UkuKhula Ngokomoya
Kungani wonke umKristu kufanele asebenze kanzima ukuze akhule ngokomoya?
Ukwazi imiBhalo kungasisiza kanjani sikhule ngokomoya?
Umuntu omncane angakhula yini ngokomoya?
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
Dan 1:6-20—UDaniyeli nabangani bakhe abathathu baba qotho, bebonisa ukuthi bakhulile ngokomoya nakuba bebancane
IzE 16:1-5—Lapho eneminyaka ecishe ibe ngu-20 noma ngaphansi, uThimothewu unikezwa izabelo ezinkulu
Ukuzihlanganisa nabantu abakahle ebandleni kungaba nayiphi imiphumela?
Kubonakala ngani uma singamaKristu akhulile ngokomoya?
Kungani umuntu wesilisa osekhulile ngokomoya kufanele akulungele ukwamukela ezinye izabelo ebandleni?
Yini engasisiza sikhule ngokomoya futhi sikwazi ukushumayela nokufundisa kahle?
Bheka nalo mBhalo Luk 11:13
Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:
Mat 10:19, 20—UJesu uthembisa abalandeli bakhe ukuthi umoya ongcwele uzobasiza bakwazi abazokusho ukuze banikeze ubufakazi lapho bequliswa amacala