UkuLalela
Kubaluleke kangakanani ukulalela?
Eks 19:5; Dut 10:12, 13; Shu 12:13; Jak 1:22
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
1Sa 15:17-23—Umprofethi uSamuweli usola iNkosi uSawule ngokungamlaleli uJehova, ube esegcizelela ukubaluleka kokulalela
-
Heb 5:7-10—Nakuba uJesu ebelokhu eyiNdodana kaNkulunkulu engenasono, wafunda ukumlalela uYise lapho ephathwa kabi ngesikhathi esemhlabeni
-
Yini okufanele yenziwe umKristu uma umuntu osegunyeni emtshela ukuba angamlaleli uNkulunkulu?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Dan 3:13-18—AmaHebheru amathathu ayenqaba ukukhulekela isithombe esibekwe iNkosi uNebukhadinezari ngisho nalapho ukuphila kwawo kusengcupheni
-
Mat 22:15-22—UJesu uthi abalandeli bakhe kumele balalele ohulumeni ngaphandle uma ohulumeni bebacela ukuba bangamlaleli uJehova
-
IzE 4:18-31—Abaphostoli baqhubeka beshumayela ngesibindi ngisho nalapho ohulumeni bebatshela ukuba bayeke
-
Yini okufanele siyenze ukuze simlalele njalo uJehova?
Dut 6:1-5; Hu 112:1; 1Jo 5:2, 3
Bheka nale miBhalo Hu 119:11, 112; Rom 6:17
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Ezr 7:7-10—Umpristi othembekile u-Ezra ulungisa inhliziyo yakhe ukuze ahole ekulaleleni uMthetho KaNkulunkulu futhi afundise abanye ngawo
-
Joh 14:31—UJesu uyasitshela ukuthi kungani emlalela njalo uNkulunkulu
-
Yini okufanele isenze silalele uJehova noJesu?
Ukulalela kwethu kulubonisa kanjani ukholo esinalo?
Rom 1:5; 10:16, 17; Jak 2:20-23
Bheka nalo mBhalo Dut 9:23
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Gen 6:9-22; Heb 11:7—UNowa ubonisa ukuthi unokholo ngokwakha umkhumbi ngendlela uJehova amyala ngayo, wenza “kanjalo nje”
-
Heb 11:8, 9, 17—U-Abrahama ubonisa ukuthi unokholo ngokulalela imithetho kaJehova ngokungathuthi nje kuphela e-Uri kodwa nangokunikela ngendodana yakhe
-
UJehova ubathembisa ziphi izibusiso labo abamlalelayo?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Lev 26:3-6—UJehova uthembisa ukubabusisa nokubanakekela labo abamlalelayo
-
Num 13:30, 31; 14:22-24—UKalebi uyalalela futhi uthola izibusiso zikaJehova
-
Yini ezokwenzeka uma singalaleli?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Gen 2:16, 17; 3:17-19—U-Adamu no-Eva balahlekelwa ukuphila ePharadesi, ukuphila okungenasono nokuphila okuphakade ngenxa yokuthi abamlaleli uJehova uNkulunkulu
-
Dut 18:18, 19; IzE 3:12, 18, 22, 23—UJehova ubikezela ukuthi kuyofika umProfethi omkhulu kunoMose, uphinde aveze ukuthi ukungamlaleli lowo mProfethi kuzoletha imiphumela ebuhlungu
-
Jud 6, 7—Izingelosi ezivukelayo nezakhamuzi zaseSodoma naseGomora zithukuthelisa uJehova ngokungalaleli kwazo
-
Kungani kufanele silalele uJesu Kristu?
-
Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:
-
Joh 12:46-48; 14:24—UJesu uthi ukungamlaleli kuholela esahlulelweni esibi
-
Kungani amaKristu elalela abaholayo ebandleni?
Kungani inkosikazi engumKristu kufanele izithobe kumyeni wayo?
Kungani izingane kufanele zilalele abazali bazo?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Gen 37:3, 4, 8, 11-13, 18—UJosefa osemusha uyamlalela uyise futhi uyahamba ayobheka abafowabo nakuba bemzonda
-
Luk 2:51—UJesu uyazithoba kuJosefa nakuMariya nakuba bona benesono yena engenaso
-
Kungani kufanele silalele umqashi ngisho nalapho kungekho muntu osibhekile?
Kungani amaKristu elalela ohulumeni?