UkuKhuthazela
Ingabe izinceku zikaJehova ziyakudinga ukukhuthazela?
Kungani kufanele silindele ukuthi abanye ngeke bazithande izindaba ezinhle esizishumayelayo, baze ngisho basishushise?
Mat 10:22; Joh 15:18, 19; 2Ko 6:4, 5
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
2Pe 2:5; Gen 7:23; Mat 24:37-39—Nakuba uNowa ‘engumshumayeli wokulunga,’ abantu abaningi abamlaleli futhi wuye nomndeni wakhe kuphela abasinda kuZamcolo
-
2Ti 3:10-14—Umphostoli uPawulu usebenzisa isibonelo sakhe sokukhuthazelela ukuhlupheka nobuhlungu ukuze afundise uThimothewu indlela yokukhuthazela
-
Kungani singalindela ukuthi ngisho namalungu omndeni wethu azosishushisa?
Mat 10:22, 36-38; Luk 21:16-19
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Gen 4:3-11; 1Jo 3:11, 12—UKhayini ubulala umfowabo ngenxa yezenzo zakhe ezimbi kuyilapho u-Abela yena elungile
-
Gen 37:5-8, 18-28—Abafowabo bakaJosefa bayamhlasela bese beyamdayisa ukuze abe isigqila ngoba ebatshele iphupho elivela kuJehova
-
Kungani kungamele sikwesabe ukufa lapho sishushiswa?
Bheka nalo mBhalo IsA 2:10
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Dan 3:1-6, 13-18—UShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego bancamela ukufa kunokukhulekela isithombe
-
IzE 5:27-29, 33, 40-42—Abaphostoli bayaqhubeka beshumayela futhi bekhuthazela nakuba besatshiswa ngokuthi bazobulawa
-
Yini ezosisiza sihlale sithembekile kuJehova ngisho noma siyalwa?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Num 20:9-12; Dut 3:23-28; 31:7, 8—Umprofethi uMose uyadumala lapho uJehova emyala kodwa ukhuthazela kuze kube sekugcineni
-
2Kh 20:12-18; 2Kr 32:24-26—INkosi uHezekiya iyona futhi iyajeziswa kodwa ngemva kwalokho iyazithoba ikhuthazele ngokwethembeka
-
Ukungathembeki kwabanye kungakuvivinya kanjani ukukhuthazela kwethu?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Hu 73:2-24—Lapho umhubi ebona ukuthi abantu ababi banokuthula futhi bayaphumelela, uyazibuza ukuthi kunanzuzoni ukukhuthazela kwakhe njengoba ekhonza uJehova
-
Joh 6:60-62, 66-68—Umphostoli uPetru uzimisele ukukhuthazela ngokholo nakuba abantu abaningi beyeka ukulandela uJesu
-
Yini ezosisiza sikhuthazele?
Ukunamathela kuJehova
Ukufunda iZwi likaNkulunkulu, ukutadisha nokuzindla
Ukuthandaza njalo kuJehova ngokusuka enhliziyweni
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Dan 6:4-11—Umprofethi uDaniyeli uyaqhubeka nokuthandaza njalo obala, nakuba kunetulo lokumbulala
-
Mat 26:36-46; Heb 5:7—Ngobusuku bakhe bokugcina esemhlabeni, uJesu uthandaza elusizi, unxusa abanye ukuthi nabo bathandaze
-
Ukuhlangana njalo nesikholwa nabo ukuze sikhonze ndawonye
Ukuhlale sizikhumbula izithembiso zikaJehova
Ukuqinisa indlela esithanda ngayo uJehova, abafowethu nodadawethu abangamaKristu nokulunga
Indlela yokuqinisa ukholo lwethu
Ukuba nombono ofanele lapho sishushiswa
Yiziphi izinzuzo zokukhuthazela ngokwethembeka?
Sidumisa uJehova uNkulunkulu
IzA 27:11; Joh 15:7, 8; 1Pe 1:6, 7
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Job 1:6-12; 2:3-5—USathane uphonsela uJehova inselele mayelana nobuqotho bukaJobe, le nselele ingaphendulwa kuphela uma uJobe ekhuthazela ngokwethembeka njengenceku kaJehova
-
Ro 5:19; 1Pe 1:20, 21—UJesu ukhuthazela ngokwethembeka kuze kube sekugcineni, lokhu kwenza kuphenduleke umbuzo obaluleke kakhulu: Ngokungafani no-Adamu, umuntu ongenasono angakwazi yini ukugcina ubuqotho bakhe, aphumelele ngisho nalapho evivinywa kanzima?
-
Sikhuthaza abanye ukuba bakhuthazele
Ukukhuthazela kwenza inkonzo yethu ithele
UJehova uyasamukela futhi sithola izibusiso
Mat 24:13; Luk 21:19; 1Ko 15:58; Heb 10:36
Bheka nale miBhalo Rom 2:6, 7; Jak 1:12