UkuCabangela
Kungani amaKristu kufanele acabangele abanye?
Bheka nalo mBhalo 1Ti 3:2, 3
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
Gen 18:23-33—UJehova ubonisa isineke ngokuvumela u-Abrahama aqhubeke embuza ngokuphathelene nokubhubhisa iSodoma neGomora
Gen 19:16-22, 30—UJehova uyamcabangela uLoti, wamukela isicelo sakhe sokubalekela eZowari kunasezintabeni
Mat 15:21-28—UJesu ubonisa ukucabangela ngokuvuma isicelo sowesifazane ongumFenike ngoba ebonisa ukholo oluqinile