AbaDala
Iziphi izimfuneko abadala abangamaKristu okufanele bahlangabezane nazo?
Abadala bebandla kudingeka babe izibonelo ngaziphi izindlela?
Mat 28:19, 20; Gal 5:22, 23; 6:1; Efe 5:28; 6:4; 1Ti 4:15; 2Ti 1:14; Tit 2:12, 14; Heb 10:24, 25; 1Pe 3:13
Yini edingekayo ukuze ube inceku ekhonzayo?
Umoya kaNkulunkulu ubasiza kanjani abazalwane lapho kukhethwa abadala?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
IzE 13:2-5; 14:23—Ababonisi abajikelezayo uPawulu noBarnaba bakhetha amadoda athenjwayo ukuba abe abadala emabandleni ahlukahlukene; nanamuhla ababonisi besigodi benza okufanayo, bathandazela umoya ongcwele, bazilandele ngokucophelela iziqondiso ezisemiBhalweni ephefumulelwe ngomoya, okuyiyo enezimfuneko zabadala
-
Tit 1:1, 5—UThithu unikezwa isabelo sokuhambela amabandla ahlukahlukene nokukhetha amadoda ukuba abe abadala
-
Lingelikabani ibandla futhi yini ayidela ukuze libe khona?
Kungani iBhayibheli lichaza abadala noma ababonisi ngokuthi izikhonzi noma izinceku?
Kungani abadala kumelwe bathobeke ngaso sonke isikhathi?
Flp 1:1; 2:5-8; 1Th 2:6-8; 1Pe 5:1-3, 5, 6
-
Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:
-
IzE 20:17, 31-38—Umphostoli uPawulu uhlola umsebenzi asewenzile nabadala base-Efesu futhi bayambonga ngothando alubonisile
-
Abadala abangamaKristu basibheka kanjani isiqondiso abasithola ‘ngenceku ethembekile neqondayo’?
Iyiphi indlela engcono kakhulu abadala abangayisebenzisa lapho befundisa abanye?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Neh 5:14-16—UMbusi uNehemiya akalisebenzisi kabi igunya lakhe ngenxa yokuthi uyamhlonipha uJehova, akathathanga ngisho nalokho okwakufanele kube ngokwakhe
-
Joh 13:12-15—UJesu ufundisa abalandeli bakhe isifundo sokuthobeka ngokuba isibonelo
-
Umalusi ongumKristu angambonisa kanjani umuntu ngamunye uthando ebandleni?
Abadala babasiza kanjani abagulayo ngokomoya?
Yini abadala okufanele bayiqaphele lapho befundisa?
1Ti 1:3-7; 2Ti 2:16-18; Tit 1:9
Bheka nalo mBhalo 2Ko 11:2-4
Kungani abadala kufanele baqikelele ukuthi bagcina ibandla lihlanzekile ngokokuziphatha?
1Ko 5:1-5, 12, 13; Jak 3:17; Jud 3, 4; IsA 2:18, 20
Bheka nalo mBhalo 1Ti 5:1, 2, 22
Abadala baqeqesha obani?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Mat 10:5-20—UJesu uqeqesha abaphostoli bakhe abangu-12 ngaphambi kokubathuma ukuba bayoshumayela
-
Luk 10:1-11—UJesu uyala abafundi bakhe abangu-70 futhi ubanika iziqondiso ngaphambi kokubathuma ukuba bayoshumayela
-
Yini ezosiza abadala ukuba banakekele imisebenzi yabo eminingi?
Bheka nalo mBhalo IzA 3:5, 6
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
1Kh 3:9-12—INkosi uSolomoni ithandaza kuJehova icela ikhono lokwahlukanisa nokuqonda ukuze yahlulele isizwe sikaJehova
-
2Kr 19:4-7—INkosi uJehoshafati imisa abahluleli emadolobheni akwaJuda futhi iyabakhumbuza ukuthi uJehova uzoba nabo njengoba benza lo msebenzi obalulekile
-
Ibandla kumele libaphathe kanjani abadala abathembekile?
1Th 5:12, 13; 1Ti 5:17; Heb 13:7, 17
Bheka nalo mBhalo Efe 4:8, 11, 12
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
IzE 20:37—Abadala base-Efesu abananazi ukubonisa umphostoli uPawulu uthando
-
IzE 28:14-16—Umphostoli uPawulu uya ngaseRoma, abazalwane bakulelo dolobha bahamba amakhilomitha angu-65 beyomhlangabeza eMakethe ka-Aphiyo ukuze bamkhuthaze
-