Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AbaZali

AbaZali

Iziphi ezinye izizathu ezenza uJehova wasungula umshado?

Abazali kufanele bazizwe kanjani ngezingane zabo?

Hu 127:3-5; 128:3

Bheka nesithi “IziNgane; Intsha

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

Yini abazali okufanele bayenzele izingane zabo?

Dut 6:6, 7; 11:18, 19; IzA 22:6; 2Ko 12:14; 1Ti 5:8

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Sa 1:1-4—U-Elkana uletha umndeni wakhe emikhosini eShilo, uyaqinisekisa ukuthi ingane ngayinye iyahlanganyela ekukhonzeni uJehova

    • Luk 2:39, 41—UJosefa noMariya bajwayele ukusuka eNazaretha baye eJerusalema nezingane zabo ukuze bayogubha umkhosi wePhasika

Kusiza ngani ukuqeqesha izingane ngemithetho kaJehova?

IzA 1:8, 9; 22:6

Bheka nalo mBhalo 2Ti 3:14, 15

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Sa 2:18-21, 26; 3:19—Abazali bakaSamuweli banikela ngendodana yabo ukuba iyokhonza etabernakele kodwa bayivakashela njalo, bayinakekele; ikhula ibe indoda emthanda kakhulu uJehova

    • Luk 2:51, 52—UJesu uyabathobela abazali bakhe ngisho noma benesono

Abazali bangasithola kuphi isiqondiso sokukhulisa izingane zabo?

Dut 6:4-9; Efe 6:4; 2Ti 3:14-17

Bheka nale miBhalo Hu 127:1; IzA 16:3

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Hlu 13:2-8—Lapho esetsheliwe ukuthi umkakhe uzothola indodana ngokuyisimangaliso, uManowa ucela uJehova amqondise endleleni okumele ayikhulise ngayo

    • Hu 78:3-8—UJehova ufuna abazali bazifundise izingane zabo lokho abakufundile eBhayibhelini

Yini engenza ingane ikhethe ukungamkhonzi uJehova ngisho noma ikhule emndenini othanda uNkulunkulu?

Hez 18:1-13, 20

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Gen 6:1-5; Jud 6—Amadodana omoya amaningi akhetha ukuhlubuka kuJehova nakuba esephile naye isikhathi eside ezulwini

    • 1Sa 8:1-3—Nakuba uSamuweli ethembekile futhi engumprofethi olungile amadodana akhe awathembeki futhi akhohlakele

Abazali kufanele baqale nini ukufundisa izingane zabo izindlela zikaNkulunkulu?

2Ti 3:15

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Dut 29:10-12, 29; 31:12; Ezr 10:1—Izingane ziba khona kuyo yonke imihlangano ukuze zifunde ngoJehova

    • Luk 2:41-52—UJosefa noMariya bavamile ukuletha izingane zabo, kuhlanganise noJesu, emkhosini wePhasika ethempelini eJerusalema

Abazali kufanele balandele ziphi izibonelo uma kuziwa endabeni yokuvikela izingane zabo kulabo abangazilimaza?

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Eks 19:4; Dut 32:11, 12—UJehova uzifanisa nokhozi oluthwala, luvikele futhi lunakekele amaphuphu alo

    • Isay 49:15—UJehova uthembisa ukunakekela nokuvikela izinceku zakhe ukwedlula indlela umama oncelisayo abonisa ngayo ingane yakhe uzwela

    • Mat 2:1-16—USathane uzama ukubulala uJesu owusana ngokuholela ababhula ngezinkanyezi enkosini embi uHerode kodwa uJehova uyayivikela iNdodana yakhe ngokutshela uJosefa ukuba athuthele eGibhithe, yena nomndeni wakhe

    • Mat 23:37—UJesu ufanisa isifiso sokusiza abantu bakhe nendlela isikhukhukazi esibuthela ngayo amatshwele aso ngaphansi kwamaphiko aso

Kungani abazali kufanele bafundise izingane zabo ngocansi?

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Lev 15:2, 3, 16, 18, 19; Dut 31:10-13—UMthetho KaMose ukhuluma ngokucacile ngocansi futhi uJehova uthi izingane kufanele zibe khona lapho lo Mthetho ufundwa ngokuzwakalayo

    • Hu 139:13-16—Umhubi uDavide udumisa uJehova ngendlela awenze ngayo umzimba womuntu nangendlela okwazi ngayo ukuthola abantwana

    • IzA 2:10-15—Ukuba nolwazi nokuhlakanipha okuvela kuJehova kungasivikela kulabo abenza izinto ezimbi nabakhohlisayo

Kungani kufanele izingane ziyalwe ngothando?

IzA 13:24; 29:17; Jer 30:11; Efe 6:4

Bheka nale miBhalo Hu 25:8; 145:9; Kol 3:21

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Hu 32:1-5—INkosi uDavide iyabuzwa ubunzima besiyalo sikaJehova kodwa ifunda ukuthi uJehova uyabathethelela labo abaphenduka ngempela ezonweni zabo

    • Jon 4:1-11—Umprofethi uJona ukhuluma noJehova ethukuthele futhi uyamedelela; noma kunjalo, ngesineke, uJehova umfundisa ngesihe

Kungani isiyalo siyindlela yokubonisa uthando?