Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OHulumeni

OHulumeni

Yimuphi uhulumeni amaKristu okufanele amsekele ngezinhliziyo zawo zonke futhi amthobele?

Mat 6:9, 10, 33; 10:7; 24:14

Bheka nalo mBhalo Dan 7:13, 14

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Hu 89:18-29—UJehova wenza uMesiya iNkosi futhi umnika igunya phezu kwabo bonke ababusi

    • IsA 12:7-12—Ekuqaleni kwezinsuku zokugcina, iNkosi uMesiya iqala ukubusa, uSathane uyaxoshwa ezulwini

Abalandeli bakaKristu abagcotshiwe banayiphi indima eMbusweni kaNkulunkulu?

AmaKristu ayabahlonipha ababusi abangabantu

Kungani sihlonipha imithetho ebekwe ohulumeni endaweni esihlala kuyo futhi sikhokha nentela?

Rom 13:1-7; Tit 3:1; 1Pe 2:13, 14

Bheka nalo mBhalo IzE 25:8

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:

    • Mat 22:15-22—Ngobuciko, uJesu uphendula umbuzo omayelana nokuthi kufanele yini abalandeli bakhe bakhokhe intela

Kungani singaziphindiseleli ngisho nalapho sishushiswa?

Joh 18:36; 1Pe 2:21-23

Bheka nesithi “UShushiso

AmaKristu awathathi hlangothi

Nakuba sibahlonipha ababusi abangabantu, kungani sibashaya indiva lapho bethi singamlaleli uJehova?

IzE 4:18-20; 5:27-29

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Dan 3:1, 4-18—Izinsizwa ezintathu ezingamaHebheru ziyenqaba ukulalela umthetho waseBhabhiloni ngoba wephula umthetho kaNkulunkulu

    • Dan 6:6-10—Umprofethi osekhulile uDaniyeli akawulaleli umthetho kahulumeni omnqabela ukuba athandaze

UJesu wababekela siphi isibonelo abalandeli bakhe endabeni yokungathathi hlangothi kohulumeni babantu?

Imithetho kaNkulunkulu eyenqabela ukukhonza izithixo ingamsiza kanjani umKristu angathathi hlangothi?

Eks 20:4, 5; 1Ko 10:14; 1Jo 5:21

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:

    • Dan 3:1, 4-18—INkosi uNebukhadinezari yenza isithombe, okungenzeka isenzele uNkulunkulu wamanga uMarduk futhi iyala ukuba zonke izikhonzi zayo zikhulekele lesi sithombe

Yiziphi izimiso zeBhayibheli ezingasiza umKristu okuthiwa akaye empini?

Isay 2:4; Joh 18:36

Bheka nalo mBhalo Hu 11:5

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Mat 26:50-52—UJesu ukwenza kucace ukuthi abalandeli bakhe akufanele bahlanganyele ezimpini zezwe

    • Joh 13:34, 35—UmKristu angase athi, ‘Ngiyobe ngiyawulalela yini lo myalo kaJesu uma ngingase ngibe sempini elwa namanye amazwe, mhlawumbe okungangenza ngihlasele futhi ngibulale abafowethu nodadewethu abangokomoya?’

Kungani amaKristu enqaba ukuba yingxenye yemibhikisho emelene nohulumeni basemhlabeni?

Kungani amaKristu kungafanele amangale lapho emangalelwa ngokungemthetho ngokuthi avukela uhulumeni futhi aphazamisa ukuthula?

Luk 23:1, 2; Joh 15:18-21

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:

    • IzE 16:19-23—Umphostoli uPawulu noSila bayashushiswa ngenxa yomsebenzi wabo wokushumayela