UkuTadisha
Kungani umKristu kufanele atadishe iZwi likaNkulunkulu njalo?
Hu 1:1-3; IzA 18:15; 1Ti 4:6; 2Ti 2:15
Bheka nalo mBhalo IzE 17:11
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Hu 119:97-101—Umhubi ophefumulelwe ukhuluma ngendlela awuthanda ngayo umthetho kaNkulunkulu nangezinzuzo zokuwusebenzisa ekuphileni kwakhe
-
Dan 9:1-3, mbhw.—Njengoba etadisha izincwadi ezingcwele, umprofethi uDaniyeli uyakwazi ukubona ukuthi ukudingiswa kwama-Israyeli kweminyaka engu-70 sekuzophela
-
Kungani kudingeka siqhubeke sifunda?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
IzA 4:18—Njengokukhanya okukhulu kwasekuseni okuya kukhanya nakakhulu, uJehova uyaqhubeka ewembula amaqiniso eBhayibheli kulabo abamthandayo
-
Mat 24:45-47—UJesu ubikezela ukuthi uzobeka ‘inceku ethembekile neqondayo’ ezonikeza izikhonzi zakhe ukudla okungokomoya ngezinsuku zokugcina
-
Kungani kufanele sikubheke njengokuyigugu ukuhlakanipha okuseBhayibhelini kunalokho okutholakala ezincwadini ezibhalwe abantu?
UJehova ubathembisani labo abalitadisha ngokusuka enhliziyweni iBhayibheli?
Yini okudingeka siyithandazele uma sifuna kusizuzise ukutadisha iBhayibheli?
Bheka nalo mBhalo Hu 119:66
Kungani kufanele sikusebenzise ngokugcwele ukudla okungokomoya esikunikezwa ‘inceku ethembekile neqondayo’?
Kungani kufanele silufune ulwazi olunembile futhi sinake konke lokho iBhayibheli elikufundisayo?
Kubaluleke kangakanani ukuthola ukuhlakanipha nokuqonda?
Kungani kufanele sifunde singajahi futhi sicabangisise ngalokho esikufundayo?
Kungani kufanele sicabange ngendlela iZwi likaNkulunkulu okufanele silisebenzise ngayo ekuphileni kwethu?
Kungani kufanele siyicabangisise indlela esizobaxoxela ngayo abanye lokho esikufundile?
Kungasisiza ngani ukulokhu sitadisha amaqiniso eBhayibheli abalulekile?
-
Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza
-
Dut 6:6, 7; 11:18-20—UJehova uyala abantu bakhe ukuba bagxilise amazwi akhe ezinganeni zabo nokuba bazifundise amazwi akhe ngokuphindaphinda
-
Kusiza ngani ukuxoxa ngeZwi likaNkulunkulu njengomndeni?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Gen 18:17-19—UJehova ufuna u-Abrahama afundise umndeni wakhe ukulalela uJehova nokwenza okulungile
-
Hu 78:5-7—Kwa-Israyeli, kulindeleke ukuba isizukulwane ngasinye sifundise esilandelayo ukuze isizwe siqhubeke sithembela kuJehova
-
Ukufunda nebandla kusisiza kanjani?