuke, ungabe usafuna nokulibona. Unento eyigugu ngaphezu kwamathoyizi. Uyayazi leyo nto?—

Yini onayo eyigugu ngaphezu kwamathoyizi?

Ukuphila kwakho. Ukuphila kwakho kubaluleke kakhulu ngoba ayikho into ongayenza uma ungasaphili. Kodwa ukuze uphile kufanele wenze izinto ezijabulisa uNkulunkulu, angithi?— Ngakho masingafani nalesiya sicebi esiyisiwula esakhohlwa uNkulunkulu.

Akuzona izingane zodwa ezingase zenze izinto eziwubuwula njengalesiya sicebi. Abantu abadala abaningi bayazenza nabo izinto eziwubuwula. Abanye babo bahlale befuna izinto eziningi kunalezo abanazo. Kungenzeka ukuthi banakho ukudla okwanele, izingubo zokugqoka nendawo yokuhlala. Kodwa bafuna okunye. Bafuna izingubo eziningi. Bafuna nezindlu ezinkulu. Lezi zinto ziyabiza. Ngakho basebenza kanzima ukuze bathole imali eningi. Futhi lapho sebenemali eningi, bafuna izinto eziningi.

Abanye abantu abadala baba matasa kakhulu bezama ukuthola imali baze bangabi nasikhathi sokuba nemikhaya yabo. Futhi abanasikhathi sikaNkulunkulu. Imali yabo ingabagcina yini bephila?— Cha ngeke. Bangathenga yini ngemali yabo uma sebefile?— Cha. Ngoba abafileyo abakwazi kwenza lutho.—UmShumayeli 9:5, 10.

Ingabe lokhu kusho ukuthi akulungile ukuba nemali?— Cha. Sithenga ukudla nezingubo ngemali. IBhayibheli lithi iyisivikelo. (UmShumayeli 7:12) Kodwa uma siyithanda imali, siyongena enkingeni-ke. Siyofana nalesiya sicebi esiyisiwula esazibekela umcebo kodwa singacebile kuNkulunkulu.

Kusho ukuthini ukuceba kuNkulunkulu?— Kusho ukubeka uNkulunkulu kuqala ekuphileni kwethu. Abanye abantu bathi bayakholwa kuNkulunkulu. Bacabanga ukuthi uma nje bekholwa sebeqedile. Kodwa bacebile ngempela yini kuNkulunkulu?— Cha, bafana nesicebi esakhohlwa uNkulunkulu.

UJesu akazange amkhohlwe uBaba wakhe osezulwini. Akazange azame ukwenza imali eningi. Futhi wayengenazo izinto eziningi. UJesu wayazi ukuthi yini ebaluleke ngempela ekuphileni. Uyazi wena ukuthi yini leyo?— Ukuceba kuNkulunkulu.

Yini ebaluleke ngempela eyenziwa yile ngane?

Awusho, singaceba kanjani kuNkulunkulu?— Singaceba kuNkulunkulu ngokwenza izinto ezimjabulisayo. UJesu wathi: “Ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezimjabulisayo.” (Johane 8:29) UNkulunkulu uyajabula uma senza izinto afuna sizenze. Awungitshele-ke, yiziphi izinto ongazenza ukuze ujabulise uNkulunkulu?— Ungafunda iBhayibheli, uye esifundweni, uthandaze kuNkulunkulu, usize nabanye bafunde ngaye. Nazo-ke izinto ezibaluleke ngempela ekuphileni.

Ngenxa yokuthi uJesu wayecebile kuNkulunkulu, uJehova wamnakekela. Wanika uJesu umvuzo wokuphila phakade. Uma sifana noJesu, uJehova uyosithanda futhi asinakekele nathi. Ngakho kwangathi singaba njengoJesu singalokothi sibe njengalesiya sicebi esakhohlwa uNkulunkulu.

Nansi eminye imiBhalo yeBhayibheli ebonisa ukuthi kufanele sizibheke kanjani izinto: IzAga 23:4; 28:20; 1 Thimothewu 6:6-10; namaHebheru 13:5.