Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJesu Kristu

UJesu Kristu

Ibaluleke kangakanani indima kaJesu ekugcwalisekeni kwenjongo kaJehova?

IzE 4:12; 10:43; 2Ko 1:20; Flp 2:9, 10

Bheka nale miBhalo IzA 8:22, 23, 30, 31; Joh 1:10; IsA 3:14

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Mat 16:13-17—Umphostoli uPetru uthi uJesu unguKristu futhi uyiNdodana kaNkulunkulu

    • Mat 17:1-9—UJesu uguqulwa isimo phambi kwabaphostoli bakhe abathathu, uJehova uthi uJesu uyiNdodana yakhe

Yini eyenza uJesu wahluka kubo bonke abantu?

Joh 8:58; 14:9, 10, Kol 1:15-17; 1Pe 2:22

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Mat 21:1-9—Lapho uJesu engena eJerusalema egibele imbongolo, ugcwalisa isiprofetho esiphathelene neNkosi enguMesiya ekhethwe uJehova

    • Heb 7:26-28—Umphostoli uPawulu uchaza ukuthi uJesu, uMpristi Ophakeme kunabo bonke, uhluke kanjani kwabanye abapristi abaphakeme

Izimangaliso ezenziwa uJesu zisifundisani ngaye nangoYise?

Joh 3:1, 2; 5:36

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Mat 4:23, 24—UJesu ubonisa ukuthi unamandla kunamademoni nokuthi angelapha noma isiphi isifo nobuthakathaka

    • Mat 14:15-21—Ngokuyisimangaliso, uJesu usuthisa izinkulungwane zabantu abalambile ngezinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili

    • Mat 17:24-27—Ngokuyisimangaliso, uJesu wenza uPetru akwazi ukuthola imali yokukhokhela intela yasethempelini ukuze kungakhubeki muntu

    • Mar 1:40, 41—UJesu welapha indoda enochoko ngoba ezwelana nayo, okubonisa ukuthi unesifiso esijulile sokwelapha abagulayo

    • Mar 4:36-41—UJesu uthulisa isiphepho esikhulu esinamandla, okubonisa ukuthi uYise umnika igunya lokulawula ngisho nesimo sezulu

    • Joh 11:11-15, 31-45—UJesu uyakhala lapho kushona umngani wakhe uLazaru, ube esemvusa, okubonisa ukuthi uyakuzonda ukufa nobuhlungu okububangelayo kubantu

Wawuthini umyalezo kaJesu oyinhloko?

Yiziphi izimfanelo ezinhle uJesu azibonisa ngesikhathi esemhlabeni? Nazi ezinye zazo . . .

Kwakulula ukukhuluma naye—Mat 13:2; Mar 10:13-16; Luk 7:36-50

Wayenozwela nesihe—Mar 5:25-34; Luk 7:11-15

Wayenesibindi—Mat 4:2-11; Joh 2:13-17; 18:1-6

Wayethobekile—Mat 11:29; 20:28; Joh 13:1-5; Flp 2:7, 8

Wayenothando—Joh 13:1; 14:31; 15:13; 1Jo 3:16

Wayelalela—Luk 2:40, 51, 52; Heb 5:8

Wayehlakaniphile—Mat 12:42; 13:54; Kol 2:3

Kungani uJesu anikela ngokuphila kwakhe futhi lokho kusisiza kanjani?

Kungani kufanele kusijabulise ukuthi uJesu uyiNkosi ezulwini?

Hu 72:12-14; Dan 2:44; 7:13, 14; IsA 12:9, 10

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Hu 45:2-7, 16, 17—Leli hubo libonisa ukuthi iNkosi ekhethwe uNkulunkulu yayizonqoba zonke izitha zayo, ibuse ngeqiniso, ngokuthobeka nangokulunga

    • Isay 11:1-10—Lapho uJesu esebusa, umhlaba uzoba ipharadesi elinokuthula

Yini uJesu azoyenza esikhathini esizayo esiseduze?