UkuThanda Imali
Ingabe iBhayibheli liyakwenqabela ukuba nemali noma liyabalahla labo abanayo?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
1Kh 3:11-14—UJehova ubusisa iNkosi uSolomoni ngengcebo eningi ngoba ithobekile
-
Job 1:1-3, 8-10—UJobe udla izambane likapondo kodwa ubudlelwane anabo noJehova bubaluleke kakhulu kuye
-
Kungani ukuzifunela ingcebo eningi nokuqongelela izinto kunganelisi futhi kungasiniki ukuthula?
Ingcebo ayilusizo lwalutho, ngaziphi izindlela?
Iyiphi ingozi enkulu eza nemali nokuziqongelelela izinto?
Ingcebo ingasikhohlisa kanjani?
IzA 11:4, 18, 28; 18:11; Mat 13:22
-
Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:
-
IzE 8:18-24—USimoni uba yisiwula, uzama ukuthenga isikhundla ebandleni lobuKristu
-
Ukuthanda imali kungasilahlekisela ngani?
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Mar 10:17-23—Insizwa ecebile ezithanda ngokweqile izinto zayo iphuthelwa ithuba lokulandela uJesu
-
1Ti 6:17-19—Umphostoli uPawulu uxwayisa amaKristu acebile ukuba agweme ukuzikhukhumeza, okungawalahlekisela ngomusa kaNkulunkulu
-
Ukuthanda imali kungaluqeda kanjani ukholo lomuntu, kumenze alahlekelwe umusa kaNkulunkulu?
Dut 8:10-14; IzA 28:20; 1Jo 2:15-17
Bheka nale miBhalo Hu 52:6, 7; Amo 3:12, 15; 6:4-8
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Job 31:24, 25, 28—UJobe uyiqonda kahle ingozi yokubeka ithemba lakhe engcebweni ngoba kuzomenza angathembeli kuNkulunkulu
-
Lu 12:15-21—UJesu ukhuluma ngomuntu oziqongelelela umcebo kodwa engacebile kuNkulunkulu ukuze axwayise ngokuthanda imali
-
Singaneliswa kanjani yilokho esinakho?
Iyiphi ingcebo ebaluleke kakhulu ukwedlula imali nezinto esinazo futhi kungani?
IzA 3:11, 13-18; 10:22; Mat 6:19-21
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Hag 1:3-11—UJehova usebenzisa umprofethi uHagayi ukuze atshele abantu bakhe ukuthi ngeke esababusisa ngoba abakusekeli ukukhonza uNkulunkulu ngeqiniso kodwa basebenza kanzima ukuze nje bazakhele imizi yabo, banethezeke
-
IsA 3:14-19—UJesu usola ibandla laseLawodikeya ngoba lithanda kakhulu imali kunokukhonza uNkulunkulu
-
Kungani kufanele simethembe uJehova ukuthi uzosinika esikudingayo ukuze siphile?