INhliziyo
IBhayibheli libonisa kanjani ukuthi inhliziyo engokomfanekiso iyilokho umuntu anguye ngaphakathi kuhlanganise imicabango, izinhloso, ubuntu bakhe nemizwa yakhe?
Hu 49:3; IzA 16:9; Luk 5:22; IzE 2:26
Bheka nale miBhalo Dut 15:7; Hu 19:8
-
Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:
-
Luk 9:46-48—UJesu ulungisa abalandeli bakhe ngoba ebona ukuthi ezinhliziyweni zabo bafuna ukuvelela
-
Kungani kubalulekile ukuqapha izinhliziyo zethu?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Gen 6:5-7—Ububi obusenhliziyweni yomuntu bumenza abe nodlame futhi kwenza uNkulunkulu alethe uZamcolo emhlabeni wonke
-
1Kh 11:1-10—INkosi uSolomoni iyahluleka ukuqapha inhliziyo yayo, ishada namakhosikazi ezinye izizwe, agcina echezukisa inhliziyo yayo kuJehova
-
Mar 7:18-23—UJesu uthi inhliziyo iwumthombo wazo zonke izinto ezingangcolisa umuntu phambi kukaNkulunkulu
-
Singazivikela kanjani izinhliziyo zethu?
Hu 19:14; IzA 3:3-6; Luk 21:34; Flp 4:8
Bheka nale miBhalo Ezr 7:8-10; Hu 119:11
-
Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:
-
Efe 6:14-18; 1Th 5:8—Lapho echaza isembatho sempi esivela kuNkulunkulu, umphostoli uPawulu uthi ukulunga, ukholo nothando kungavikela izinhliziyo zethu ezingokomfanekiso njengoba nje isivikelo sesifuba sivikela inhliziyo engokoqobo
-
Singabona kanjani uma inhliziyo yethu engokomfanekiso inenkinga?
Bheka nalo mBhalo IzA 6:12-14
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
2Kr 25:1, 2, 17-27—Okwesikhathi esithile, iNkosi u-Amaziya iyamlalela uNkulunkulu kodwa hhayi ngokusuka enhliziyweni, ngokuhamba kwesikhathi iyaqhosha futhi ingathembeki bese ibhekana nemiphumela
-
Mat 7:17-20—UJesu uthi njengoba nje nesihlahla esibi sithela izithelo ezimbi nenhliziyo embi iholela umuntu ukuba enze izinto ezimbi
-
Kungani kufanele silwele ukuba nezinhliziyo ezinhle futhi singakwenza kanjani lokho?
Bheka nale miBhalo Hu 119:97, 104; Rom 12:9-16; 1Ti 1:5
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
2Kh 20:1-6—Lapho ibhekene nokufa, iNkosi uHezekiya incenga uJehova ukuba ayibonise umusa ngenxa yokuthi yayimkhonze ngenhliziyo ephelele nangokwethembeka
-
Mat 21:28-32—UJesu usebenzisa umfanekiso ukuze abonise ukuthi isimo senhliziyo yomuntu sivezwa yizinto azenzayo kunalokho akushoyo
-
Kungani kusiqinisa idolo ukwazi ukuthi uJehova uhlola izinhliziyo zethu?
Bheka nalo mBhalo 1Sa 2:3
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
1Sa 16:1-13—Umprofethi uSamuweli ufunda ukuthi uJehova akakhohliswa ukubukeka komuntu; kunalokho, ubona lokho okusenhliziyweni
-
2Kr 6:28-31—Umthandazo weNkosi uSolomoni ewenza lapho kunikezelwa ithempeli likaJehova ubonisa ukuthi uNkulunkulu ukubona ngokunembile okusenhliziyweni yomuntu futhi uyakuqonda
-