Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UkuLunga

UkuLunga

Ubani onegunya lokusho ukuthi yini elungile noma enobulungisa?

Dut 32:4; Hez 33:17-20

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Gen 18:23-33—UJehova ubonisa u-Abrahama ukuthi Yena ungumaHluleli olungile

    • Hu 72:1-4, 12-14—Leli hubo eliphefumulelwe lidumisa iNkosi enguMesiya elunge njengoJehova

Kusisiza kanjani ukuphila ngezimiso zikaJehova ezilungile?

Hu 37:25, 29; Jak 5:16; 1Pe 3:12

Bheka nale miBhalo Hu 35:24; Isay 26:9; Rom 1:17

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Job 37:22-24—U-Elihu ubabaza ukulunga kukaJehova, obangela izinceku zaKhe ukuba zimhloniphe ngokujulile

    • Hu 89:13-17—Umhubi ubabaza uJehova ngoba ubusa ngokulunga

Kusho ukuthini ukufuna ukulunga kukaNkulunkulu?

Hez 18:25-31; Mat 6:33; Rom 12:1, 2; Efe 4:23, 24

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Gen 6:9, 22; 7:1—UNowa uzibonakalisa elungile ngokwenza konke uJehova akucela kuye

    • Rom 4:1-3, 9—UJehova ubheka u-Abrahama njengolungile ngenxa yokuthi ubonisa ukholo oluqinile kuYe

Kungani kufanele sibonise ukulunga ngoba sithanda uJehova kunokufuna ukubonakala silungile emehlweni abantu?

Mat 6:1; 23:27, 28; Luk 16:14, 15; Rom 10:10

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Mat 5:20; 15:7-9—UJesu utshela abantu ukuba babe abalungile kodwa hhayi njengababhali nabaFarisi abangabazenzisi

    • Luk 18:9-14—UJesu wenza umfanekiso ukuze alungise labo abafuna ukubonakala belungile kuyilapho bebukela abanye abantu phansi

Kungani ubuhle bungcono kakhulu kunokulunga?

Kungani kufanele sigweme ukuzibona silungile futhi sigweme nesifiso sokuzibonakalisa silungile kunabanye?