UKuba Qotho KuNkulunkulu
Buyini ubuqotho?
Hu 18:23-25; 26:1, 2; 101:2-7; 119:1-3, 80
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
Lev 22:17-22—UJehova ufuna ukuba izilwane eziyimihlatshelo ‘ziphile kahle’ noma zingabi nasici; igama elithi ‘eziphile kahle’ lihlobene ngokuseduze negama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi ubuqotho futhi lisikisela ukuthi ubuqotho buhilela ukuzinikela ngokuphelele kuJehova
Job 1:1, 4, 5, 8; 2:3—Ukuphila kukaJobe kubonisa ukuthi ukuze umuntu abe qotho kumele amhloniphe ngokujulile uJehova, amkhonze ngayo yonke inhliziyo futhi agweme izinto azizondayo
Kungani kudingeka sibe qotho?
Yini engasikhuthaza ukuba sihlale siqotho?
Bheka nale miBhalo IzA 27:11; 1Jo 5:3
Singaba qotho kanjani futhi yini esingayenza ukuze sihlale siqotho?
Bheka nale miBhalo Dut 5:29; Isay 48:17, 18
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
Job 31:1-11, 16-33—UJobe uzakhela idumela elihle lokuba umuntu oqotho ekuphileni kwakhe ngokugwema ukuziphatha kabi nangokuphatha abanye ngomusa nenhlonipho. Ukhonza uJehova ngendlela emsulwa, akakhonzi izithombe futhi uphila ukuphila okulula
Dan 1:6-21—UDaniyeli nabangani bakhe abathathu bahlala beqotho ngisho nalapho bekhetha ukudla abazokudla nakuba bephakathi kwabantu abangamkhonzi uJehova
Uma umuntu enza amaphutha amaningi, angakwazi yini ukuphinde abe qotho?
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
1Kh 9:2-5; Hu 78:70-72—INkosi uDavide yaphenduka ezonweni zayo yathethelelwa ngakho uJehova uyibheka njengomuntu oqotho
Isay 1:11-18—Nakuba uJehova etshela abantu ukuthi bayazenzisa futhi banezono ezinkulu, uthembisa ukuthi uzozihlanza uma bephenduka futhi beyeka izindlela zabo ezimbi