Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UkuHluka Kwezigaba Zokuphila Emphakathini

UkuHluka Kwezigaba Zokuphila Emphakathini

Ingabe uNkulunkulu ubheka abanye abantu njengabangcono kunabanye ngenxa yohlanga, uhlu lozalo nokuthi banemali engakanani?

IzE 17:26, 27; Rom 3:23-27; Gal 2:6; 3:28

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:

    • Joh 8:31-40—AmaJuda athile aziqhayisa ngokuthi u-Abrahama ungukhokho wawo; nokho uJesu uyawakhuza ngoba awaziphathi njengo-Abrahama

Sikhona yini isizathu sokubabukela phansi abantu abavela kolunye uhlanga noma kwelinye izwe?

Joh 3:16; Rom 2:11

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Jon 4:1-11—UJehova ufundisa umprofethi uJona ngesineke ukuze naye abonise abaseNineve isihe, abantu bakwelinye izwe

    • IzE 10:1-8, 24-29, 34, 35—Umphostoli uPetru ufunda ukuthi akufanele abheke abantu beZizwe njengabangahlanzekile, ngakho usiza uKorneliyu nomndeni wakhe ukuba babe amaKristu okuqala eZizwe angasokwanga

Ingabe amaKristu acebile kufanele azibone emakhulu kunamanye noma alindele ukuphathwa ngendlela ekhethekile?

Ingabe ukuba umbonisi kusho ukuthi umuntu mkhulu kunabanye noma angabaphatha noma kanjani?

2Ko 1:24; 1Pe 5:2, 3

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Dut 17:18-20—UJehova utshela amakhosi akwa-Israyeli ukuthi akufanele aziphakamise abe ngaphezu kwabantu baKhe ngoba bangabafowabo

    • Mar 10:35-45—UJesu ukhuza abaphostoli bakhe ngokuthanda kwabo izikhundla ngokweqile

Ubonakala kanjani umuntu owamukelwa uNkulunkulu?

Ingabe amaKristu kufanele azame ukushintsha imithetho kahulumeni ebonakala sengathi ayinabulungisa?

Efe 6:5-9; 1Ti 6:1, 2

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:

    • Joh 6:14, 15—Abantu balindele ukuba uJesu abaxazululele izinkinga zesizwe kodwa uyenqaba ukuba inkosi yasemhlabeni