Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IseLuleko

IseLuleko

Ukwelulekwa

Kungani kufanele sifune iseluleko esisekelwe eBhayibhelini?

Kungani kukuhle ukulalela iseluleko kunokuzama ukuzithethelela?

IzA 12:15; 29:1

Bheka nale miBhalo IzA 1:23-31; 15:31

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Sa 15:3, 9-23—Lapho umprofethi uSamuweli etshela uSawule iphutha lakhe, inkosi ibeka izaba futhi ayisilaleli iseluleko; ngakho uJehova uyayilahla

    • 2Kr 25:14-16, 27—Lapho iNkosi u-Amaziya yona futhi ingasilaleli iseluleko esivela kumprofethi kaJehova, yalahlekelwa umusa nesivikelo sikaJehova

Kungani kufanele sibahloniphe abadala nababonisi abasinika iseluleko?

1Th 5:12; 1Ti 5:17; Heb 13: 7, 17

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:

    • 3Jo 9, 10—Umphostoli uJohane osekhulile ukhuza uDiyotrefe ngenxa yokuthi udelela labo abaholayo ebandleni lobuKristu

Kungani kufanele silalele asebekhulile?

Lev 19:32; IzA 16:31

Bheka nale miBhalo Job 12:12; 32:7; Tit 2:3-5

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Sa 23:16-18—INkosi uDavide ilalela iseluleko sikaJonathani, omdala kunayo ngeminyaka engu-30 futhi siyayikhuthaza

    • 1Kh 12:1-17—INkosi uRehobowamu inqaba iseluleko esihle samadoda amadala, ilalela iseluleko esingahlakaniphile sezinsizwa, lokhu kuholela enhlekeleleni

Yini ebonisa ukuthi abesifazane abathembekile nentsha eyizinceku zikaJehova bangakwazi ukunikeza iseluleko esihlakaniphile?

Job 32:6, 9, 10; IzA 31:1, 10, 26; Shu 4:13

Bheka nalo mBhalo Hu 119:100

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Sa 25:14-35—U-Abhigayili unikeza iNkosi uDavide iseluleko esisindisa ukuphila kwabantu abaningi nesimsiza agweme ukubulala abantu abangenacala

    • 2Sa 20:15-22—Owesifazane ohlakaniphile wasedolobheni lase-Abela, unikeza iseluleko esisindisa ukuphila kwabantu abahlala kulelo dolobha

    • 2Kh 5:1-14—Intombazanyana engumIsrayeli isho okuthile okungasiza iqhawe elinamandla lilapheke ochokweni

Kungani kungafanele silalele iseluleko salabo abangamhloniphi uJehova noma iZwi lakhe?

Hu 1:1; IzA 4:14

Bheka nalo mBhalo Luk 6:39

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Kr 10:13, 14—INkosi uSawule ibuza kosebenzelana nemimoya kunokubuza uJehova, ngenxa yokungathembeki kwayo iyafa

    • 2Kr 22:2-5, 9—INkosi u-Ahaziya ikhetha ukulalela abeluleki ababi, ngenxa yalokhu iyafa

    • Job 21:7, 14-16—UJobe akavumi ukucabanga njengalabo abangamhloniphi uJehova

Ukunikeza iseluleko

Kungani kubalulekile ukulalela, ukuthola wonke amaqiniso nokuzwa izinhlangothi zombili zendaba ngaphambi kokunikeza iseluleko?

IzA 18:13, 17

Bheka nalo mBhalo IzA 25:8

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Sa 1:9-16—UMpristi Ophakeme u-Eli unikeza uHana iseluleko esinokhahlo ngaphambi kokuba athole wonke amaqiniso, ecabanga ukuthi lona wesifazane othembekile udakiwe

    • Mat 16:21-23—Umphostoli uPetru ukhuza uJesu futhi ngenxa yokuthi akawazi wonke amaqiniso, umtshela ukuba enze okufunwa uSathane kunalokho okufunwa uJehova

Kungani kufanele sithandaze ngaphambi kokunikeza iseluleko?

Hu 32:8; 73:23, 24; IzA 3:5, 6

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Eks 3:13-18—Umprofethi uMose ubuza uJehova ukuthi iyiphi indlela enhle kakhulu angaphendula ngayo imibuzo ama-Israyeli angase ayibuze

    • 1Kh 3:5-12—Inkosi eseyintsha uSolomoni icela uJehova ayiphe ukuhlakanipha kunokuba izithembe yona, lokhu kuyenza ithole isibusiso sikaJehova

Kungani kufanele siqiniseke ukuthi iseluleko nezimpendulo esizinikezayo kusekelwe eBhayibhelini?

Hu 119:24, 105; IzA 19:21; 2Ti 3:16, 17

Bheka nalo mBhalo Dut 17:18-20

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Mat 4:1-11—Lapho uSathane elinga uJesu wamphendula ngokusekelwe eZwini likaNkulunkulu hhayi kokwakhe ukuhlakanipha

    • Joh 12:49, 50—UJesu uthi konke akufundisayo kusekelwe kulokho uYise amfundisa kona, okuyisibonelo esihle kithi

Kungani kufanele sizame ukuba mnene lapho seluleka othile size simncome uma kudingeka?

Gal 6:1; Kol 3:12

Bheka nale miBhalo Isay 9:6; 42:1-3; Mat 11:28, 29

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 2Kr 19:2, 3—UJehova ulungisa iNkosi uJehoshafati esebenzisa umprofethi, kodwa uphinde ayincome ngokuhle ekwenzile

    • IsA 2:1-4, 8, 9, 12-14, 18-20—UJesu uncoma amabandla ahlukahlukene ngaphambi kokuba awayale

Uma umKristu ekhononda kithi ngomunye umKristu omphathe kabi, mhlawumbe umkhohlisile noma ukhulume kabi ngaye, kungani kukuhle ukumkhuthaza ukuba bakhulume bodwa ngasese?

Mat 18:15-17; Luk 17:3

Bheka nalo mBhalo Lev 19:17

Singamkhuthaza kanjani umKristu onomuzwa wokuthi woniwe ukuba abonise umusa, isineke futhi axolele?

Mat 18:21, 22; Mar 11:25; Luk 6:36; Efe 4:32; Kol 3:13

Bheka nale miBhalo Mat 6:14; 1Ko 6:1-8; 1Pe 3:8, 9

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:

    • Mat 18:23-35—UJesu unikeza umfanekiso onamandla osibonisa ukuthi kungani kubaluleke kangaka ukuba sithethelele

Kungani kufanele sikumelele ngokuqinile okulungile lapho sinikeza iseluleko?

Hu 141:5; IzA 17:10; 2Ko 7:8-11

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Sa 15:23-29—Umprofethi uSamuweli akasabi ukunikeza iNkosi uSawule isiyalo

    • 1Kh 22:19-28—Umprofethi uMikhaya unqaba ukushintsha umyalezo wakhe oyisixwayiso oya eNkosini u-Ahabi nakuba esongelwa futhi ephathwa kabuhlungu

Singameluleka kanjani othile ngaphandle kokuphazamisa ubuhlobo bakhe noJehova?

Heb 12:11-13

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Luk 22:31-34—UJesu uthi uyaqiniseka ngokuthi umphostoli uPetru uzokwazi ukuqinisa abanye naphezu kwamaphutha amakhulu ayewenza

    • Flm 21—Umphostoli uPawulu uthi uyaqiniseka ngokuthi uFilemoni uzosilalela iseluleko sakhe esivumelana nentando kaNkulunkulu

Singawubonisa kanjani umusa lapho seluleka abanezinkinga noma abakhathazekile?

Singabonisa kanjani ukuthi umgomo wethu uwukusiza umuntu owonile aphinde abe nobudlelwane obuhle noJehova?

Singababonisa kanjani inhlonipho labo esibelulekayo kungakhathaliseki ukuthi bangakanani, abesilisa noma abesifazane?

Kungani abelusi beqinisa isandla kulowo osenqaba ngokuphindaphindiwe iseluleko seBhayibheli?