ImiKhosi
Imikhosi amaKristu ayigubhayo
Yimuphi umkhosi amaKristu okufanele awugubhe?
Abantu bakaNkulunkulu bahlangana ndawonye ukuze bakhonze
Imikhosi amaKristu ayigwemayo
Kungani kukubi ukugubha imikhosi ehlobene nenkolo yamanga?
1Ko 10:21; 2Ko 6:14-18; Efe 5:10, 11
Bheka nesithi “Ukuxuba Inkolo Yeqiniso Neyamanga”
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Eks 32:1-10—Ama-Israyeli acasula uJehova lapho exuba inkolo yeqiniso neyamanga
-
Num 25:1-9—UJehova ujezisa abantu bakhe ngoba begubhe imikhosi yenkolo yamaqaba futhi beziphathe kabi ngokocansi
-
Kufanele yini amaKristu agubhe uKhisimusi?
Kufanele yini amaKristu agubhe izinsuku zokuzalwa?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Gen 40:20-22—UFaro ongamkhonzi uNkulunkulu ugubha usuku lwakhe lokuzalwa, kulo kubulawa umuntu
-
Mat 14:6-11—Ngesikhathi iNkosi uHerode, ezonda abalandeli bakaKristu, igubha usuku lwayo lokuzalwa ibulala uJohane uMbhapathizi
-
Imikhosi esekelwe eMthethweni KaMose
Izimfuneko zoMthetho KaMose, ezihlanganisa imikhosi ehlukahlukene, ziyasebenza yini nakumaKristu?
Bheka nale miBhalo Gal 4:4, 5, 9-11; Heb 8:7-13; 9:1-3, 9, 10, 24
Kufanele yini amaKristu agubhe iSabatha lamasonto onke?
Bheka nalo mBhalo Eks 31:16, 17
Imikhosi yobuzwe
Kufanele yini amaKristu agubhe imikhosi yezwe?
Bheka nesithi “OHulumeni—AmaKristu Awathathi Hlangothi”
Kufanele yini amaKristu akhumbule futhi ahloniphe izimpi zezwe?
Bheka nesithi “OHulumeni—AmaKristu Awathathi Hlangothi” nesithi “IMpi”
Kufanele yini amaKristu ahlanganyele emikhosini edumisa abantu abavelele?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
IzE 12:21-23—UNkulunkulu ujezisa iNkosi uHerode ngokuvuma ukudunyiswa abantu
-
IzE 14:11-15—Umphostoli uBarnaba noPawulu benqaba ukudunyiswa ngokweqile
-
IsA 22:8, 9—Ingelosi kaJehova iyenqaba ukudunyiswa
-