Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISono

ISono

Siyini isono futhi kungani sonke sinesono?

Yini eshiwo iBhayibheli ebonisa ukuthi singakwazi ukumelana nezifiso zethu zokwenza okungalungile?

Rom 6:12-14

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 2Sa 11:2-5, 14, 15, 26, 27; 12:1-13—INkosi uDavide yenza izono ezinkulu, ithola iseluleko esiqinile futhi izama kanzima ukulungisa amaphutha ayo

    • Rom 7:15-24—Umphostoli uPawulu uyisibonelo esihle sokholo nesomuntu ozinikele kuNkulunkulu, noma kunjalo uthi ulwisana nemicabango yokwenza okubi

Ukungazi nokukhohliswa kubabangela kanjani abaningi ukuba bone?

Kungani ukona ngamabomu kuyisono esikhulu?

USathane angazilinga kanjani izinceku zikaNkulunkulu ukuba zone?

IzA 1:10, 11, 15; Mat 5:28; Jak 1:14, 15

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Gen 3:1-6—Esebenzisa inyoka, uSathane ulinga u-Eva ngokusebenza isifiso sakhe sobugovu nesokuzicabangela yena ukuze amenze angamethembi uJehova

    • IzA 7:6-10, 21-23—INkosi uSolomoni ikhuluma ngensizwa entula ukuhlakanipha, ehluleka ukuzibamba lapho iyengwa owesifazane oziphethe kabi

Singalwisana kanjani nezilingo zikaSathane?

Efe 4:27; 6:10-18; Jak 4:7, 8

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • IzA 5:1-14—Njengalapho ubaba eluleka indodana yakhe, iNkosi uSolomoni inikeza iseluleko esihle esivela kuJehova sokuthi kungani kumele sigweme ukuziphatha kabi ngokocansi nokuthi singakugwema kanjani

    • Mat 4:1-11—UJesu usibekela isibonelo esihle sokubalekela amaqhinga kaSathane ngokuncika eZwini likaNkulunkulu

Yiziphi ezinye zezono ezinkulu amaKristu okumele azigweme?

Bheka nesithi “IMikhuba Emibi

Ukuvuma izono

Kungani kukubi ukuzama ukufihla izono zethu?

Ubani okumele sizivume kuye zonke izono zethu?

Ubani ‘onjengomsizi’ osicelelayo kuJehova?

Isoni singakwazi yini ukubonisa ukuthi siphendukile ngezenzo?

IzE 26:20; Jak 4:8-10

Bheka nesithi “UkuPhenduka

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Eks 22:1-12—EMthethweni KaMose, isela kufanele likhokhe elikuntshontshile

    • Luk 19:8, 9—Umqoqi wentela omkhulu uZakewu ubonisa ukuthi uphendukile ngokushiya izindlela zakhe nangokubuyisela akuthathe kubantu

Kungani singaqiniseka ngokuthi uJehova uzosithethelela uma sonile

Bheka nesithi “UkuThethelela

Yiliphi ilungiselelo uJehova alihlelile ukuze sithole usizo futhi sivikele ibandla lapho othile enza isono esikhulu?

Jak 5:14, 15

Bheka nale miBhalo IzE 20:28; Gal 6:1

Bathinteka kanjani abanye emndenini noma ebandleni lapho umuntu enze isono esikhulu?

Heb 12:15, 16

Bheka nalo mBhalo Dut 29:18

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Jos 7:1-13, 20-26—U-Akhani ulethela wonke u-Israyeli inhlekelele ngokwenza isono esikhulu nangokuzama ukusifihla

    • Jon 1:1-16—Umprofethi uJona ufaka ukuphila kwalabo anabo emkhunjini engozini ngoba engasilalelanga isiqondiso sikaJehova

    • 1Ko 5:1-7—EseKorinte, umphostoli uPawulu wembula isono esikhulu esingalimaza ibandla

Kungani kungafanele siyeke ukufuna ukulungiswa abadala ngoba sesaba isiyalo?

Kungani kufanele samukele ukuthi uNkulunkulu usesithethelele kunokuba siqhubeke siphatheka kabi ngenxa yesono esasenza kudala?

Bheka nesithi “UkuThethelela

Uma sesazi ngesono esikhulu esenziwe, kungani kufanele siqiniseke ngokuthi isoni sitshela abadala bebandla?

Lev 5:1

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:

    • Dut 13:6-9; 21:18-20—UMthetho KaMose uthi umuntu owenze isono esikhulu kumele abikwe, ngisho ngabe lowo muntu uyilungu lomndeni noma umuntu esimthandayo