UkuQamba Amanga
UJehova uzizwa kanjani ngalabo abangazigcini izithembiso zabo?
Bheka nale miBhalo Hu 15:4; Mat 5:37
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Eks 9:27, 28, 34, 35—UFaro uyavuma ukudedela ama-Israyeli ahambe, kodwa akasigcini isithembiso sakhe
-
Hez 17:11-15, 19, 20—UJehova ujezisa iNkosi uZedekiya ngoba ingasigcinanga isivumelwano esenze nenkosi yaseBhabhiloni
-
IzE 5:1-10—U-Ananiya noSafira baqamba amanga bathi bayilethe yonke imali ebandleni abayithole lapho bethengisa insimu
-
UJehova uzizwa kanjani ngabantu abanyundela abanye?
Hu 15:1-3; IzA 6:16-19; 16:28; Kol 3:9
Bheka nale miBhalo IzA 11:13; 1Ti 3:11
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
2Sa 16:1-4; 19:24-30—UMefibhosheti othembekile unyundelwa isikhonzi sakhe uZiba
-
IsA 12:9, 10—UDeveli noma uMnyundeli, uhlale emangalela izinceku zikaNkulunkulu
-