UKholo
Sazi kanjani ukuthi uJehova ubheka ukholo njengento ebaluleke kakhulu?
Joh 3:16, 18; Gal 3:8, 9, 11; Efe 6:16; Heb 11:6
Bheka nalo mBhalo 2Ko 5:7
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
Heb 11:1–12:3—Umphostoli uPawulu uchaza ukuthi luyini ukholo aphinde abale izibonelo zabantu abaningi abanokholo, uqala ngo-Abela agcine ngoJesu Kristu
Jak 2:18-24—UJakobe ukhuluma ngesibonelo sika-Abrahama ukuze abonise ukuthi ukholo lwethu kufanele silubonise ngezenzo
Yini ezosisiza siqinise ukholo lwethu?
Rom 10:9, 10, 17; 1Ko 16:13; Jak 2:17
Bheka nalo mBhalo Heb 3:12-14
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
2Kr 20:1-6, 12, 13, 20-23—Lapho abantu bakaNkulunkulu behlaselwa, iNkosi uJehoshafati ibatshela ukuthi ukuze basinde kufanele babe nokholo kuJehova nakubaprofethi baKhe
1Kh 18:41-46—Umprofethi u-Eliya ubonisa ukholo ngokulinda uJehova ngesineke ukuba afeze isithembiso saKhe sokuqeda isomiso esase sithathe isikhathi eside