UkuKhonza
Ubani okuwukuphela komuntu okufanele simkhonze?
Eks 34:14; Dut 5:8-10; Isay 42:8
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Mat 4:8-10—USathane uthi uzonikeza uJesu yonke imibuso yezwe uma emkhonza kodwa uJesu uyanqaba, uzimisele ukukhonza uJehova kuphela
-
IsA 19:9, 10—Ingelosi enamandla iyenqaba ukukhonzwa umphostoli uJohane
-
UJehova ulindele ukuba simkhonze kanjani?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Isay 1:10-17—UJehova akazemukeli futhi uyazizonda izenzo zokumkhonza zokuzenzisa ezenziwa abantu abenqaba ukuphila ngemithetho yakhe
-
Mat 15:1-11—UJesu ubonisa ukuthi uJehova akafuni ukuba ukumkhonza kwethu kusekelwe emasikweni abantu kodwa ufuna kusekelwe emithethweni kaNkulunkulu
-
Uma kungenzeka, obani okufanele sikhulekele nabo uJehova?
Bheka nalo mBhalo Hu 133:1-3
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
IzE 2:40-42—Ngekhulu lokuqala, amaKristu ayehlangana ukuze athandaze, achithe isikhathi ndawonye futhi afunde imiBhalo ephefumulelwe umoya ongcwele
-
1Ko 14:26-40—Umphostoli uPawulu uyala ukuba imihlangano yebandla ihleleke futhi ikhuthaze ukuze wonke umuntu afunde aphinde akuqonde lokho okufundiswayo
-
Yini okufanele siyenze ukuze siqiniseke ukuthi ukukhulekela kwethu kuyamukeleka kuJehova?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Heb 11:6—Umphostoli uPawulu uchaza ukuthi kudingeka sibe nokholo uma sifuna ukukhonza uJehova ngendlela ayamukelayo
-
Jak 2:14-17, 24-26—UJakobe, umfowabo kaJesu ngamzali-munye, uchaza ukuthi ukholo lwethu kumele luhambisane nemisebenzi; ukholo lwethu lusiholela ezenzweni
-