IsiKhuthazo
Kungani kubalulekile ukuba izikhonzi zikaNkulunkulu zikhuthazane?
Isay 35:3, 4; Kol 3:16; 1Th 5:11; Heb 3:13
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
2Kr 32:2-8—INkosi uHezekiya ikhuthaza abantu bayo lapho bezohlaselwa abase-Asiriya
-
Dan 10:2, 8-11, 18, 19—Ingelosi ikhuthaza futhi iqinisa umprofethi uDaniyeli osekhulile nosephelelwe amandla
-
Labo abanegunya banasiphi isibopho endabeni yokukhuthaza abanye?
Bheka nalo mBhalo Mat 11:28-30
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Dut 3:28; 31:7, 8—Umprofethi uMose ukhuthaza aqinise uJoshuwa, osezoba umholi wesizwe olandelayo, njengoba nje uJehova eyalile
-
IzE 11:22-26; 14:22—Phakathi nesikhathi soshushiso, umphostoli uPawulu nomphostoli uBarnaba bakhuthaza amaKristu ase-Antiyokiya
-
Kungani ukuncoma ngokusuka enhliziyweni kubalulekile lapho sikhuthaza abanye?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Hlu 11:37-40—Unyaka nonyaka, abesifazane bakwa-Israyeli bavakashela indodakazi kamaHluleli uJefta ukuze bayincome ngokuzidela kwayo
-
IsA 2:1-4—UJesu kwadingeka awalungise amaKristu ase-Efesu kodwa waphinde wawatshela ukuthi ayenza kahle
-
Izikhonzi zikaJehova ezithembekile zikhuthazana kanjani?
IzA 15:23; Efe 4:29; Flp 1:13, 14; Kol 4:6; 1Th 5:14
Bheka nalo mBhalo 2Ko 7:13, 15, 16
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
1Sa 23:16-18—UJonathani ufuna umngani wakhe osemncane uDavide futhi uyamkhuthaza njengoba ebhekene nesikhathi esinzima
-
Joh 16:33—UJesu ukhuthaza abalandeli bakhe ngokubabekela isibonelo nangokubaqinisekisa ukuthi njengaye, bangakwazi ukunqoba
-
IzE 28:14-16—Lapho umphostoli uPawulu esendleleni eya eRoma ecaleni lakhe, ubona abafowabo abathembekile abasuka kude bezomkhuthaza ngakho uba nesibindi
-
Kungani kubalulekile ukuba sigweme ukudelela nokukhononda?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Num 11:10-15—Umprofethi uMose udumele kakhulu ngenxa yokungalaleli kwabantu
-
Num 13:31, 32; 14:2-6—Inkulumo engakhi yezinhloli eziyishumi ezingenalo ukholo idumaza abantu futhi ibenza bavukele
-
Ukuzihlanganisa nesikholwa nabo kusenza kanjani sibe nesibindi?
IzA 27:17; Rom 1:11, 12; Heb 10:24, 25; 12:12
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
2Kr 20:1-19—Lapho iNkosi uJehoshafati isongelwa yibutho lempi elikhulu ibiza abantu ukuze bathandaze ndawonye
-
IzE 12:1-5, 12-17—Ngemva kokuba uJakobe ebulewe nomphostoli uPetru eboshiwe, ibandla laseJerusalema lihlangana ndawonye ukuze lithandaze
-
Kusisiza kanjani ukuba nethemba lapho sisesikhathini esinzima?
IzE 5:40, 41; Rom 8:35-39; 1Ko 4:11-13; 2Ko 4:16-18; 1Pe 1:6, 7
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Gen 39:19-23; 40:1-8—UJosefa uqanjelwe amanga futhi uboshelwe into angayenzanga kodwa uhlala ethembekile, ezimisele nokusiza abanye
-
2Kh 6:15-17—Umprofethi u-Elisha akangenwa amanzi emadolweni njengoba esengozini enkulu futhi uthandazela ukuba nesikhonzi sakhe singesabi
-
Ukuthola isikhuthazo eZwini likaJehova
Yini uJehova asiqinisekisa ngayo ebonisa ukuthi uyasithanda?
Ukucabanga ngesineke nangomusa kaJehova kungasikhuthaza kanjani?
Yini uJehova angayenzela labo abaphelelwe amandla?
Hu 46:1; Isay 12:2; 40:29-31; Flp 4:13
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
1Sa 1:10, 11, 17, 18—UJehova ulalela umthandazo kaHana, umsiza nokuba athole ukuthula lapho ecindezelekile futhi ephatheke kabi
-
1Kh 19:1-19—Lapho umprofethi u-Eliya edikibele, uJehova umnika ukudla namanzi. Uyamkhuthaza futhi uyamduduza ngokumnikeza ithemba ngekusasa
-
Ithemba esinalo ngekusasa elisekelwe eBhayibhelini lisenza kanjani sibe nesibindi?
2Kr 15:7; Hu 27:13, 14; Heb 6:17-19; 12:2
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Job 14:1, 2, 7-9, 13-15—Ngesikhathi uJobe esebunzimeni obukhulu, ududuzwa yithemba lovuko
-
Dan 12:13—Umprofethi uDaniyeli, oneminyaka ecela kweyikhulu, ukhuthazwa yingelosi emtshela ngomvuzo azowuthola
-
Kusikhuthaza kanjani ukuthandaza kuJehova nokuzindla ngalokho esikwaziyo ngaye?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
1Sa 30:1-9—Lapho iNkosi uDavide isebunzimeni, ithandaza kuJehova futhi ithola amandla
-
Luk 22:39-43—Lapho uJesu ebhekene novivinyo olukhulu, unxusa uJehova ngomthandazo, uyamphendula ngokuthumela ingelosi ukuze imqinise
-
Lapho sizwa imibiko ejabulisayo futhi siyixoxela abanye, singakhuthazeka kanjani?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
IzE 15:2-4—Umphostoli uPawulu nomphostoli uBarnaba bawakhuthaza kakhulu amabandla abawavakashelayo
-
3Jo 1-4—Umphostoli osekhulile uJohane ukhuthazeka kakhulu ukuzwa ukuthi labo abafundise iqiniso basathembekile
-